Ezokusubatha

JOYINA NGENA
Dark Light

Ibuthwa ngamasaka kuComrades yalo nyaka

Bayede News

Kuzobonakala ngeSonto kulabo abazilungiselele ngempumelelo uma sekubhekwe ezansi emjahweni walo nyaka othathwa njengonzima kakhulu kubagijimi

NGESONTO ligamenxe ihora lesi-5 ekuseni eCity Hall, eMgungundlovu sizoqhuma ngokusemthethweni isibhamu esizosusa i-2016 Comrades Marathon ezophelela eSahara Kingsmead Cricket Stadium, eThekwini.

Umbuzo okhona othi, ngabe kulo nyaka ukhona yini umsubathi waseNingizimu Afrika ozokwephula irekhodi likaLeonid Shvetsov waseRussia, lesi sikhathi esingamahora ayisi-5 nemizuzu engama-20 nemizuzwana engama-41 alenze ngowezi-2007 zehla zibheke eThekwini.

Kuvuka umbuzo ofanayo nakwabesifazane njengoba seyibe li-13 imijaho eyehlayo kungekho owephula elikaFrith Van Der Merwe lesingama-05:54:43 alenza ngowe-1989. KuComrades yalo nyaka ezobe igijinywa ihlandla lama-91 ozokwephula irekhodi lokwehla lalaba uzoklonyeliswa ngezi-R400 000 ingakabalwa eyokunqoba lo mjaho, eyinani elifanayo. Uma ubheka izikhathi zabasubathi abali-10 abazame ukusondela ezikhathini ezenziwe nguShvetsov noFrith kubukeka kulahlisa ngethemba ukuthi ayoke aphulwe amarekhodi alaba.

UStephen Muzhingi waseZimbabwe ogijimela iF1 uhamba phambili kwabasondela erekhodini likaShvetsov. Ngowezi-2009 wenze isikhathi   esingama-05:23:27 lapho enqoba lo mjaho osungulwe nguVic Clapham ngowe-1921 ngenhloso yokuhlonipha amasosha asala enkundleni empini yomhlaba yokuqala.   Ulandelwa yingwevu uBruce Fordyce owenze esingama-05:24:07 ngowe-1986. Kwabesifazane ozamile ngu-Ann Trason oshaye isikhathi esingamahora ayisi-5:58:25 ngowe-1997. Ulandelwa wuTatyana Zhirkova owenze esingama-05:58:50.

Ngesikhathi zehla ngowezi-2014 uBongumusa Mthembu we-Arthur Ford Running Club odabuka eBulwer, obe ngowokuqala waKwaZulu-Natal ukunqoba lo mjaho naye ulandele ozakwabo ehluleka ukunqoba lo mjaho njengoba enze esikhathi esingama-05:28:34. Nakwabesibhuda u-Eleanor Greenwood wase-England wehlulekile enza esingama-06:18:15. Ngaphandle kwabasubathi beNedbank Running Club abafana noClaude Moshiywa, uLudwick Mamabola, uFikile Mbuthuma,  abanye ababhekwe ukudla umhlanganiso, ngabeMaxed Elite.

Izogadla ngoMncedisi Mkhize waseMthwalume ongomunye wababhekwe ukushaya intambo kulo nyaka. Unezindondo zegolide eziyisi-6 kuComrades kanti useyigijime amahlandla angaphezu kweshumi. Omunye nguProdigal Khumalo waseZibambwe osezinze eNanda, ngaseThekwini naye onesipiliyoni salo mjaho. Ngowezi-2014 ulale indawo yesi-6. UMarko Mambo waseZimbabwe ungelinye ithemba leMaxed Elite. Ulale indawo yesine ngowezi-2012. Kukhona noTebogo Sello uphume kutop 10 nyakenye noGert Thys wakuleli. Elinye iqembu elingeke lisale ngaphandle yi-Arthur Ford Athletics  Club. Imibala yayo kuzobe kungongokuqala ibonakala kulo nyaka kuComrades Marathon. Ngaphandle kukaMthembu iphinde ibophele noThuso Mosiea waseMpendle olale eyisi-9 nyakenye kuComrades.

