Seziyime emthumeni eNquthu naseMzinyathi


Kuseyinkombankombane phakathi kwabepolitiki nomnyango umphakathi wona usakhungathekile
NGESIKHATHI lapho omasipala abaningi KwaZulu-Natal begubha izinsuku ezili-100 zokulethela imiphakathi yawo intuthuko nezidingo, kucwebe isiziba komasipala iNquthu noMzinyathi KwaZulu-Natal. Lokhu sekwenze nemiphakathi yakulabo masipala yanokwesabela ikusasa elingaziwa. Okubuhlungu wukuthi kwenzeka lokhu nje, bona bayiqatha indima yabo ngesikhathi bevota njengawo wonke umuntu.
Osekujiyisa ukukhuluma kulolu daba wumdonsiswano osukhona phakathi kwamaqembu ezepolitiki kanjalo noMnyango osingethe izindaba zomasipala KwaZulu-Natal. IBAYEDE ikhulume nezinhlangothi ezithintekayo ngenhloso yokuthola umyombo walokho okubangwayo. Amaqembu aphikisayo akhala ngokuthi uMnyango iCogta ulala siphuku sinye ne-African National Congress (ANC) nayisola ngokuthi yiyo edala inxushunxushu ngoba ingafuni ukuphunyukwa yivenge njengoba bonke omasipala ababalwayo bekukhonya yona okuthe kungavotwa mhla zi-3 kuNcwaba nonyaka kwaguquka ukukhuluma. Kumaqembu aphikisayo akhalayo kukhona i-Inkatha Freedom Party (IFP), iDemocratic Alliance (DA) ne-Economic Freedom Fighters (EFF).
Obeqokelwe ukuba yimeya yalo mkhandlu emele i-IFP, uMnu uMabilabila Kunene uthi inkinga iqale ngesikhathi amakhansela amabili e-EFF kanye namakhansela amabili eNational Freedom Party (NFP) beyisana ezinkantolo kubangwa ubukhansela. Amakhansela e-EFF abebanga nguMnu uMalibongwe Mdletshe obebhekene ngeziqu zamehlo noNks uSinenhlanhla Ntshangase. Kuthi kuNFP amakhansela abebanga kube nguMnu uSicelo Mkhize obebanga noNks uThuli Nhlebela.
“UMphathiswa Wezokubusa Nokubambisana Nezomdabu, uNkk uNomusa Dube-Ncube ehlangene ne-ANC basebenzise lelo thuba ukuvimba ukuhlala koMkhandlu ngoba bethi akuze kuxazululwe amacala asezinkantolo. Manje ukubambezeleka kokuhlala koMkhandlu waseNquthu kugcine sekuba nomthelela nasekuhlaleni koMkhandlu omkhulu uMzinyathi ngoba kwakufanele kuphume eNquthu abantu abangama-60% okungabantu abayisi-5 ebebezoyohlala kuMasipala Omkhulu Umzinyathi. Ngenxa yokuthi asikhethile eNquthu noMzinyathi awukwazi ukukhetha. Yingakho nakhona kujamile,” kusho uMnu uKunene.
Ngokwezibalo iqembu le-IFP lathola izihlalo ezili-15 kwathi iqembu le-ANC lathola ezili-14, iDA ne-EFF bathola esisodwa, iNational Freedom Party (NFP) yona yathola ezimbili.
“Ngenxa yokuthi sikhathazekile ngokubambezeleka kwentuthuko yomphakathi sizamile namanye amaqembu aphikisayo ukuba siqale ukukhetha izikhulu ezizongena kwaMasipala okubalwa, nesikhundla sikaSomlomo, kodwa i-ANC yanquma ukungalibambi iqhaza. Saqhubeka nokukhetha njengoba ngaqokwa njengeMeya yoMkhandlu. UNkk uDube-Ncube wathi ukukhetha kwethu akukho emthethweni ngoba i-ANC yayingekho,” kusho uMnu uKunene.
