Now Reading
UMashaba akanike ithuba abaphesheya
Dark Light

UMashaba akanike ithuba abaphesheya

Elakuleli linenjini egila ezimanga eNetherlands, kungani ingasetshenziswa

 

OKUQAPHELEKAYO wukuthi amazwe ali-10 ahamba phambili ekuklelisweni kunobhutshuzwayo e-Afrika afukulwa ngabadlali abazinze phesheya kwezilwandle ikakhulukazi e-Europe. Nakuba lokhu kushiya igebe elikhulu kumaligi amaningi asezingxenyeni ezahlukene kuleli zwekazi kodwa amava laba badlali ababuya nawo selekelela kakhulu emaqenjini esizwe.

Izihlabani ezifana noDidier Drogba wase-Ivory Coast, uSamuel Eto’o waseCameroon, uJay Jay Okocha waseNigeria, uBenni McCarthy wakuleli, uSeydou Keita waseMali ukubala abambalwa baliphakamisile ifulegi le-Afrika ezingeni lo mhlaba kwezikanobhutshuzwayo, bafike bagqama nakwawesizwe lapho beqhamuka khona.

ISouth African Football Association (SAFA), iqhamuke nesu elizovuselela izinkulisa ezikhiqiza abadlali abazoba yingxenye yelesizwe eminyakeni ezayo. Leli su balethe ngelithi iVision 2022. Le nhlangano inethemba lokuthi lizolekelela awesizwe akwazi ukumelana nezingqungqulu zomhlaba.

Nakuba lezi zinkulisa ezinye zazo zingakabonakali, egqame kakhulu okwamanje iMultiChoice Diski Challenge (MDC), edlalwa esigabeni sePremier Soccer League (PSL). Lapha amaqembu ali-16, anikeza ithuba abadlali abasebancane nabangasitholi isikimu eqenjini elikhulu ukuba bathole ukudlala, ngenhloso yokuvundulula amakhono.

Izithelo seziqalile ziyabonakala kuMDC njengoba uMenzi Masuku oke wadlala ku-Orlando Pirates enza ezibukwayo eqenjini lesizwe lika-Under 23 elicijwa ngu-Owen Da Gama. Omunye ngu-Emmanuel Letlotlo ophuma enkulisa yeKaizer Chiefs  nokuthe kule sizini yezi-2016/17 wakhushulelwa eqenjini elikhulu njengoba edume ngokungalibheki ipali. Nakuba iVision 2022, ibukeka isemgqeni – kusavela ukuthi isikhala sabadlali abadlala phesheya kwelesizwe, iBafana Bafana sisekhona.

Ngesikhathi uGordon Igesund ecija elesizwe kusuka ngowezi-2012 kuya kowezi-2014, uzihluphile ngokufuna abadlali bakuleli abazinze phesheya kwezilwandle. Ubebalekela ukufunzwa ngabadlali abangekho ezingeni alifunayo ngalabo abaqashwe yiSAFA ukuvundulela amakhono.

Izithelo zibonakele ngesikhathi lo mqeqeshi evundulula insika yeBafana Bafana, uDean “Mlungu” Furman amthola ku-Oldham Athletic  eyibamba ku-English Championship. Nakuba uFurman agcina ebuyile weza kuleli njengoba esegijima kuSupersport United, iningi ngabe kalimazi ukuba u-Igesund akazange azihluphe ngokuya phesheya kwezilwandle ayombona.

UMengameli weSAFA, uDanny Jordaan usanda kucashunwa ngeledlule ethi umqeqeshi weBafana Bafana, u-Ephraim “Shakes” Mashaba, selokhu athatha izintambo akakaze afake incwadi yesicelo sokuya phesheya kwezilwandle ayobuka abadlali bakuleli emazweni ahlukene. Kuliqiniso ukuthi ukubheka abadlali akusiwona umsebenzi kaMashaba, kepha kuhle njengomqeqeshi ukubophela abadlali obaziyo noke wababona bedlala, njengoba enza u-Igesund.

