UZikalala nesexwayiso kubasebenzi


SEKUTHUNYELWE umyalezo kubasebenzi bakaHulumeni abenza imisebenzi abangaqeqeshelwanga yona nabangenasipiliyoni sayo njengoba uHulumeni wesifundazwe uzoqhubeka nophenyo iSkills Audit ukubheka ukuthi bonke abasebenzi baqeqeshelwe yini abakwenzayo.
Lesi sexwayiso sikhishwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu uSihle Zikalala emhlanganweni wesigungu esiphezulu iLegotla obubanjelwe eThekwini kusukela zili-18 kuNhlangulana kuya zingama- 20 kuNhlangulana.
UNdunankulu uthe lolu hlelo luzoqala ukwenziwa ezingeni lesifundazwe ngaphambi kokuba ludlulele nakomasipala. Uthe lesi sinqumo esiqhamuke kulo mhlangano singenye yezindlela uHulumeni azama ukulwa ngazo nobugebengu obudlangile.
UZikalala ukhale ngokuthi ubugebengu abenzeki kuphela ngaphansi kukaHulumeni, kodwa nezinkampani ezizimele nazo zinabo ubugebengu. “Sifuna ukubhekisisa kahle ukuthi abantu bakufanele yini kusebenza ngaphansi kwale mikhakha ababekwe kuyona, njengoba singakulindele ukuthi kungabakhona umuntu ongaqashelwa umsebenzi wobunjiniyela, ebe engazange abufundele esikoleni.
Okunye esifuna ukukwenza ukuthi kube nozinzo komasipala okungaba uzinzo lwezezimali noma lwezepolitiki njengoba sibonile ukuthi omasipala abaningi banezinkinga zokuphathwa kwezezimali. Sizosebenzisana nabo labo masipala ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi iyazithola izidingongqangi ezifanele okubalwa kuzo amanzi, ugesi nokuqoqwa kukadoti.
Uqhube wathi njengoba benezinhloso zokufukula umnotho wesifundazwe baqhamuke nezindlela zesikhashana ezingasiza ukufeza lokhu, okungaba ukuletha uzinzo kwezamabhizinisi ngokulwa nesihlava sokushiswa kwezinsizakusebenza ngenhloso yokuzwakalisa ilaka.
Lokhu kuzokwenziwa ngokusebenzisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi abantu bazizwa bevikelekile emisebenzini abakuyona
Okunye okusezinhlelweni ukulungisa kabusha amadolobha uMgungundlovu nase-Ethekwini, abuyele esimweni ayeyisona kudala. Lokhu kuzoqinisekiswa ngokuthi lamadolobha ahlanzwe, kuliwe nobugebengu ukuze abesesimeni esifanele sokunxenxa izivakashi. Uthe kulo mhlangano othathe izinsuku ezintathu udaba obelusoqhulwini kakhulu ukuqhamuka nezindlela ezintsha zokuthuthukisa umnotho, ngaphansi kohlelo iSkills Revolution. Lolu hlelo luzobhekelela ekuthuthukiseni abantu ngolwazi lwezokukhiqiza, ezokuvakasha, ezolimo nomnotho wasolwandle.
Okunye okuseqhulwini ukuqinisa ubudlelwano phakathi kukaHulumeni nezinkampani namabhizinisi azimele ukuze kusungulwe amathuba omsebenzi, kuthuthukiswe nomnotho.
USihlalo weKZN Growth Coalition okuyinhlangano ebhekele ukuqinisekisa ukusebenzisana phakathi kukaHulumeni namabhizinisi uMnu uMoses Tembe uthe enye inkinga lesi sifundazwe esibhekene nayo ukugqoza kwamathuba emisebenzi, yingakho kuzomele kubuyiswe lawo makolishi akudala ayeqeqesha abantu ukuze bakulungele ukungena ezimbonini okuyizona ezifukula umnotho kakhulu.