UMnu uKunene uthi bona njengoMkhandlu ukuqoka izikhulu bakulungela kusukela ngomhla zili-12 kuMfumfu ngowezi-2016 ngemuva kokuphuma kwezinqumo zenkantolo mayelana nalabo ababefakane ezinkantolo. Ngokwamaphepha asenkantolo uMnu uMkhize ngomhla zili-10 kuMfumfu inkantolo yanquma ukuthi nguyena ikhansela elisemthethweni. Kwathi ngomhla zili-12 kuMfumfu inkantolo yaphinda yanquma ukuthi uMnu uMdletshe nguyena ikhansela elisemthethweni.
“Ngisho nawo la makhansela okunguMnu uMkhize noMnuz uMdletshe asafungiswa, kodwa samangala uma uNkk uDube-Ncube esevele efaka uMkhandlu wethu ngaphansi koMlawuli (Administrator) ngoba ethi siyehluleka ukukhetha abazogcwalisa lezi zikhundla eziphezulu kube kungenjalo. UMlawuli waseMzinyathi nguMnu uSicelo Duma bobabili ebebesenza KwaCogta,” kuqhuba uMnu uKunene.
UMnu uKunene uthi bayabona ukuthi leli yiqhinga labaholi be-ANC lokubambezela ukuba lo Masipala usebenze ngaphansi kwe-IFP ngoba iqembu elibusayo lesabela ukuthi kuzovumbuluka inkohlakalo ebeliyenza.
“UMlawuli uMnu uZ.J. Mkhize kwathiwa ulethelwe ukuzoselekelela ukuba sikwazi ukukhetha abazogcwalisa lezi zikhundla eziphezulu kodwa manje naye usethule,” kusho uMnu uKunene. Uqhuba uthi, “Singamaqembu aphikisayo okubalwa neNFP sisayinde incwadi yesikhalo mhla zingama-25 kuLwezi sayithumela kuMnu uZ.J. Mkhize simcela ukuba uMkhandlu uhlale ngomhla zi-2 kuZibandlela ukuze sikwazi ukukhetha abazogcwalisa lezi zikhundla uvele wasiziba. Manje kuyacaca ukuthi ngeke uhlale lo mhlangano wakusasa (ngoLwesihlanu),” Lo Mkhandlu waseNquthu obangwa kangaka unezigceme ezili-17.
USihlalo Kazwelonke we-IFP, uMhlonishwa uBlessed Gwala uthi isizathu sokuba kuvinjwe ekutheni i-IFP iphathe labo Masipala yingoba i-ANC yesabela ukuthi kuzovumbuluka umkhonyovu abawenzile okubalwa nomkhonyovu wethenda yamanzi. “NjengeIFP simatasa sibheka izindlela zokuya enkantolo manje,” kusho uMhlonishwa uGwala. Obuye wathi, ngeSonto bahlele umhlangano ophuthumayo nobuholi be-IFP baseNquthu abahlose ngawo ukubhunga ngendlela eya phambili.
“Siyezwa ukuthi manje sebehlela ukuba kuqalwe phansi ukhetho, njengoba sekukhona asebeqale ukukhankasa. Sishaya phansi ngonyawo, ngeke sikuvume lokho,” kuphetha uMhlonishwa uGwala.
Usihlalo weDA KwaZulu-Natal, uMnu uZwakele Mncwango naye uhambe emagameni kaGwala ngokukhomba ngenjumbane uNkk uDube-Ncube ukuthi nguye oyimbangela yokungasebenzi koMkhandlu waseNquthu nowaseMzinyathi.
“Konke lokhu akwenzayo ngokufaka aBalawuli kule Mikhandlu akukho emthethweni ngoba kunezigaba ezilandelwayo ngaphambi kokwenza lokho. Okokuqala uNkk uDube-Ncube akakaze axhumane neNational Council of Provincess (NCOP) ngesinqumo sakhe sokufaka aBalawuli. Ngakho konke lokhu akwenzile akukho emthethweni. Empeleni umuntu ogunyaza ukuba umasipala ufakwe ngaphansi koMlawuli nguNgqongqoshe Wezokubusa Nokubambisana kodwa lapha naye akakaze athintwe, kodwa uNkk uDube-Ncube uvele wazenzela ngesingaye,” kusho uMncwango.
