Now Reading
Intsha yamaKhomanisi iyawusola umgqakazo
Dark Light

Intsha yamaKhomanisi iyawusola umgqakazo

UFasimba kaluyizwa kahle indaba yokunikezelwa kwesikhundla kanti alilodwa kulokho

 

AKUVAMILE ukuthi umuntu avuke ekuseni ahambe ekhaya engokunye abuye ntambama esengokunye. Yilokhu okwenzeke kuMhlonishwa uThemba Mthembu nokushone ilanga langoMsombuluko sekumele athathe isinqumo sokuthi uyasamukela yini isimemo esikhishwe nguNdunankulu wesiFundazwe sokuba abe yingxenye yeSigungu sokuphatha. Esimweni esejwayelekile lokhu bekuyinto elula kwazise uMthembu kamenywanga ngumuntu noma iqembu angalazi. UNdunankulu uWillies Mchunu uyilungu leSouth African Communist Party ( SACP) le uMhlonishwa uMthembu anguNobhala wayo KwaZulu-Natal. Kanjalo noHulumeni ophethe isifundazwe ngowe-African National Congress (ANC) onomlando omude neSACP. Konke lokhu kuveza isithombe sokuthi ukumenywa kukaMthembu bekumele kungabi nazihibe, nokho zibe khona futhi zisekhona.

Inkulumo kaMnu uMlungisi Manana ongunobhala weYoung Communist League of South Africa (YCLSA) kufakazele khona lokho, ukuthi ukukhuluma akuphelile. “Asicabangi ukuthi ubumbano lwacatshangwa kulokhu kunikezwa umsebenzi, ikomiti eliphezulu nekomiti elikhulu leSACP esifundazweni kufanele ngabe anconyelwa futhi aqiniswa idolo ngaphambi kokuqokelwa esikhundleni.”

Uqhubeke wathi: “Sikholwa ukuthi lokhu kube wuhlelo lokudingisa kanye nokumlumula ucomrade uMthembu kuSACP nasemagatsheni e-ANC, futhi nokudidizelisa, ukwehlukanisa kanye nokuwisa inhlangano.”

“Yingakho sikholwa ukuthi isimemezelo kwabezindaba senziwe ngaphandle kokucela ukuthi kube nokubonisana ngaphakathi kuSACP. Lokhu kwenziwe ngaphandle kwengcindezi yokuphuthumayo hhayi ubumqoka kuphela, kodwa nokwenza izinguquko. Eqinisweni, obekuphuthuma kunye ukulanguka kwemigwaqo okushiywe kungenabuholi kubekwa eqhulwini ipolitiki yakomkhulu.”

Abahlaziyi bezepolitiki kubukeka bevumelana nalo mbono woFasimba (igama lentsha yeSACP). UMnu uZakhele Ndlovu uthe ngalokhu: “Kwenzeka esifanayo nangesikhathi uMengameli uJacob Zuma engena ezintanjeni ngowezi- 2009. Into yokuqala ayenza kwaba ukuthatha uMhlonishwa uBlade Nzimande kanye noMhlonishwa uJeremy Cronini banikezwa izikhundla ukuze bathule. Ngokunjalo-ke nalapha kwenzeke okufanayo.”

Uqhube wathi: “Yebo ngiyavuma ukuthi uMnu uMthembu unesipiliyoni kwezolimo njengoba kade engusihlalo wePortfolio Committee yakhona kodwa kuyasolisa ukuqokwa kwakhe. Phela sizokhumbula ukuthi ubengahambisani nokukhishwa kukaNdunankulu uSenzo Mchunu,”

Ngakolunye uhlangothi uMnu Madlala naye uhambe emazwini kaNdlovu ethi kwethusile ukuvumela phezulu kobuholi beSACP ekutheni uMthembu asithathe lesi sikhundla. “Ngokwami bekufanele bamnqabele ngoba ukuvuma kwabo kusho ukuthi sebeyahambisana nokuhlengiswa kweSishayamthetho ekubeni ekuqaleni bebethi abahambisani nakho. Impela ngiphoxekile ngalesi siphakamiso samaKhomanisi.”

Nokho uMadlala usincomile isenzo sikaMthembu sokungaqali avume kodwa athintane nobuholi kuqala ngalesi siphakamiso se-ANC.

“Bekufanele i-SACP ibambelele emigomweni yayo yokungahambisani nokuhlengahlengiswa kweSishayamthetho. Njengoba uMthembu ubengahlonizi ngokukhuluma uma kukhona okungahambi kahle manje ngeke esathi vu ngoba usevalwe umlomo,” kuqhuba uMnu uMadlala.

Ubuye wathi kushiya imibuzo ukukhishwa kwabahlonishwa abanohlonze njengoMhlonishwa uMike Mabuyakhulu owuphathe kahle umnyango wakhe. “Kuyacaca ukuthi kusaliwa izimpi zangaphakathi ku-ANC. Nokuthi kukhishwa bonke labo ababehambisana noNdunankulu uSenzo Mchunu.

See Also

Bakhona abancomayo

Njengoba isiZulu sithi, abantu kabayi nganxanye bengemanzi. Usihlalo weSouth African Civic Organisation (SANCO) KwaZulu-Natal uMnu uRichard Hlophe yena usishayele ihlombe isinqumo seSACP sokuvumela uThemba Mthembu ukuba emukele isikhundla sokuba nguMphathiswa wezolimo.

“Phela kumele sikhumbule ukuthi uMthembu unesipiliyoni salo msebenzi njengoba ebengusihlalo wePortfolio Comittee yalo Mnyango Wezolimo. Ngakho uzoba wusizo olukhulu njengoba vele iminyango eminingi isithathwe ngabantu abasebasha abangenaso isipiliyoni. Simfisela inhlanhla emsebenzini wakhe omusha,” kusho uMnu Hlophe.

Umgcinimafa wamaKhomanisi, uNks uNomarashiya Caluza  uzichithile izinsolo zokuthi uMthembu ubadayisile ngokuvuma lesi sikhundla. “Empeleni uMthembu ubonisene nobuholi bamaKhomanisi kwaba yibo futhi obumvumele ngakho asikukholwa ukuthi lesi senzo bekungesokumvala umlomo.”

UNks uCaluza uqhuba uthi: “Sibonisene nobuholi be-ANC kanye nombimbi basichazela ukuthi lena ngeminye yemizamo yokuba kube nokubuyisana nobumbano kumadlelandawonye. Kodwa-ke sikuvezile nathi ukuthi lokhu asikuboni kanjalo ngoba awukwazi ukuthatha umuntu oyedwa bese uthi lowo ngumzamo wokubuyisana.”

Uqhuba uthi babutshelile ubuholi be-ANC ukuthi abayithandanga indlela lokhu abakwenze ngayo ukuthi baqhamuke sebememezela kwabezindaba ukuthi uMthembu sebemqokela esikhundleni sokuba nguMphathiswa Wezolimo ekubeni bengakabonisani nobuholi bamaKhomanisi. “Siyamthemba, uComrade uThemba Mthembu ukuthi usazoqhubeka nokulwela ubulungiswa. Futhi  siyamethemba ukuthi usazowamela ngokwethembeka amaKhomanisi yize esenguMphathiswa Wezolimo.”

Scroll To Top