Izikhuni kumanje uMashaba angaphemba ngazo kwelesizwe ezidlala phesheya kwezilwandle ezidabuka kuleli, singabala uKamohelo Mokotjo (25) odlala kuFC Twente, eNetherlands. Le nsizwa idabuka e-Odendaalsrus, eFree State, ngesizini edlule bekuyiyona ebiphasa ibhola kahle kunabo bonke abadlali kuleliya lizwe. Kuyichilo-ke ukuthi iBafana Bafana ayimboni engayisiza lo mdlali, okuthe kule sizini wagixabezwa iFC Twente ngebhande lobukaputeni.

“Angiphiki ukuthi kuthiwa uyadlala phesheya. Engikubuzayo kinina zintatheli ukuthi ngikhiphe bani ukuze kudlale yena?” amazwi uMashaba awasho kwabezindaba  ebuzwa ngoMokotjo  ngaphambi komdlalo neGhana ngoLwesibili. UMokotjo ugcine ngokufaka incwadi eveza ukungenami ngomqeqeshi emsola ngokungamsebenzisi. Uqome ukuthi angaphinde azimbandakanye nelesizwe inqobo nje uma  uMashaba esaqhoqhobele esokucija elesizwe.

See Also

Omunye umdlali uMashaba okumele ayibuyekeze indaba yakhe uKermit Erasmus (26) odlala kuLigue 1, eFrance, kuRennes.  Sekukaningana ezithangamini zabezindaba uMashaba eveza ukuthi amathuba elesizwe liyawenza kepha kushoda umgadli  ozowavalela phakathi.  U-Erasmus uzivezile edlalela iSupersport United ne-Orlando Pirates kuleli. Uma elesizwe lishoda ngomgadli, yini okudala ukuthi azitshwe. Naye ugcine ngokulibeka ngembaba elokuthi akasophinde abonakale edlubhe eleBafana Bafana uma uMashaba esengumqeqeshi.

Amazwe ayishumi ahamba phambili e-Afrika abophela ingxenye enkulu yabadlali abayibamba phesheya eqenjini eliqala umdlalo. Lawo mazwe singabala kuwona i-Ivory Coast (ompetha base-Afrika ababekwe endaweni yokuqala kuleli zwekazi), i-Algeria, iSenegal, iTunisia, iGhana, iCongo DR, i-Egypt, iCongo, iMali neMorroco.

Kunombono kwabanye othi  isizathu esidala ukuthi iningi labadlali basenhla ne-Afrika libe liningi e-Europe sidalwa wukuthi asondelene nayo. Nakuba amanye alamazwe ayengaphansi kombuso wengcindezelo emazweni athize aphesheya ahlonishwayo ebholeni lokho kakusho ukuthi iBafana Bafana kakumele ikholelwe kubadlali bakuleli abadlala phesheya. Izinga lokudlala e-Europe kalifani nelePSL nakancane. Kuzokwelekelela ukuthi uMashaba abheke kwabaphesheya ngoba sekucacile ukuthi likhulu iqhaza abangalibamba kwelesizwe. Izikhalo ezifana nokuthi kababaningi abadlali bakuleli abadlala kumaligi amakhulu emhlabeni, ziyohleze zikhona.

Kwenye yamaligi ahlonishwayo emhlabeni i-English Premier League kuliqiniso ukuthi okwamanje uyedwa vo umdlali wakuleli odlala kuyona, okunguSteven Pienaar, ogijimela iSunderland. Nakuba lokhu kungehli kahle futhi kufaka ehlazweni iNingizimu Afrika, kodwa kumele sikuqonde ukuthi ukuyodlala ku-EPL kunemithetho ethize. Omunye wawo ngukuthi umdlali kufanele abe nemidlalo eyisibalo esithize eqenjini lesizwe langakubo ukuze ezokwazi ukudlala emaqenjini akhona. Umbuzo-ke uzothi uma abadlali bakuleli bengakhethwa, beshaywa indiva kuBafana Bafana bazodlala kanjani kulesi sigaba?

Izihlabani ezifana noBenni McCarthy, uQuinton Fortune, uLucas Radebe, u-Andre Arendse, uJohn “Shoes” Moshoeu noShaun Bartlett bayakufakazisela ukubaluleka kwabadlali abadlala phesheya kwelesizwe njengoba amava abo abonakala kuBafana Bafana eminyakeni edlule.

Scroll To Top