Kukhona neTom Tom Athletics Club esanda kujoyinwa nguGift Kelehe ongumpetha wanyakenye. Lo msubathi oyiphoyisa eRusternburg unezindondo zegolide ezine. Uzobe ehambisana noDavid Getebe onqobe iTwo Oceans Marathon ngowezi-2013 noGaolatlhe Lesetedi

Kwabesifazane kubhekwe uCaroline Wostmann, ongumpetha wanyakenye kuComrades. Kulo nyaka uzogijima efake imibala emisha yeKPMG Running Club. Usuka kuNedbank Club. Lo msubathi kulo nyaka unqobe iTwo Oceans ihlandla lesibili. Uzobe ephelezelwa wuKerry Ann Marshall olale eyesi-6 kuTwo Oceans  waphinde waphuma kutop 20 amahlandla amabili kuComrades. Kukhona noLesogo Hloko. Omunye umgijimi obhekiwe nguJulianie Basson weBorn2Run onezindondo ezine zegolide. Uzohambisana noSalome Cooper onezindondo zeComrades ezili-13. Kukhona noYolande MaClean ophume kutop 10 ngowezi-2003.

Okunye ngeComrades yalo nyaka, ukuthi bayizinkulungwane ezili-15 533 abesilisa baseNingizimu Afrika abangenele iComrades bese beba ezi-4 298 abesifazane.

Bangama-974 abasubathi besilisa baphesheya bese beba ngama-346 abesifazane. Abesilisa abasuka e-Afrika bangama-303 bese kuthi abesimame beba ngama-78. Abesilisa abazobe beqala ukugijima lo mjaho bayizi-5 238  bese kuthi isibhuda sibe yi-1963. Kuleli isifundazwe esinabagijimi abaningi yiGauteng, ngabayizi-9 492 kulandele iKwaZulu-Natal ngabayizi-4 532 bese kuthi iWestern Cape ibe nesibalo sabayizi-2360. Ngaphandle kwelakuleli baqhamuka emazweni angama-77 abasuthi abangenele iComrades nonyaka. IGreat Britain izihola ngabangama-307, kulandele iMelika ngabangama-242 bese kuza iZimbabwe ngabayi-166.

See Also
‘Ngiyothola ukuphumula mhla nganqoba iComrades’

Isibongo esihamba phambili kwabangenele iComrades nonyaka ngesabakwaDlamini silandelwe ngesabakwaSmith. ONdlovu balele isithathu. Ngaphandle kwemali eyizi-R400 000 ezotholwa onqobile neyisibalo esifanayo ezoklonyeliswa ophule irekhodi, umsubathi wakuleli ozoshaya intambo uzophinde aklonyeliswe ngezi-R190 000. Ngaphezu kwalokhu uMnyango Wezemidlalo KwaZulu-Natal uzokhipha izi-R35 000 ezonikwa  umsubathi wakulesi sifundazwe oqede kuqala. Imali yezindondo zegolide ezizonikwa abali-10 bokuqala ilinganiselwa kuma-R500 000.

Ozophuma indawo ye-11 engeqanga esikhathini esingamahora ayisi-6 uzohlabana ngendondo ebizwa ngeWally Hayward yesiliva bese iba nendilinga yegolide phakathi nendawo.

Owenze isikhathi esiphakathi kwamahora ayisi-6 kuya kwayisi-7 nemizuzu engama-30 uthola eyesiliva bese kuthi kusukela lapha kuya kweyisi-9 athole eyethusi ebizwa ngeBill Rowan enendilinga eyisiliva phakathi nendawo. Le ndondo iqale ukutholwa ngowe-2000 kuhlonishwa uBill Rowan owaba ngumgijimi wokuqala ukunqoba iComrades Marathon.

Kusukela kumahora ali-11 kuya kwali-12 umgijimi uthola iVic Clapham eyithusi okuhlonishwa ngayo umsunguli walo mjaho. UBruce Fordyce uzihola phambili ngokunqoba iComrades amahlandla ayisi-9. U-Elena  waseRussia ukwaze ukuwina eyisi-9. UDave Rogers uhamba phambili ngokunqoba izindondo eziningi ezingama-45.

Imi kanjena isiyonke imiklomelo yeComrades: Indawo yokuqala yizi-R400 00, isibili yizi-R200 000, isithathu yizi-R150 000, isine yizi-R75 000, isihlanu yizi-R60 000, isi-6 yizi-R36 000, isi-7 yizi-R32 000, isi-8 yizi-R27 000, isi-9 yizi-R22 000 bese kuthi ophume eye-10 athole umthoba nhliziyo wezi-R18 000.

Scroll To Top

Siyabonga ngokufunda iBayede.

Zakhele i-akhawunti yamahhala noma faka imininingwane
yakho uqhubeke ufunde.



Bheka izindlela zokukhokha ongakhetha kuzo.