Now Reading
UMnyango kuthiwa ugugusha nombiko ngemibango yoBukhosi
Dark Light

UMnyango kuthiwa ugugusha nombiko ngemibango yoBukhosi

AMakhosi nabathintekayo kuthiwa badukuza ontwini njengoba uMnyango uvuma ukuthi usacubungula umbiko osuvele uqediwe

INDLU YabaHoli Bomdabu KwaZulu-Natal isihlele ukuba nomhlangano ophuthumayo noNdunankulu wesifundazwe uMhlonishwa uMchunu ngenhloso yokuzothola izizathu zokugodlwa kombiko weKhomishana eyabe ibhekele imibango yobukhosi bezizwe neyabe iholwa nguMnu uBasil Sikhakhane. Lo mbiko kwakumele ukhishwe nyakenye njengoba wabe usudluliselwe kuNdunankulu nokwakunguye owabe ejube uphenyo ngokulayelwa ngumthetho.

Ngokuthola kweBAYEDE isinqumo saMakhosi silandela ukudukuza kwawo ontwini ngalolu daba. Kuthiwa kuqale kwanenkombankombane phakathi koMnyango Wezokubusa Nokubambisana (Cogta) ongaphansi kukaMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube kanye neHhovisi likaNdunankulu ngalo mbiko .

UMnyango iCogta ubuthi lo mbiko ubhajwe eHhovisi likaNdunankulu kanti ngakolunye uhlangothi iHhovisi likaNdunankulu lithi lona laqeda ngalo mbiko ngoba selawudlulisela eMnyangweni. USihlalo Wendlu Yobuholi Bomdabu, iNkosi uChiliza uthe kuyichilo ukuthi uHulumeni ufike aqashe amaKhomishana ngezimali zabakhokhi bentela kodwa ekugcineni imibiko yalawo maKhomishana igcine ingakhishelwanga umphakathi.

“Yingakho singaMakhosi sifuna umhlangano ophuthumayo neHhovisi likaNdunankulu noMnyango iCogta ukuze kutholakale ubuqiniso ukuthi ubhajwe kuphi lo mbiko weKhomishana. Uma kwehlulekeke lapho siyobe sesicabanga ngezinyathelo zomthetho ezizophoqa ngazo ukuba kukhishwe lo mbiko. Phela sinokwesabela ukuthi lolu daba selungaze lugcine ludale umbhedukazwe ezizweni zaMakhosi kungenasidingo,”

INkosi uChiliza igxeke iHhovisi likaNdunankulu kanye noMnyango ngokucasha ngesithupha ekukhipheni lo mbiko weKhomishana kaSikhakhane.

“Sifuna ukwazi ukuthi yini lena abayibalekelayo ekukhipheni lo mbiko. Siyazinxusa lezi zinhlaka zombili ukuba lolu daba zilusukumele ngoba kumanje isimo simazonzo eMzimkhulu ngenxa yombango woBukhosi phakathi kwezinduna naMakhosi,” kuqhuba inkosi uChiliza.

See Also

Okhulumela uMnyango iCogta, KwaZulu-Natal, uMnu uLennox Mabaso ukuqinisekisile ukuthi umbiko weKhomishana basawugodlile.

“Empeleni kukhona esisakucubungulayo ngawo. Sizowukhipha uma sesizenelisile ukuthi konke kulandeliwe ngawo. Sicela abantu balinde bangasiphuthumi sizowukhipha. Ngeke siwukhiphe ngoba nakhu kukhona abasijoja ngemuva,” kusho uMabaso.

Okumangazayo nezinsolo

Sekukaningi elaboHlanga libika ngokungenami kwabathintekayo ngokungaqhamuki kwalo mbiko. Okumangazayo ngalolu daba wukuthi sesedlule isikhathi uHulumeni waKwaZulu-Natal owabe uzibophezele ngaso ukuthi nakanjani uzowukhiphela umphakathi lo mbiko. Kwaqala kwathiwa awuphumi nje yingoba ‘kusaxhunywana’ nabathintekayo. Kuthe nxa abathintekayo bekhala ngokuthi kabatholi lutho kwaba ngokunye ukukhuluma. Iziphathimandla zabikela iBAYEDE njengoba zenzile nakulokhu ukuthi abathintekayo kabalinde kukhona okusabhekisiswa. Ngenxa yalokhu ziyanda izinsolo zokuthi kukhona okuphekwayo okungefani nalokhu ithimba elabe liholwa nguSikhakhane elabe likuphakamisile. Izinsolo lezi nxa zingalungiswa zingagcina seziyiqiniso elingenza okuqhamuka noMnyango kungamukeleki.

Scroll To Top