Now Reading
Ukhetho ngaphandle kukaMugabe noTsvangirai
Dark Light

Ukhetho ngaphandle kukaMugabe noTsvangirai

 

Uvuthondaba eZimbabwe njengoba wonke amehlo ezobe ethe njo ekuthini uMengameli uMnangagwa uyabuyela yini esihlalweni sokuhola izwe

 

ULwezi nyakenye uzongena emlandweni wepolitiki yase-Afrika njengesiqalo sekhasi elisha eZimbabwe. Ngalesi sikhathi leli lizwe lazithola selingenaye uMengameli uMugabe obesephethe izwe iminyaka engama-30. Esiwombeni esabe singalindelwe muntu uMengameli uMugabe wagquzwa esikhundleni ngozakwabo  kwezempi ngaphansi komkhankaso obizwa nge-Operation Restore Legacy.

Ngokusho kwabaholi balo mkhankaso  ababekwenza kwakunezinhloso  “zokuvikela isithunzi somzabalazo kanjalo naleso sikaMugabe owayengumholi walowo mzabalazo”. Lapha uMugabe kuthiwa wabe evikelwa kosomathuba abahlanganisa umkakhe nabathile eqenjini ababezicebisa nababedala udungunyane ngaphakathi eqenjini.  Umphumela wokugudluzwa kukaMugabe esikhundlelni  kwaba wukuthatha kukaMengameli wesikhashana uMnu u-Emmerson Mnangagwa owayenguSekela Mengameli.

Phakathi kwezinto aqala ngokuzenza lo mholi kwaba wukuthembisa  umhlaba ukuthi ukungena kwakhe esikhundleni kusho isiqalo esisha, okuwukuthuthuka komnotho nokuqashelwa kwamalungelo abantu kuleliya lizwe. Wamukelwa ngamazwe omhlaba nazibophezela ekumnikeni ithuba lokuba “aguqule izinto” eZimbabwe. Okunye akwenza kwaba wukuklomelisa lowo owayesekhaleni lokududula uMugabe uJenene uConstantino Chiwenga namgixabeza ngesikhundla sikaSekela Mengameli.

Okunye akwenzayo kwaba wukudala ubudlelwano obungcono neqembu eliphikisayo iMovement for Democratic Change (MDC). Yize kwahumusheka njengomdlalo wepolitiki, ukubonakala kukaMnangagwa emzini kamufi uMnu uMorgan Tsvagirai kwaveza uguquko embusazweni wakuleliya lizwe. Konke lokhu sekuzofika kuvuthondaba njengoba sekumenyezelwe ukuthi izwe lizoya okhethweni mhla zingama-30 kuNtulikazi. NgokoMthethosisekelo wezwe kulolu khetho izakhamuzi zizokhetha uMengameli namalungu ePhalamende. Ngokombiko wenhlagano eyengamele ukhetho ngonyaka owedlule ngoMfumfu ayengama-75 amaqembu ayebhalisile kanti ngokwemibiko yakamuva kuthiwa la maqembu asenyukele kwali-112.

See Also

Kulindeleke ukuba kuthutheleke izingqapheli ezivela emazweni nasezinhlanganweni ezehlukene nezizobe zizobheka ukuthi ngabe ukhetho luqhutshwe ngokuyikho yini. Okunye lezi zingqapheli ezizobe zizokufakaza wukuthi engabe iqembu likaMnangagwa lizokwamukela yini ukwehlulwa uma abavoti bekhethe amanye amaqembu.

Nokho ingcindezi ayikho kuphela kuZANU-PF kepha nakuwo amaqembu aphikisayo okubukeka enhlakanhlaka. Ukudlula emhlabeni kukaTsvangirai kufake iMDC enkingeni njengoba yize isinomholi omusha uMnu uNelson Chamisa akubona bonke abavumelana nobuholi bakhe. Ngakolunye uhlangothi umkhankaso walowo owayeyilungu lokuqina leZANU-PF, iSekela Mengameli nembangi kaMugabe, uNkk uJoice Mujuru  ubukeka usuphelelwe wugazi.  Konke lokhu nokunye kwenza ukhetho oluzayo lube ngolumqoka nolungafaka hhayi kuphela esikalini ubuholi bepolitiki kepha nabantu baseZimbabwe ekutheni ngabe ababengamfuni nguMugabe kuphela noma nguMugabe neqembu lakhe.

Scroll To Top