Ebuzwa uMncwango ukuthi pho kungani bemyekile bangamyisa enkantolo njengoba behlale benza.
“Empeleni sasifuna ukuya enkantolo ukuyofuna incwadi yesivimbelo kodwa sabuye sayeka ngoba sicabanga ukuthi uyazisabisela ngoba sazi ukuthi unabeluleki bezomthetho abazomtshela ukuthi lokhu akucabangayo akukho emthethweni kanti siyazikhohlisa uzokwenza ngempela. Kuyacaca ukuthi lukhulu olufihlwayo laphaya olusazovela maduzane,” kuqhuba uMnu uMncwango.
Uqhuba uthi beyiDA ngeke baphumule lolu daba lungalungisiwe. “Lolu daba sizolulwa kuze kube sekugcineni ngisho nasezinkantolo sizimisele ukuya khona. Phela umphakathi waseNquthu ukhulumile ngevoti lawo ukuthi awusayifuni i-ANC emandleni ngenxa yenkohlakalo. Okwesibili uMkhandlu waseMzinyathi ubungahlangene nale nkinga ngoba i-IFP yanqoba ngamalengiso kodwa nawo awusebenzi ngenxa yokwenzeka eNquthu,” kusho uMnu uMncwango.
UMnu Ngubane obeqokwe njengeMeya yaseMzinyathi uthi empeleni ukubambezelwa kokukhetha kweNquthu kuhloswe ngakho ukuvikela uMzinyathi. “Bayazi ukuthi inkulu inkohlakalo eyenzeke eMzinyathi kusaphethe uMfundisi uJames Mthethwa. Sizwa kuthiwa kunezikhulu ezithengelwe izindlu zikanokusho namapulazi. Kuthiwa futhi kunomkhonyovu wamathilagi athutha amanzi okwathiwa kuqashwe angama-50 kodwa kwatholakala ukuthi angama-35 kuphela ekubeni kukhokhelwa angama-50. Kunemali yesabelo soMkhandlu iMunicipal Infrastructure Grant eyizigidi ezingama-R40 okungaziwa ukuthi yashonaphi,” Ngisho bangazama kanjani ukucasha ngesithupha ngeke baphumelele ngoba sibaqaphe ngelokhozi,” kusho uMnu uNgubane
Umnyango uyaziphungela
Okhulumela uMnyango iCogta, uMnu uLennox Mabaso uzichithe njengembudane izinsolo ezenziwe ngamaqembu aphikisayo ukuthi uMphathiswa uDube-Ncube uzama ukwemboza inkohlakalo ngokuvimba ukuba kungene i-IFP eMzinyathi naseNquthu. “Empeleni uNgqongqoshe akavelanga wazithathela isinqumo sokufaka le Mikhandlu ngaphansi koMlawuli kodwa waphoqwa yiSishayamthetho esathi akangenelele ngoba kungasebenzeki kule Mikhandlu ngenxa yemibango yamakhansela obese ubhuntshise imihlangano yokukhetha ubuholi izikhawu ezinhlanu,” kusho uMnu uMabaso. Nokho uvumile ukuthi bawutholile umbiko ngoMlawuli izolo ukuthi amaqembu aphikisayo eNquthu amthumele incwadi ngoLwezi bethi sebekulungele ukuhlala njengoMkhandlu.
“Ngebhadi ke leyo ncwadi ayikafiki kuMphathiswa uNomusa Dube-Ncube ukuze ayibone. Kodwa-ke phela nathi njengoMnyango siyakwazi ukuzibonela uma isimo sesilungile. Okwamanje asikalungi,” kuqhuba uMnu uMabaso okhwele wadilika kulabo abagxeka uMphathiswa uDube-Ncube ngokuthi ufukamele inkohlakalo eMzinyathi.
“Uma kukhona abanobufakazi abeze ngaphambili noma bayovula amacala, noma abaye kuMvikeli Womphakathi. Abayeke ukuyokhuluma emaphepheni ngoba amaphepha awaphenyi nkohlakalo. Ngiyazi kukhona abazama ukwenza uMphathiswa iyoyo yabo,” kuqhuba uMnu uMabaso.