Abaxhasi abantongeli gudu linye nemidlwembe


Ukuziphatha budedengu kwabadlali sekubalimazile ezimalini
UKWANDA kwezigameko lapho izinkampani ziyeka ukuxhasa abadlali ngenxa yokuzibandakanya ezigamekweni ezimbi kukubeka ngokusobala ukuthi basebaningi abangakazithathi njengebhizinisi elingabaphilisa ezemidlalo. Kulezi zinsuku iningi labadlali lithola kubaxhasi izigidi eziphindiwe zenkece uma kuqhathaniswa nemali abayithola emakilabhini abawadlalelayo.
Ngokuxhasa lezi zilomo, inhloso ngqangi yezinkampani kusuke kuwukudayisa kakhulu kunakuqala imikhiqizo yazo. Zikholelwa ekutheni lowo ezimxhasile uyisibonelo esihle emphakathini. Uma intsha ike yambona esebenzisa imikhiqizo yazo iningi lizomlandela. Njengawo wonke umuntu ohlale evikela isithunzi sakhe, nezinkampani zinjalo, kazifuni ukuzihlanganisa nomuntu ongesona isibonelo esihle.
Kulezi zinsuku udaba cishe oluhamba phambili emhlabeni ngolwenkakha yombhukudi wase-United States of America (USA) uRyan Lochte (32) olaxazwe ngabaxhasi bakhe ngenxa yokuqamba amanga athi uqoliwe ngesikhathi emele izwe lakhe kuma-Olympics abeseRio de Janeiro, eBrazil. Imibiko ithi lo mbhukudi osenqobele i-USA izindondo ezili-12 selokhu aqala kuma-Olympics angowezi-2004 e-Athens, eGreece, yena nabangani bakhe bacekela phansi igalaji lokwetha uphethiloli, beqiwe uphuzo oludakayo. Kuthiwa babe sebephoqwa ngonogada ukuthi ngeke bahambe bengakukhokhanga ababekucekele phansi.
Ngemuva kwalokhu lo mbhukudi wabe esefafaza amanga athi babanjwe inkunzi yizigebengu abezihlome ziyizingovolo. Ngenxa yobufakazi bamakhamera obuveze ukuthi uLochte ubeqamba amanga, izinkampani ebezimxhasile iSpeedo, iRalph Lauren, i-Airweave neyakwaGentle Hair Removal ziqome ukumshiya phansi.
EyakwaSpeedo ibe seyiveza ukuthi izothatha imali eyizi-$50 000 ebizonikwa lo mbhukudi bese iyidlulisela enhlanganweni yezingane yaseBrazil. Lo mbhukudi ukulaxazwa ngabaxhasi ubelandela uMichael Phelps ohamba phambili emlandweni wezokubhuda e-USA nasemhlabeni jikelele ngokuqoqa izindondo eziningi. UPhelps walaxazwa yinkampani yakwaKellogs ngemuva kokusabalala kwesithombe sakhe ngowezi-2008 ebhema isidakamizwa. Nokho waba nenhlanhla njengoba ashaywa ngoswazi oluncane ngokumiswa izinyanga ezintathu engabhukudi.
Inkampani yakwaSpeedo, eyakwaVisa, eyakwa-Omega neyakwaSubway zaqoma ukungamlahli.
ENingizimu Afrika okuye kwagqama emhlabeni wonke ukulaxazwa yizinkampani u-Oscar Pistorius obhadla ejele ngenxa yokudubula abulale intombi yakhe uReeva Steenkamp ngowezi-2013. Lo msubathi onezinyawo zokufakelwa uzakhele udumo ngokuba ngowokuqala ukugijima kuma-Olympics nakumaParalympics. Unqobele elakuleli izindondo zegolide eziyisi-6 kumaParalympics. Ngemuva kukobulala uReeva ulaxazwe inkampani yakwaNike neyakwa-Oakley. Ilinganiselwa ezigidini ezimbili zamadola ase-USA emlahlekele.
