Umkhakha wezomculo wokholo ugqemeke engeqiwa ntwala


Kukhona ukuvumelana ukuthi umufi uSifiso Ncwane uyibekile induku ebandla yize ebeseliklume
NGESIKHATHI izwe likhumbula usuku mhla zi-5 kuZibandlela nokwedlula ngalo emhlabeni lowo owaba nguMengameli wokuqala Wentando Yeningi kuleli uDkt uNelson Rolihlahla Mandela, izwe libe nokushaqeka ukuthi ngalo lolu suku umculi wezokholo odumile uSifiso Ncwane usedlulile emhlabeni ngemva kokuxinywa izinso, eshonela esibhedlela saseGoli nalapho ebeyocula khona njengokomsebenzi wakhe.
Uzalelwe eMthwalume zingama-21 kuMbasa we-1979 kanti ukucula ukuqale eneminyaka eyisishiyagalolunye ethanda wona kanye umculo wokholo.
Uqophe icwecwe lakhe lokuqala neBula Music ngaphansi kwesandla somkhiqizi uTshepho Nzimande. Ecwecweni lakhe elithi, Inombolo Yasezulwini waqopha ndawonye noVuyo Mokoena noZodwa Twecu. Uke waqopha nenkampani i-EMI Records lapho aqopha khona icwecwe elithi, Baba Ngiyavuma. Ube ngumculi wokuqala womculo wokholo ukudlala bukhoma kuSABC1 Live Amp.
Ngonyaka wezi-2013 uzuze indondo iSouth African Music Award 19, eculweni lonyaka elidle ubhedu. Uzivulele inkampani yakhe esezimele iSifiso Ncwane Productions nabeseziqophela ngaphansi kwayo. Ubesevule iSifiso Ncwane Bursary Foundation. Uke waqokwa njengeBest Gospel Artist in Southern Africa kuma-AGMA eLondon. Ngowezi-2016 uzuze indondo yeSouth African Music Award for MTN Best Selling Mobile Music Download.
Phakathi kwamacwecwe awaqophile kukhona iVula Amasango, iBaba Ngiyavuma, iKulungile Baba, iBayede Baba neWethembekile Baba.
Wedlule emhlabeni ngoMsombuluko eshiya umkakhe u-Ayanda Ncwane abeshade naye iminyaka eyisishiyagalolunye nezingane zakhe uNgcweti noMawenzokuhle. Ubezalwa nguMnu uDavid Wewe Zikhali noMama uFikile Ncwane.
Iculo lakhe elithi, Kulungile Baba libe ngelithandwa kakhulu emculweni wezokholo ladayisa ngaphezulu kwezi-300 000 nokube umlando emculweni wezokholo! Leli culo waliqopha kwangathi ulungiselela izwe ngokuhamba kwakhe uma ulandela izinhlamvu zalo. Kuningi okumele intsha yakithi ezimisele ukuphumelela kwezobuciko ikufunde kuSifiso Ncwane njengokwazi ukuba nesibindi sokuzimela azisungulele inkampani yakhe futhi ibe impumelelo kanye nokwazi ukusebenza ngokubambisana nomkakhe kule mboni yezobuciko engumshikashika. Uwukhulise kakhulu umculo wezokholo kuleli nokuyiwona osadayisa kakhulu ukwedlula zonke izinhlobo zomculo bese ulandelwe okamaskandi.
Inkonzo yomngcwabo wakhe izobanjelwa eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo mhla zili-10 kuZibandlela wezi-2016 kusukela ngehora leshumi nanye.
Impela imboni yezobuciko igqemeke engeqiwa ntwala. Sivumelana noNgqongqoshe Wezobuciko uMnu uNathi Mthethwa lapho ezwakalise ilaka lakhe ethi lokhu kufana nesilonda esibuhlungu esizumayo embonini yezobuciko ikakhulu emculweni wezokholo.