Now Reading
UZulu uthi akugezwe iSihlalo
Dark Light

UZulu uthi akugezwe iSihlalo

IKhomishana ithi ayinawo amandla okuphenya abezindaba ababike amawuwa ngeSILO. UMkhandlu Wabezindaba ugeza izandla uthi ngeke usalubheka lolu daba

 

KUNGENZEKA ukuthi akuvelanga kwagqama kwabezindaba njengoba kwakunjalo mhla kunezinsolo. Ngesonto eledlule iKhomishana YamaLungelo Esintu eholwa ngu-Advocate uLawrence Mushwana ikhiphe isinqumo esingujuqu odabeni oluthinta udlame phakathi kwezakhamuzi zakuleli kanye nabokufika. Kulo mbiko iKhomishana ithe inkulumo yeSILO esayenza oPhongolo yayingaphaki impi. Nokho kube kuningi okumangazile ngalo mbiko. Lo mbiko kuzwakale usuthelwe amanzi kunalowo owabe ukhishiwe, owawubizwa ngowesikhashana. IKhomishana ivumile ukuthi akuhumushekanga kahle okwabe kushiwo yiSILO kususwa olimini lwesiZulu kuya kolwesilungu. Ivumile futhi ukuthi kubantu esakhuluma kubo ISILO akubanga nokuhumusha ukuthi sithi akudliwe abantu (kube nempi noma bashaywe). Lokhu kubukeka kuhambisana nesethulo esenziwa yithimba leSILO kanjalo nezinkulumo zabaholi abafana noNdunankulu kaZulu uMntwana wakwaPhindangene, uSihlalo weNdlu yamaKhosi, iNkosi uChiliza kanye neNkosi yesizwe sakwaGumbi, uMbhekiseni Gumbi owayekhona ngalelo langa.

Exoxa neBAYEDE uSomkhanda (abakwaGumbi) uthe lokhu okwenzekayo kumfikisela umunyu ngoba ISILO sathelwa ngehlazo abantu behumusha okungeyikho. “Njengoba ngangiwufakazi wokuqala owabe ekhona ngelanga iSILO sethula inkulumo yaso eyabe inohlonze ngizwa ubuhlungu ukuthi ngenxa yobudedengu kwabezindaba iSILO nesizwe sonke sabe sesibhecwa ngento eyabe ivutha umlilo ngaleso sikhathi. Namuhla iKhomishana isisho lokhu esabe sikusho, lokhu kwaqala lolu daba” kuphetha uSomkhanda.

Okuxakayo ngombiko wukuthi u-Advocate uMushwana  odabeni lwabezindaba uthi, ‘akanawo amandla’. Wabe esephakamisa ukuthi ezinye izinhlaka ezimele abezindaba zibuke ukuthi zingalwenza yini uphenyo olunzulu. Lokhu kuyaxaka ngoba iKhomishana lena inamandla ukwedlula zonke izinhlaka ezikhona njengoba iyingxenye yoMthethosisekelo nokufakazelwa yisinqumo sakamuva ecaleni elabe lithinta iHhovisi loMvikeli Womphakathi kanye noMengameli uZuma nayilapho iNkantolo yaqinisekisa amandla ezinhlaka ezifana neKhomishana kaMushwana.

UMehluleli uJerome Ngwenya owayehola ithimba leSILO labathathu elabe lwelusa lolu daba ubabaze ukungapheleli kombiko. “Yize sikwamukela ukuthi umbiko usuphumile ngabe senza iphutha uma singaphawuli ngokudumala kwethu ngezinto ezithize ezimqoka. Okokuqala lo mbiko usuthathe isikhathi esingaphezu konyaka ukuthi ukhishwe nokumangazayo ngoba ngesikhathi kuqalwa uphenyo kwakhulumeka sengathi kunesimo esiphuthumayo nokuyinto esabe siyiqonda sonke. Okwesibili, sadumala ukuthi uSihlalo weKhomishana uwukhipha nje umbiko akakaze awubikele ummangalelwa, okuyiSILO. Inqubo ithi abathintekayo abawuthole umbiko ungakethulelwa izwe, asazi ukuthi bese kwenzenjani iSILO singanikezwa leyo nhlonipho.

“Okwesithathu sidumele ukuthi iKhomishana ize iyaphetha impela ingakaze ihlangane neSILO emuva kokuba inikiwe ithuba lokukwenza lokho. Njengethimba elabe lijutshwe yiSILO sayeluleka iKhomishana ukuthi kuyoba mqoka ukuthi yenze ubulungiswa ngokuthi ikhulume neSILO ukuze yonke imibuzo enayo iphenduleke. Lokho akwenzekanga. Okunye esifunde ukuthi akwenzekanga incazelo yokuthi iphi inkulumo yesiZulu ngoba lokhu iKhomishana ekhuluma ngakho yinkulumo ethi ihunyushiwe, umbuzo-ke uthi iphi eyesiZulu. Lo mbuzo umqoka ngoba iSILO sabe sikhuluma ngesiZulu kubantu basoPhongolo,” kuchaza uMehluleli uNgwenya.

Ube esengena odabeni lwabezindaba naqhubekile wabasola ngokwedukisa ngemibiko yabo wabe esetshengisa ukumangala ekutheni kungani iKhomishana ithi kayinawo amandla okubabizela esigcawini. “Kuyaxaka okushiwo yiKhomushana ngabezindaba. Okokuqala egameni leSILO sabanxusa ukuthi ababheke ukuthi ababanga budedengu yini. Saphinde sababikela ngalokhu esakufunda kuBAYEDE kokubandakanyenka kwezitolo zakwaJeena eSiphingo. Okumangazayo-ke wukuthi iKhomishana iyagxila ize ibe nombono ngabakwaJeena ivume ukuthi ukukhuluma kwaqala khona kepha isizincisha yona amandla uma sekufika ekuphawuleni ngabezindaba. Ubakhipha kanjani abantu okuyibo abaqala udaba,” kuphetha uMehluleli.

