Isililo seSILO ngezintombi ezabhubha
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Sekuphele iminyaka emithathu kwehla isehlo sokushabalala kwezintombi kodwa akekho osathweswe icala
NJENGAMINYAKA yonke amatshitshi kaZulu ayesemi ngomumo ukuba ayokwenza elinye lamasiko amqoka, ukuyobeka umhlanga phambi kweSILO. Lolu wusuku lwenjabulo kosingaye kanye nasemindenini yabo. Nokho ngonyaka wezi-2013 amadodakazi esizwe ahamba angabuya emizini yawoyise, amanye asala emgwaqeni u-R66 abanye baphelela ezibhendlela. Usuku kwakuwumhla lulu-1 kuMandulo ngeSonto ngezikhathi zantambama lapho ibhasi lenkampani iMalundi Bus Services elaliqashwe kuMasipala waseMzumbe lachitha khona izintombi kanye nonina, okwalandela lapho kwaba ngumunyu neva elibuhlungu koNgangezwe Lakhe kanye nasesizweni sonkana.
Kuleli sonto kuphela iminyaka emithathu lo mshophi wehla kanti iBAYEDE isithole okushaqisayo. Ikhuluma nabathintekayo okubalwa abazali, omama abasebenza namatshitshi, amaphoyisa kanye nomnikazi webhasi kuvele ukuthi lolu daba namanje alukaphothulwa ‘lusaphenywa’.
Isililo siqale kubo abazali abathi abenziwanga ubulungiswa ecaleni lokushona kwezingane zabo. Bathi selokhu balindela umphumela wecala kusukela ngowezi-2013 abakaze batshelwe ukuthi kuqhubekani ngophenyo kuphela bathi batshelwa yiMantshi yaseMelmoth eyayihlalele udaba ukuthi abalinde emakhaya bayotshelwa uma uphenyo seluphothuliwe,kodwa manje sekuyophela unyaka wesine kucwebe iziziba.
Okunye abakhala ngakho ukuthi umnikazi webhasi okunguMnu uShikar Singh akakaze aboshwe yize kwakunobufakazi obuqinile ukuthi ibhasi lakhe lalingekho esimweni sokuba semgwaqeni. UMnu uShikar Singh uyindodana kaMnu uNarend Singh oyilingu lePhalamende elimele i-Inkatha Freedom Party (IFP) nokwavela ukuthi yena akahlangene nenkampani kepha ngeyendodana.
UMnu uJabulani Petros Mnguni owabhujelwa ngamadodakazi amabili kwaphinde kwalimala nonkosikazi wakhe kule ngozi yebhasi uthi usola ukuthi abezomthetho nezikhulu zenkantolo yaseMelmoth bagwazelwa ukuze kunyathelwe leli cala lokufa kwezingane zabo.
“Namanje sisabanjiswe udonga njengoba kwathiwa asilinde siyokwaziswa uma seluphothuliwe uphenyo. Kuyacaca ukuthi kwakudlalwa ngathi lapha ngoba nakhu kwashona izingane zaboHlanga. Sasivele sisola ukuthi leli cala ngeke liye ndawo ngoba iMantshi yesifazane yaseMelmoth eyayisingethe lolu daba yayihlale njalo ivalelana ehhovisi noMnu uShikar Singh nommeli wakhe baphume sebemoyizela,” kusho uMnu uMnguni.
UMguni uqhuba uthi: “Kubuhlungu ngoba akuboshwanga muntu ngokufa kwezingane zethu yize ubufakazi babusobala ukuthi ibhasi lalingekho esimweni sokuba semgwaqeni. Kwasekuqaleni leli bhasi lalivele linenkinga njengoba lalihamba licisha yonke indlela kuze kudingakale ukuba amanye amabhasi ahambe elilinda.
“Sifuna ubulungiswa ecaleni lokufa kwezingane zethu. Bheka nje umnikazi webhasi akakaze azihluphe ngokuzosikhalisa okukanye aselekelele ngezindleko zokungcwaba. Saze sasizwa yiSILO esasixhasayo noma izingane zethu zafihlwa ngesizotha. Okubuhlungu ingozi yethilagi eyehla eHillcrest ngemuva kwesonto kwenzeke eyezingane zethu yona yathola ukunakwa ngabezindaba futhi nophenyo lwasheshiswa ngoba nakhu kwakubandakanyeka kuyo nabezinye izinhlanga. Umshayeli nomnikazi wethilagi baboshwa kodwa odabeni lwethu akuboshwe muntu,” kuqhuba uMnu uMnguni.
Uthe kule ngozi yebhasi walahlekelwa ngamadodakazi akhe amabili okwakunguNoxolo noNondumiso. Kwaphinde futhi kwalimala nonkosikazi wakhe.
“Namanje izinhliziyo zethu zisaqaqamba uma sicabanga ngokufa kwezingane zethu nangendlela uphenyo olwasingathwa ngayo. Sisalindile ukuba phela saziswe njengabazali bezingane ukuthi lwaphelelaphi uphenyo ngokufa kwezingane zethu,” kuphetha uMnguni.
Omunye wabazali uMnu uMandla Mbutho naye uhambe emagameni kaMnguni. Uthe sebephelelwe yithemba ukuthi leli cala lisayoke liqhubeke.
