Now Reading
USokhela uthi iComrade yakhe yokuqala uzoyisebenzisa ukufunda lo mjaho
Dark Light

USokhela uthi iComrade yakhe yokuqala uzoyisebenzisa ukufunda lo mjaho

Kusele izinsuku ezili-16 ngaphambi kokuthi kube umqhudelwano waminyaka yonke obizwa ngokuthi iComrades Marathon.  Lo mqhudelwano uzoba mhla zingama-28 kwephezulu, kulokhu uzobe wehla uzoqala eMgungundlovu eCity Hall bese kwelikabhanana eThekwini eMoses Mabhida Stadium. ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile nomsubathi omncane ozobe egijima lo mqhudelwano okokuqala. Lowo nguNdumiso Sokhela ogijima ngaphansi kweqembu iXcel Running Club.

Ubalule ukuthi njengoba eya kulo mjaho akabhekile okuningi, inhloso yakhe ukuthi ayofunda kabanzi ngawo.  “Kuzobe kungokokuqala ngigijima iComrades. Inhloso enkulu ukufunda ngeComrades, ngibazi ubunzima bakhona. Uma kungase kuthiwa ngibalwa nabali-10 abazoqeda kuqala kobe kuyinto enkulu kakhulu leyo kumina kwazise kuzobe kungokokuqala ngiyigijima. Ukugijima kumqhudelwano ngagcina mhla zinhlanu kuNhlangulana, sengilindele usuku lango mhla zingama-28. Ngicabanga ukuthi ngiphumule ngokanele ukuzilungiselela iComrades” kusho uSokhela.

USokhela ungomunye wabagijimi abaqhamuka esifundazweni iKwaZulu-Natal abenza kahle. Kulo nyaka ugijime umjaho omkhulu iTwo Oceans Marathons waphuma endaweni ye-12 ngeskhathi esiwu-03:16.07, iCapital City Marathon ebangeni lama-21km waphuma endaweni yesibili. Kowabe useThekwini obizwa ngeBest of the Best Marathon kuwona waphuma endaweni yesikhombisa. Emasontweni amathathu edlule ubegijima iHarry Gwala District Marathon nalapho aphuma khona endaweni yesibili ngesikhathi esiwu-2:20.04, elandela u-Ayanda Ngcobo owaqeda ngesikhathi esiwu-2:18.09. Kowogcina kwaba owePrince Mangosuthu Marathon naphuma kuyona endaweni yesihlanu.

Ugila lezi zimanga nje uqeqeshwa umqeqeshi onamava uXolani Mabhida, ophinde aqeqeshe noBongumusa Mthembu onomlando omuhle kwiComrades Marathon.

“Kumina kusho lukhulu ukuqeqeshwa nguMabhida. Ngiqale ukuhlangana naye ngowezi-2013 lapho wabona ukuthi kukhona engingakwenza kwezokusubatha. Ukuba ngaphansi kwalo mqeqeshi sengizuze izinto eziningi, umzekelo sengike nganqoba imijaho eminingi lapho ngingabala iSA track & field 10 000m, 8km Cross Country, iMandela Marathon neHarry Gwala Marathon. Okuhle ukuthi uyangiqonda kukhona konke usefana nomfowethu, amava anawo ungewafanisa nalutho” kusho uSokhela.

Ngaphandle kokusubatha uyafunda e-UNISA wenza iBCOM kwiTourism Management. Ekuqaleni kukaNcwaba kuvele ukuthi kuzoba noshintsho kwiComrades yakulo nyaka. Ushintsho laku lonyaka ukuthi kuzokwehla ibanga lomzila. 

See Also

Izindaba zokwehla kwebanga lomzila womjaho wakulo nyaka zavezwa nguRowyn James oyisikhulu esiphezulu.Ngokwalesi sitatimende, umzila wakulo nyaka uzokwehla ngebanga elingu-299m 

okunowango-2018. Lokho kuhsho ukuthi umjaho waku lonyaka uzoba ngu-89.885km.Kuvela ukuthi okufunzelele ukwehla kwebanga lomjaho wumsebenzi wokulungisa imigaqwo.

Ucwaningo oluphume nesinqumo sokwehlisa ibanga lwenziwe yiComrades Marathon Association Route Portfolio, Road Traffic Inspectorate, Msunduzi Traffic neDepartment of Traffic. UJames uphinde wamemezela nezikhathi okuzovalwa ngazo izigaba ezithile zomjaho ngosuku.

  • Lynnfield Park 02:40:00 (08h10)
  • Cato Ridge 04:30:00 (10h00)
  • Drummond 06:10:00 (11h40)
  • Winston Park 08:10:00 (13h40)
  • Pinetown 09:30:00 (15h00)
  • Sherwood 11:10:00 (16h40)
Scroll To Top