Now Reading
Zisha amashushu ezifundela ukugwedla KwaMashu
Dark Light

Zisha amashushu ezifundela ukugwedla KwaMashu

Yize inkonyane isathuka isisinga ezinganeni ezizimisele ngokugwedla kodwa isasasa likhulu

 

UMA uhlangana nezingane zabafana namantombazane zihefuzela ziyongena enkundleni yebhola kwa C KwaMashu, ungazitshela ukuthi ziyojima ibhola noma inetball njengoba kunamaqembu ahlukahlukene ajimela kule ndawo. Phela le nkundla ekuManzimtoti Road idume ngokuba inkundla yebhola esekuneminyaka yaba khona.

Phinde! Akuzona zonke eziyodlala ibhola nenetball kodwa ezinye zisuke ziyogcwala ehholo elakhiwe kuyo le nkundla ukuyofunda kabanzi ngokugwedla (rowing).

Cishe umfundi uzonyusa izinhlozi uma efunda lokhu kwazise lo mdlalo umataniswa kakhulu nabelungu.

Futhi njengoba kungekho mfula nje eduze kwale nkundla, izingane zifundiswa kanjani ukugwedla?

Ngokusho kukaSox Mthimkhulu ongumsunguli weNduna Sports Club, yodumo lokukhiqiza abadlali bebhola asebedlala koKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, kunomkhankaso osha phansi wokuguqula ukucabanga komphakathi waseNingizimu Afrika ngemidlalo ekumele idlalwe.

UMthimkhulu, ongumsinsi wokuzimilela KwaMashu, uthe kuyamkhathaza ukuthi abazali baboHlanga bacabange ukuthi izingane zabo kumele zidlale ibhola kuphela ngoba vele iningi laboHlanga bagxile kulona.

Uthe ngemuva kwempumelelo kaSizwe Ndlovu owabuya nendondo yegolide nozakwabo kuma-Olympic Games ayeyiseLondon e-England ngowezi-2012, iKZN Rowing Association ngokuhlanganyela neRowing South Africa babone isidingo sokugxisha lo mdlalo entsheni yaboHlanga emalokishini.

Lezi zinhlangano zinikele ngezikebhe ezimbili kanti njengamanje kusacathuliswa izingane ngabakubiza ngokugwedla endlini (indoor rowing). Echaza kabanzi uMthimkhulu uthe. “Uma kugwedlwa endlini kusuke kucathuliswa labo abayiqalayo. Izingane zifundiswa izincathulisi (basics) namasu (techniques) ukuze uma sekwedlulelwa esigabeni sokuqeqeshwa emanzini, kube ngconywana ukubamba abakufundisiwe.”

Kule ndawo kujinywa kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kusukela ngehora lesithathu ntambama kuya kwelesihlanu.

See Also

NgoMgqibelo kuqalwa ngehora lesi-9 kuqedwe ngelesibili. Kunabaqeqeshi boHlanga abasanda kuphothula izifundo zokuqeqesha abacija izingane.

Isasasa elikhonjiswa izingane eziqeqeshelwa lo mdlalo likhombisa ukuthi ngokuhamba kwesikhathi uzojika umqondo wokucabanga ukuthi lo mdlalo wasemanzini owebala elithile lodwa.

UMthimkhulu uveze ukuthi uNdlovu, owayeseqenjini leLightweight wayegwedla noJohn Smith, uMathew Brittain noJames Thompson, usazofika KwaMashu ukuzogqugquzela izingane ukuthi zilandele ezinyathelweni zakhe. Uthe usemkhulu umsebenzi obahlelele eKZN njengoba emathathu kuphela amakilabhu afundisa ngokugwedla.

Lawo yiHilton College ne-UKZN Pietermaritzburg. Uthe izandla zabo bazivulile nakwezinye izinhlanga njengoba bafuna ukuwuthuthukisa lo mdlalo odume kakhulu phesheya kwezilwandle. UMthimkhulu uphethe ngokuthi bafuna ukwakha iqembu elizodlala emqhudelwaneni ozodlalwa okokuqala ngqa e-KZN ngoNdasa wonyaka ozayo.

 

Scroll To Top