Now Reading
I-USA: Isishiphi somnumzane sisulelwa kubafokazana
Dark Light

I-USA: Isishiphi somnumzane sisulelwa kubafokazana

Ekwenzayo iMelika ikakhulukazi kulolu khetho kungahle kube umkhokha nabaholi bamanye amazwe bazokulandela 


Kuleli sonto udaba oluphambili emhlabeni wudaba lokhetho. Akuyona imfihlo ukuthi ngingomunye walabo abakubuka kuyihaba nehlaya ukubeka i-United State of America (USA) njengesikhondlakhondla senqubo yedemokhrasi. Okwenzeka muva okhethweni lukaMengameli kushayelele isipikili kulokho engihlale ngikusho ngaleli zwe nabaholi balo. 

Leli zwe okuthiwa ngeloju nezinyosi linamaphutha amaningi futhi linenhlanhla ekutheni abantu abaningi bayathalalisa.

Akulukhuni ukuthola ukuthi kungani kube nokuthalalisa kwabanye abantu namanye amazwe uma kushiphe i-USA. Amazwe amaningi ayaluthokozela uxhaso lwe-USA noluza nemibandela. Eminye yayo wukuthi uma leli lizwe libona ukuthi ukwenza kwakho njengezwe kulibeka kabi liyahoxisa uxhaso. 

Lesi yisenzo sobubhoklolo abangabaningi abazimisele ukuphawula ngaso. Lesi senzo sobubhoklolo basenza ngisho kulabo abaphikisana nabahlobo babo. Isibonelo nje amazwe athi awahambisani ne-Israel ayaluzwa ulaka lwe-USA. Lolu laka luvame ukuba wunswinyo.

Kuhle ngikusho kusaqala ukuthi le mikhuba ayenziwa ngomengameli abathile base-USA kepha bonke.  Akwenziwa yiqembu elithile kepha womabili amaqembu amakhulu okungamaDemocrats namaRepublican. Yebo ngisho u-Obama uqobo, yena wansondo okwakuthiwa unokwehlukile wayeyigila le mikhuba. Uma lokho ungakukholwa funda kabanzi ngempi yase Iran, eLibya  nakwezinye izingxenye zomhlaba ubone ukuthi ngeke yini usizwe isandla seMelika. 

Kepha okwenzeke muva nje ngokhetho kusampulile ngaleli lizwe. Ake siqale nje ezinkulumweni zikaMengameli uTrump. Lo mholi wenze okungakaze kwenziwe e-USA nokuhlale kusolwa uma kenziwa kwamanye amazwe, kokuthi umuntu ongenele ukhetho kuthi kusabalwa bese ezibeka yena athi usenqobile. 

Lona umkhuba oyingozi ngoba ungenza abantu okungabavoti bavuke umbejazana uma ekugcineni imiphumela ingasasho njalo.

Abantu abaningi kubamangazile okwenziwe nguTrump ngoba ngesikhathi akhulume ngaso imiphumela ibisephansi kungaziwa ukuthi ngabe iyiphi engagoba uphondo. Lokhu kwenza kukholakale ukuthi ukwenze ngenhloso yokwedusa nokutshala ungabazane ngokhetho nemiphumela yalo.

Ngiyazibuza ukuthi ukube lokhu kwenziwe nguMengameli uRamaphosa noma uMnu uMalema eNingizimu Afrika ngabe umhlaba kubalwa nayo i-USA batheni ngalokhu? 

Khona ukhona ozibuza ukuthi zikhona yini izingqapheli zokhetho eziqaphe ukhetho lwase-USA? 

Ngibuza ngoba leli lizwe namanye asetshonalanga asazenza amaqhude ukuzibeka lapha emazweni ase-Afrika uma kunokhetho. Angingabazi ukuthi ukuba okushiwo nguTrump kushiwo ngumholi thizeni e-Afrika ngabe laba okuthiwa zingqapheli sebephawule ngokuthi ukhetho belungakhululekile. Kwamanye amazwe okhulume njengoTrump neqembu lakhe ngabe sebehlawulisiwe ngokwephula imithetho yokhetho.

Kulindeleke ukuthi uTrump nezakhe baye enkantolo. Lokhu akukhona okokuqala ngoba noBush (indodana) waqokwa ngaphandle kwevoti mhla edla uGore. 

Empeleni akekho owaziyo ukuthi ngubani owaphumelela kulokhu, ngamafuphi abantu bavota kwangenzeka intando yabo kwagcina kuphumelele othize ngomtheshwana nje othile hhayi ngevoti. 

Nalapha cabanga ukuthi ukube lokhu kwenzeka ezweni elithize e-Afrika ngabe ithini iMelika namanye amazwe? Kuphele usuku lokuqala lokubala sekuvele sekusobala ukuthi umoya usuphakeme kuzakhamuzi. 

See Also

Izithombe zabalandeli bakaTrump begasele ezikhungweni zokuvota ziveze ubungozi obukhona uma isimo singanqandwa. Kungekudala kulindelekile ukuthi nalabo abaphikisa noTrump benze okufanayo nokwenza imikhonto icije nhlangothi zombili. 

Iqiniso lithi noma ngabe ngubani ophumelelayo kulolu khetho, umhlaba usuphide wabona amabibi eMelika. Usuphinde wabona ukuthi leli lizwe nabaholi balo benza abakuthandayo nokuvumelana nabo. 

Uma lokho kwenziwa ngelinye izwe banyusa izinhlonzi bakhulume ngonswinyo. Umbuzo uthi pho umhlaba uzokwenzani ngalokho? Ukhona yini ongasola ibhoklolo?                      

Abukho ubufakazi obuthi iMelika nabaholi bayo bazoguquka endleleni abenza ngayo. 

Lokhu sekubasebenzele amakhulu ngamakhulu eminyaka. Kubukeka sekukubo egazini nasemzimbeni wepolitiki yabo ukwazi ukuthi okushiwo  yibo kuyama. Okubuhlungu kukho konke lokhu yikuthi ekwenzayo iMelika manje kakhulukazi ngokhetho kungahle kube umkhokha. 

Amanye amazwe nabaholi  bazobukela kuyo bakubone kungelona iphutha nechilo ukuthi uma umholi ebona sengathi imiphumela iyamphikisa bese ebiza abezindaba athi usenqobile.  Sekuyisikhathi sokuthi iMelika nabaholi bayo bazi ukuthi abakwazi ukuba ngophoshozwayo uma ukukhuluma kuthinta ezinye izizwe nabaholi, kepha kuthi uma sekuyiyo esephutheni bese kuthulwa sengathi akwenzakalanga lutho. 

Uma ifuna ukuhlonishwa (hhayi ukwesatshwa) kuyomele ngezenzo izihloniphe nayo. 

Scroll To Top