Now Reading
UThulani Mashaba: Akukho soka lingenasici
Dark Light

UThulani Mashaba: Akukho soka lingenasici

Yize ebeyintandokazi kwabanye kepha kukhona ingxenye ebingeneme ngendlela abenza ngayo izinto

 

AKUKHO ukungabaza ngokuthi inhlangano i-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal igqemeke engeqiwa ntwala ngokulahlekelwa ngenye yezinsika zayo nebinguSihlalo wesiFunda iMusa Dladla enhla neKwaZulu-Natal. UMnu uThulani Mashaba udlule emhlabeni emveni kwengozi yemoto eyenzeke ngoLwesine olwedlule eBallito. Ukudlula emhlabeni kukaMashaba kwethuse kakhulu njengoba ebethathwa njengomunye wabaholi abasebasha abahola isifunda esikhulu nesinamandla okuqoka ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal nakuzwelonke.

Abanye abaholi leli phephandaba elikhulume nabo, bathi ukudlula kukaMashaba kuzophazamisa izinhlelo eziningi ngaphandle nangaphakathi ku-ANC. Ngonyaka ozayo leli qembu lizobe lincintisana namanye okhethweni lohulumeni bezindawo. Bekulindeleke ukuthi amava kanye nogazi lukaMashaba kulethe izithelo ezinhle. Akuyona imfihlo ukuthi enye yezinhloso zikaMashaba bekuwukuzuza uMkhandlu waseNkandla nophethwe yinhlangano ye-Inkatha Freedom Party (IFP). Lokhu kokuthi lo mkhandlu nokuyindawo lapho kuhlala khona uMengameli wezwe nongumholi we-ANC uphathwe yi-IFP bekuwuzozo obekulindeleke ukuthi welashwe uMashaba.

Nakuyo i-ANC uMashaba kuthiwa ubenebutho lakhe okukholakala ukuthi lesekwa nguVukayibambe (African National Congress Youth League) kanye naloyo onguNobhala wale nhlangano KwaZulu-Natal, uMnu uSihle Zikalala. Njengosihlalo waseMusa Dladla ubenezimbangi eziningi naphumelela ukuba aziguqise. Phakathi kwazo kukhona uMnu uCedric Gina amgingqa kwesokuba nguSihlalo. Akuyona imfihlo ukuthi futhi ibidudulana naloyo oyiMeya yasoThungulu, uNkk uThembeka Mchunu. Ukukhuluma kuthi bekunjalo nakuloyo oyiMeya yaseMthonjaneni uNkk uShadile Ndlangamandla kanye naloyo obeyimeya yaseMhlathuze uMnu u-Elphas Mbatha. Odabeni oluthinta uNkk uMchunu ukukhuluma kuthi  uze wahlaselwa wukhwantalala ngenxa yombango.

Enkonzweni yesikhumbuzo ebibanjwe ngoLwesithathu nebihanjelwe phakathi kwabanye uMengameli Wezwe uMsholozi kanye noNdunakulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uSenzo Mchunu, zonke izikhulumi bezisho into eyodwa zincoma amagalelo alo mholi ku-ANC nakumasipala. Nokho phezu kwamagalelo akhe uMashaba ekuqhubeni umsebenzi wenhlangano bekukhona ukukhononda kozwakwabo. Lokhu kuthiwa kungenxa yendlela abephethe ngayo, emkhadlwini kanye naku-ANC. Ezinye zezimbangi zakhe zikhiphe imizwa yazo ezinkundleni zokuxhumana esikhathini esifushane nje kuphume izindaba zokudlula emhlabeni kwalo mholi. Ekhasini leFacebook elethiwe nge             ‘Musa Dladla’ nokuyikhasi labathile nokho esigcine sikwazile ukungena kulo kube nokuphawula okuningi nobekuhlasela umufi.

Omunye wabasebenzi oThungulu noyisikhulu (nesiqome ukuba singalidaluli igama lakhe) uthe uMnu uMashaba usanda kumxoshisa okwenja emsebenzini “Ngesikhathi ngiphuma oThungulu ngasho amazwi ambalwa kwezinye zezisebenzi ezazingikhipha ngoshova zingikhiphela ngaphandle kwamasango akwamasipala. Ngathi kulabo abangikhiphayo bazophuma kuqala kunami. Nokuthi uma sengibuya zonke izitha zami zizobe sezishabalele. Bengingazi ukuthi ukuphuma kwabo kuzoba ngukufa,’’  kufundeka eminye yale mibhalo ezinkundleni zokuxhumana.

Kukhona ofanise uMnu uMshaba noGoliyathi wasebhayibhelini owanqotshwa nguDavide.

“Ngiyazidabukela izicashalala zakhe ngoba sezisele dengwane njengoba lesi sithixo sabo sesifile. Zazingibhuqa (izicashalala), zingihleka ngesikhathi ngithi uNkulunkulu wami uzonginqobela izitha zami nokuthi engimkhonzayo uzongilwela izimpi zami. Nokuthi azikho izitha zami eziyongiphakamisela izikhali ziphumelele. Izitha zami zangihleka zangihlasela wena owabona  insikazi yebhele ithathelwe ichwane layo,’’ kufundeka umbhalo.

See Also

Omunye uthe  kuyadabukisa ukuthi “uMnu uMshaba ushone engakaphenduki enhliziyweni yakhe enonya nesihluku.” Ngesikhathi leli phephandaba livezela omunye wabaholi be-ANC ongathandanga kudalulwe igama lakhe ngoba ethi amanzi asadungekile  usigxekile lesi senzo sozakwabo sokungabi nobuntu.

“Abantu sebephelelwe ngunembeza. Ungasizakala kanjani ngokushona komuntu? Impela nami bengingahambisani naye kodwa kumele ngikuhloniphe ukudlula kwakhe,’’ kusho lo mholi.

UMnu uMashaba uzofihlwa kusasa emngcwabeni okulindeleke ukuba udonse izinkumbi zabalandeli be-ANC.

Scroll To Top