“Phela kuyacaca kukhokhiwe kuleli cala ukuze linyathelwe ngezinyawo. Alukho uphenyo olungathatha isikhathi eside kangaka. Okokuqala kumele ngabe umnikazi webhasi uboshiwe ngoba kwasekuqaleni leli bhasi lakhe lalingaphilile njengoba ngesikhathi lisuka nezingane libheke eMhlangeni lavinjwa ngamaphoyisa omgwaqo ePark Rayne laze layiswa ephawundini. Kodwa kuthe ngemuva kokuxoxisana komnikazi webhasi namaphoyisa yabuye yadedelwa yahamba. Esakuthola ukuthi leli bhasi lalinqanyukelwe yipayipi lomoya okwakwenza lingakwazi ukubhuleka kahle,” kusho uMnu uMbutho.
UMnu uMbutho uqhuba uthi okubaphatha kabuhlungu ukuthi uMnu uShikar Singh akakaze azihluphe nangokuza emngcwabeni kodwa ngalelo langa lomngcwabo wazishayela isiphihli sephathi.
“Ngesikhathi siyobeka izimbali lapho okwenzeka khona ingozi, owayengumphathiswa wezokuthutha KwaZulu-Natal manje osenguNdunankulu, uMhlonishwa uWillies Mchunu nethimba lakhe basinikeza amaphepha okwathiwa asiwagcwalise ukuze siwahambise kwaRoad Accident Fund (RAF) ukuze sithole imali yesinxephezelo,” kuqhuba uMnu uMbutho.
Uqhuba uthi, uMhlonishwa uMchunu waze wabeluleka ngokuthi kuzomele baqaphele ogalakajana babameli abazoqhamuka sebethi bazobasiza kanti bazobaqola izimali zabo zezinxephezelo.
“Okwasiphatha kabuhlungu ukuthi abakwaRAF bafike basichitha ngokuthi ngeke sinxeshezelwe. Ngikhuluma nje sisahlezi nawo lawo maphepha. Mfowethu basihlukumezile laba bantu,” kubeka uMbutho. Yena uthi walahlekelwa yindodakazi yakhe enguBuyisile Mbutho.
UNkk uBathabile Sithole owalahlekelwa yindodakazi yakhe uNtokozo Sithole okwakungukuphela kwengane ayenayo naye uthi usakhala ngendlela uphenyo lwamaphoyisa ngokufa kwezingane zabo olwasingathwa ngayo.
“Esikufunayo ukuba kube khona phela ababoshwayo ngoba kunobufakazi bokuthi ibhasi lalingekho esimweni sokuba semgwaqeni. Okungiphatha kabuhlungu uphenyo lwamaphoyisa luqala lapho sekwenzeke khona ingozi ekubeni lwalumele luqale ngesikhathi ibhasi lisuka eMzumbe. Phela yimi engangiphelezela izingane ziyogibela ibhasi ngafike ngabona ukuthi leli bhasi labo linenkinga njengoba lalihamba licisha. Ngangilokhu ngibafonela ebhasini ngifuna ukuzwa ukuthi kuhamba kanjani. Izingane zazilokhu zingitshela ukuthi leli bhasi lihamba licisha emgwaqeni,” kuqhuba uNkk uSithole. “Ngajabula ngesikhathi izingane zingitshela ukuthi namaphoyisa aselibophile. Ngangizitshela ukuthi kuzolethwa elinye eliphilayo ukuhambisa izingane zethu eMhlangeni kodwa ngamangala uma sezingitshela ukuthi selibuye ladedelwa ngemuva kokuxoxisana kukaSingh namaphoyisa,” kusho uNkk uSithole.
Ukhala nangokwehluleka kukaSingh ukuzoxolisa kubazali bezingane. “Akakaze alubhade ngisho emlindelweni nasemngcwabeni ngoba nakhu kwafa izingane zaboHlanga. Ngisho nasenkantolo eMelmoth wayesibukisa okwendle esichizela,” kuqhuba uNkk uSithole.
ElaboHlanga libe seliphikelela emaphoyiseni ngenhloso yokuthola ukuthi uphenyo selikusiphi isigaba. UWarrant Officer uZikalala walile ukuphawula ethi akagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba. Ubesecela ukuba kuxhunyanwe nabaqondene nabezindaba. IBAYEDE yenze njalo yathola okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain uNqobile Gwala uthe udaba lusaphenywa nokuthi idokodo lizodluliselwa enkantolo ukuthatha isinqumo noma kuba khona abashushiswayo ngalo.
IBAYEDE ibe isithinta uMnu uSingh ukuba aziphendulele ngezinsolo ezenziwe ngaye ngabazali bezingane nokuthe uma echazelwa ukuthi udaba lumayelana nani wavele wathi ucela ukubuye athintwe ngoba usephuthuma emhlanganweni.
“Ngicela ubuye ungithinte ngoba ngimatasatasa kabi futhi ngiphuthuma emhlanganweni manje,” kusho uMnu uSingh evala ucingo lwakhe.
Okuxakayo ngalolu daba wukuthi ophenyweni lwesikhashana olwenziwa nguMnyango Wezokuthutha KwaZulu-Natal lwathola ukuthi ibhasi lalinenkinga yokubhuleka. Khona lapho uSingh wacashunwa kwabezindaba ethi ibhasi lakhe eladala ingozi lalishayelwa ngumsizi womshayeli ngoba yena eseboshwe ngamaphoyisa aKwaNongoma ngezinsolo zokuthi wayeshayela ephuzile.
Zibalelwa e-11 izintombi zoMhlanga okubalwa nababheki bazo ababhubha kule ngozi yebhasi eyenzeka eMelmoth.