Now Reading
IJazz Festival inikeza abathandi bejazz ithuba
Dark Light

IJazz Festival inikeza abathandi bejazz ithuba

Kuleli asemaningi amaJazz Festival kodwa sekunomkhuba wokuthi kwamanye kumbandakanywe ezinye izinhlobo zomculo, obekungenzeki phambilini

 

ABANTU banezindlela eziningi abazithokozisa ngazo lapha emhlabeni. Kwesinye isikhathi uma sivelelwe okubi umculo uyasiza ukuba sizelaphe amanxeba.

Kuliqiniso ukuthi isikhathi esiningi abantu baye basebenzise umculo njengethuluzi lokuzijabulisa kanjalo futhi nokuzelapha umphefumulo osuke ulimele.

Singasho nje ukuthi likhulu iqhaza  elibanjwe umculo empilweni yabantu njengoba iningi liye liwusebenzise ukwedlulisa imizwa yalo nemiyalezo ethile.

Izwe laseNingizimu Afrika laziwa njengelinesizwe  esingamagagu futhi esiwuthokozelayo umculo. Umuntu nomuntu ke unohlobo lwakhe lomculo olumthokozisayo njengoba kunezinhlobo nhlobo zomculo, ezifana neHouse, Kwaito, Hip Hop, Jazz kanye neminye eminingi. Umculo weJazz ngumculo opholile kakhulu. Lolu hlobo lomculo lwasungulwa phesheya kwezilwandle, luwuhlobo oluhlanganisa abantu bezinhlanga ezahlukene, abanezinkolelo ezahlukene kanjalo futhi nabezizwe ezahlukene.

IJazz iwuhlobo lomculo olunhlobonhlobo. Singeze sangena kuzo zonke izinhlobo kodwa kukhona olwedlulisa umyalezo wothando ngamagagasi olwandle. Lolu uhlobo, oludume kakhulu eSpain naseBrazil lusebenzisa kakhulu isiginci esingasebenzisi ugesi.

INingizimu Afrika inalo uhlobo lwayo lweJazz. Ngokuthi abantu abaningi baseNingizimu Afrika balolu hlobo bahlale kakhulu eMelika, akwethusi ukuthi olwakuleli lufuze owase-Amerika. Lapho ufike ubone khona ukuthi lo owaseMzansi ilapho kuvela khona ukuthi eyalapha ithatha kakhulu umculo wakuleli okuthiwa i”Khwela” nokuthiwa i”Rabi”. Lokhu kuyasinikeza igunya lokuthi sisho ngokungazenyezi ukuthi sinalo uhlobo lwethu lwakuleli lweJazz. Abantu abanjengoHugh Masekela, Jonas Ngwangwa nabanye bahlale kakhulu e-Amerika kodwa iJazz yabo inayo inhlese yase-Afrika.

Zikhona izinkakha zase-Amerika ezineqhaza elikhulu ekuvezeni olunye uhlobo lweJazz ebalisa isimo senhlalo yabamnyama. Singebakhohlwe oMahalia Jackson no-Ella Fritzgerald ababecula  umculo weJazz okuthiwa amaSpirituals, owawubalisa ngesimo senhlalo yabamnyama.

Njengenye yezindlela yokubungaza lo mculo kuye kube khona amafestival ahlukahlukene futhi enziwa ezindaweni ezahlukene. Lapha ezweni laseNingizimu Afrika kubakhona amafestival amakhulu ahanjelwa ngisho abaculi kanye nezethameli ezisuka emazweni ahlukahlukene ngisho naphesheya kwezilwandle imbala. Kuphinde kube khona lawo amancane asuke ehanjelwe izethameli zakuleli.

Inhloso yokusungulwa kwamaJazz Festival ukunikeza ithuba abaculi beJazz ukuthi basine bededelane esiteji, abalandeli bathole ithuba lokuthokozela iJazz baphinde bazibukele abaculi ababathandayo benandisa.

ICape Town International Jazz Festival yiFestival ibakhona njalo ngonyaka lapha eNingizimu Afrika eKapa. Le festival yaqalwa ngonyaka wezi-2000.  Inkulu ngendlela yokuthi ihanjelwa ngabantu abaningi unyaka nonyaka kusukela ngo2013.

See Also

Uphinde waziwe njengeJazz festival yesine ngobukhulu emhlabeni wonke jikelele kanti iyona enkulu ezwenikazi lase-Afrika. Kungquzuka nabaphesheya kwezilwandle beze kuleli, abanye  abanjengoGerald Clayton, uDave Koz, uLauryn Hill, uCarmen Lundy, uFrank Pako, iLevel 42 nabanye bezonandisa.

Kanti enye futhi iJazz Festival eyaziwayo kuleli yiHazelmere Jazz Festival. Le Festival yenzelwa eThekwini kanti futhi nayo ihanjelwa yizinkakha zejazz. Njalo kumenywa umculi wakwelinye izwe okuba nguye oba ngumculi omqoka. Ngonyaka wezi-2013 kwakumenywe abaculi baphesheya okunguKenny Latimore kanye noSosha Oshaye kanjalo futhi no-Ishmael Lo waseSenegal.

Amazwe aphesheya kwezilwandle nawo kawehlukile nawalapha, njengoba nawo enamaJazz festivals awo ahlukene. Izwe lase-Australia nalo lineJazz festival yakhona ebizwa ngokuthi iMelbourne Jazz Festival, le Festival yasungulwa ngonyaka we-1988. Kanti iye ibekhona njalo ngonyaka, lapho kusuke kukhona abaculi abavela emazweni ahlukene. Ngonyaka wezi-2015 yayihanjelwe izethameli ezingaphezulu kwezingama-43 000. Abaculi abafana noJim Black, Paul Capsis, Oliver Lake kanye nabanye abaningi nabo babekhona.

Le Festival yehluke kakhulu njengoba imbandakanya neminye imicimbi eyahlukene yokugubha iMelbourne International Jazz Festival. Le micimbi eyehlukene isuke ibanjelwa emahholo, ezindaweni zobuciko, nakumajazz clubs. Empeleni nje singasho ukuthi idolobha laseMelbourne lisuke ligcwele umoya weJazz. Yonke indawo lapho uhamba khona uye uzwe abantu bekhuluma ngayo.

INew Orleans Jazz and Heritage Festival yasungulwa ngonyaka we-1970 e-Amerika. Kulo mgubho yilapho indawo yaseNew Orleans kanye neLouisana isuke igubha ubuhle nokwehlukana komculo njengoba kusuke kukhona abaculi abahlukene kusukela kwabacula umculo wokholo, yiR&B kanye nokunye. Yize kusuke kukhona abaculi bezinye izinhlobo kodwa umculo weJazz iwona odlalwa kakhulu.  AmaJazz Festival akwamanye amazwe awafani neze nawalapha eNingizimu Afrika. Kuleli asemaningi amaJazz Festival kodwa sekunomkhuba wokuthi kwamanye kumbandakanywe ezinye izinhlobo zomculo, obekungenzeki phambilini. Lokhu kubulala umoya weJazz Festival, futhi abathandi balo mculo bagcina sebekhokhela nabangakujabuleli.

Scroll To Top