Ukugezwa kweSihlalo noZulu

USihlalo weNdlu yaMakhosi KwaZulu-Natal, iNkosi uChiliza ibabaze umhlola ngalokhu okushiwo yiKhomishana ukuthi ayikwazi ukwahlulela abezindaba. “Sekungaliphutha ukuthi abezindaba okuyibo abasakaza imibiko engelona iqiniso baphume nje kulolu daba bemsulwa. NjengeNdlu sakusho lokhu kusaqalwa nje ukuthi okwabe kubikwa ngeNgonyama kwabe kuyimbudane. Sabaxwayisa futhi ukuthi kabapheze ukwandisa amampunge ngoba lizosha izwe. Nokho baqhubeka ngoba okwabe kumqoka kubo kwabe kuwudaba lwenzuzo,” kusho uMdunge.

Odabeni lokumele kwenzeke kuya phambili uMdunge uthe: “Cha lokho kulula ngoba kukhona okwenziwayo nxa abantu bephazamile. Kulokhu-ke abezindaba baphazamile. Okumele kwenzeke wukugezwa kweSihlalo nesizwe njengoba kwaba nomlilo ezweni ngenxa yemibiko eimbudane. Sizimisele ukuhlangana nabaphathi bephephandaba elaqala konke lokhu siphinde sihlangane nezinhlangano zabo abezindaba ngoba kuningi okuyizifundo zekusasa ezingatholakala kulolu daba. Siyadinga ukubonisana ngendlela yokubika ngezindaba zabantu abadala esinombono wokuthi vele zibikwa budlabha nokuyimbangela yalokhu esikukho namuhla”, kuphetha uMdunge.

Induna yoMhlabuhlangene uNkinobho Zulu yena uthe sekungaba yiphutha ukuthi lolu daba luphele nje kungekho ojezayo “Impela kuyasimangaza ukuthi abezindaba ababenaphaza oMdala cishe nsuku zonke ebizwa ngawo wonke amagama lawa sebethule uma iKhomishana isisho okunye. Lokhu nje kukodwa kusitshela lukhulu ngabo nangezinhloso zabo. Sithi njengoba umhlahlo weKhomishana usukhiphe okunye kungakuhle iSihlalo noZulu bagezwe ukuze kwedlulwe kahle kulolu daba” kusho induna uZulu.

See Also

USihlalo woBunye Bamahostila uMnu uMthembiseni Thusi uthe: “Umbiko weKhomishana uyasijabulisa kakhulu ngoba vele uqinisekisa lokhu esabe sikusola ngaleso sikhathi kokuthi inhloso enkulu kwakuwukudayisa iphephandaba nje kusetshenziswa budedengu igama leSILO. Njengoba sekwaze kwafa nabantu kulo mdlalo wabezindaba owabazuzisa bona  kungakuhle sigezwe iSihlalo, iNdlunkulu, aMakhosi kanye noZulu. Sahlukumezeka kakhulu sithukwa singuZulu namuhla sekuthiwa akudlulwe nje ngeke impela ubulungiswa abubonakale phela.”

Okhulumela iSigungu Sentsha YabeNguni, Injeje uMnu uPhumlani Mfeka yena uthe ngalolu daba: “Kakusimangazi lokhu osekukhishwe yiKhomishana ngoba vele sasikade sishilo nathi ukuthi inkulumo yoHlanga Lwezwe kwakungeyona eyashisa izwe. Okuxakayo ukuthi yonke le milomo ebivunana incokofula iBhubesi kanye noZulu wonkana isithule, kabaxolisi ngisho ukuxolisa kithi beNguni ekubeni safakwa umunwe esweni ilanga libalele.

“Abezindaba abahlukahlukene umhlaba wonke babebhala umathanda ngeSILO baze basigagule nangegama bengasabhalile nokuthi iNkosi. Ngisho amaphephandaba aboHlanga nawo ayesekhaleni lalo mkhankaso wokwehlisa iMbube kanye noZulu isithunzi, singazi ukuthi kanti thina sazondwani kangaka ezweni lobabamkhulu. Izona zonke lezi zinto nezinye ezenza thina njengeSigungu Sentsha YabeNguni bonke sithi izwe alibuyele eMakhosini, uZulu azimele, afunde ukuzondla ukuze naye ezohlonishwa uZulu njengendoda. Kepha ngoba iLembe eliphilayo lathi ayihlale phansi ibambe umthetho, nathi senze njalo kodwa siyohlale sihuba njengoMkhulu sithi; ‘okaNdaba angazidla zonke izinkomo zamadoda uma angase asiphake’,” kuphetha uMfeka.

Ugeza izandla uMkhandlu

Ekhuluma neBAYEDE lowo ohola uMkhandlu Wabezindaba iSouth African Press Council, uMnu uJoe Thloloe ugeze izandla ngalolu daba.

“Thina njengoMkhandlu Wabezindaba (Press Council) angeke sisalungena lolu daba ngezizathu ezimbili. Esokuqala ngesokuthi isikhalo kumele silethwe kithi zingakapheli izinsuku ezingama-20 udaba lwabikwa. Okwesibili umthetho esisebenza ngawo uthi udaba uma seluke lwahlala kwenye inkundla asisakwazi ukuluthinta,” kusho uThloloe.  Ube esekuveza ukuthi abafisi ukuphikisana neKhomishana kaMushwana eluhlaka oluvikelwe nguMthethosisekelo.

Scroll To Top