Nalu uhlu lwabanye bemidlalo eyahlukene emhlabeni abahlubukwa ngabaxhasi ngenxa yokungaziphathi kahle:
UTiger Woods
Emlandweni womdlalo wegalofu, uWoods ongomunye wabangasoze baphuma emiqondweni yabantu ngenxa yekhono lakhe nokuceba. Lokhu kuceba akubuzwa ukuthi ngabe kuyimanje sekuziphinde kaningi ukube akalaxazwanga yinkampani yakwaGillette, i-Accenture, i-AT&T, iGatorade neyakwaTag Heuer ngenxa yokuvela kwezindaba zokuhambe ebhabhalala namantombazane phezu kokuba eshadelwe. Ngalokhu walahlekelwa yizigidi ngezigidi zamadola ase-USA nezinga lakhe lokudlala lehla ngendlela emangalisayo. Yinkampani yakwaNike eyama naye kukubi. Nokho nayo yayihhafula imali eyizigidi engama-$20 eyayimnika yona ngonyaka.
ULance Armstrong
Ngeminyaka yowe-1990 kuya kweyezi-2000 uma kukhulunywa ngomdlalo wamabhayisekili igama ebelifika kuqala ngelika-Armstrong. Ngowe-1998 lo mgibeli uthole ukuthi unesifo somdlavuza. Kwaze kwasungulwa isikhwama esaqanjwa ngegama lakhe eselekelela abanalesi sifo emhlabeni.
Zashaqisa abaningi izindaba ezathi cishe yonke imiklomelo ayinqoba kubalwa noweTour de France, aphakamise inkomishi yayo amahlandla ayisi-7, wayesebenzisa izikhuthazamzimba. Ngenxa yokuqina kobufakazi be-USADA waphoqeleka u-Armstrong ukuvuma eyezidakamizwa ngowezi-2013. Walahlekelwa ngabakwaNike, i-Anheuser-Busch InBev, iTrek Bicycle Corp, iFRS, iHoney Stinger ukubala abambalwa.
UMike “Iron” Tyson
Igama lalo sondonzima limataniswa nabezinga eliphezulu abafana noMahammed “The Greatest” Ali, uJoe “Smokin” Frazier, noGeorge “Big George” Foreman. Ukusabalala kwemibiko yokuhlukumeza unkosikazi wakhe ngowe-1988, ukudlwengula intombazanyana eyayineminyaka yobudala eli-18 ngowe-1992 nokuluma endlebeni u-Evander Holyfield ngowe-1997 kwamlahlekisela ngezindodla abezithola enkampanini yakwaPepsi nakwezinye ezimlaxaze phansi.
UManny “Pacman” Pacquiao
Ngonyaka odlule iphephabhuku elidume umhlaba wonke iForbes limemezele ukuthi ungowesibili emhlabeni wabahola kakhulu kwezemidlalo. Liveze ukuthi ilinganiselwa ezigidini ezili-$190 imali abeyithola ngenyanga. Nakuba eke wasiyeka isibhakela waphinde washaywa uFloyd “Money” Mayweather kodwa namanje kunabasathi ungomunye wabahamba phambili kwezamankomane. Nokho ukukhuluma kwakhe kabuhlungu ngabobulili obufanayo abathandanayo kumlahlekisele ngeningi imali abeyithola kwabakwaNike.
UWayne Rooney
Unyaka wezi-2010 uwona agqame ngawo eshayela iManchaster United amagoli angama-34 emidlalweni engama-44 ayidlalile. Ngawo lo nyaka uqukule inkomishi yomdlali wonyaka ku-United, eyePremier League’s Players’ Player of the Year, eyeFans Player of the Year neyeFWA Player of the Year. Ngowezi-2010 izinto zimbhedele lo kaputeni we-England kuvela imibiko yokuhambe ebhabhalala. Ulahlekelwe ngabakwaCoca Cola, nabakwaTiger Beer. INike iyona engamlahlanga.
UMaria Sharapova
Kunesikhathi lapho le ntokazi yomdlalo wethenisi ike yathathwa njengabanye bezemidlalo abanemali eningi.
Ilinganiselwa phakathi kwezigidi ezili-$125 kuya kwezili-$175 imali abeyithola ngenyanga. Bebengeke bangabuthelani kuye abaxhasi kwazise unqobe iWimbledon amahlandla ali-17. Ukusabalala kwemibiko yokuthi idla izidakamizwa le ntokazi edabuka eRussia kodwa osezinze e-USA kuyilahlekisele ngabakwaNike nabakwaTed Heuer. Kube ngeyakwaHead eme naye.
Abanye abashiywe ngabaxhasi ngenxa yezizathu ezehlukene ngoFloyd Landis womdlalo wamabhayisikili, uRashard Mendenhall, u-Andrian Peterson noMichael Vick abebedlala i-American Football, uMagic Johnson webasketball, uBarry Bonds webaseball, uBen Johnson wezokusubatha ukukha phezulu.