Now Reading
Ichilo wukuthi iNingizimu Afrika isizwe esikhohlwayo
Dark Light

Ichilo wukuthi iNingizimu Afrika isizwe esikhohlwayo

Amaqhawe nezinqgalabutho zakuleli zinede nje zingasithela kube sekuphelile njalo

 

KULELI sonto eledlule kumenyezelwe izindaba ezingabangamnandi zokuthi loyo oyindodakazi kaMafukuzela onjengeLanga, uDkt uJohn Langalibalele Dube usendele koyisemkhulu. UNks Lulu Joana Dube udlule emhlabeni emuva kokugula. Khona lapho izindaba ezifanayo ziqhamuke kwaXhosa lapho sizwa ukuthi uMfundisi, uDkt uSimon Gqubule uselandulele leli. Lesi sigomagoma saba ngesokuqala kwaboHlanga ukwethweswa iqhuzu lobuDokotela (Doctrate) kwaNgqondonkulu eRhodes ngonyaka we-1978.

Yebo bobabili besebekhulile kepha kwaboHlanga lokho kuyisibusiso esimangalisayo. Ukuhamba kwabo kusonga ikhasi elimqoka emlandweni waseNingizimu Afrika nase-Afrika. Nokho okubuhlungu kakhulu wukuthi njengoba sekusehlele nje sekuphelile njalo ngoba izwe laseNingizimu Afrika nabantu balo banesifo esibi sokukhohlwa ngamaqhawe nezingqalabutho zalo. Laba bantu bekhethelo banede bangasithela nje phambi kwamehlo kube sekuphelile njalo.

Luningi uhlu lwabantu leli lizwe eligcina nje ngokukhuluma ngabo nxa sebeyobekwa endlini yabo yokugcina bese kuthula kuthi tu ngabo. Kubuye kube wusizi kakhulu uma umufi loyo engamataniswa neqembu lezepolitiki ngoba leli lizwe, ikakhulukazi abezindaba likholwa ukuthi umuntu ngumuntu ngoba enobulungu beqembu. Kwezeshashalazi nje zilele izinsizwa nezintombi kwathula umoya, balele oMnu uSipho Gumede, oMnu uNdaba Mhlongo, oMnu uThami Cele noMnu uBoy Ngema bodumo lwe-Asinamali!

Bambalwa nabasakhumbula ukuthi lapha kulo mhlaba kwake kwahamba iziNyosi ezazithi nxa zihaya kusiphuzele unwele lapho zixoxa umlando owawugcina ungumkhuleko wesizwe, namuhla akasekho okhuluma ngoMnu uMathambo Gwala kanye noMnu uNtulizenkosi Dlamini bonke kabasaziwa ingani kabasekho emehlweni ethu. Khona lapha emsakazweni bangaki abasakhumbula insizwa eyabe izisho ithi yona inguShobane kaMangethe, omhlophe odlula ishidi litashiwe, ongena esizibeni izingwenya zingamudli kunalokho zimuseve ngetiye, umfo kaSinono owabe egibela igagasi?  Kuthiwani nje ngomama uMamane Jali owayethi nxa esethi amdokwe sonke sisondele. Ah, ziphansi izinsizwa oMnu uJoshua Mlaba umfana waseNkwezela okwakwehlukaniswa ngaye unyaka, oMagwaza ayikhuphule uMnu uSijula Mnisi, oMnu uHurbert Sishi, uMnu Guyborn Mpanza, isilomo kwabancane nabadala uMnu Bongani ‘Kanssas City’ Mchunu kanye neTshitshi likafifteen years uNkk uMalindi Ntuli. Awu mhlaba kawunoni ngoba baphansi noMnu uThokozani Mandlenkosi Nene, Igxaba lembadada umanyathela, noDkt uReggie Khumalo. Akasekho obaziyo nobakhumbulayo.

See Also

Ukwenza ngezithathelayo

Kuthangi lokhu isizwe besivalelisa kuMfundisi uMcebisi Xundu kanye noSolwazi uHebert Vilakazi kepha abanye sebekhohlwe ngisho amagama abo. Leli yichilo ngoba kukhomba khona ukuthi singabantu abanjani, abamthanda umuntu nxa esaphila. Siphinde saziwe ngokutusa umuntu ngoba esethule, uzwe abantu phezu kwesidumbu besho konke abakade behlele ukuthi bazokwenzela umufi, umangale ukuthi la bekuyekweleni engaqhakambiswa esaphila umuntu ngoba nakhu amagalelo akhe ayaziwa.

Okubuye kumangaze wukuthi ezindaweni zakobantu yize sekukhona ukwenza ngezithathelayo lapho kuqanjwa khona imigwaqo ngabantu abathize. Isimanga lapha wukuthi uma uya ezikoleni noma ezindaweni ezigcina ulwazi khona endaweni awutholi ngala magama alenga emigwaqeni. Lobu budedengu bephuca izizukulwane ulwazi ngamagalelo alaba bantu bekhethelo. Akugcini ngamagama alabo abasuke belenga emigwaqeni kepha ngisho namagama ezikole nezindawo akukho lapho echazwa khona. Sekukaningana sizwa izingane ezifunda eVuyisile Mtolo, eH.P. Ngwenya, eChristopher Nxumalo, eMenzi, kwaShaka, eNkosibomvu nezinye othi nxa ubuza ukuthi kambe kwakungobani laba bese kucima izibani. Abantu bagcwala eMoses Mabhida naseNkosi Albert Luthuli ngeke babhale ngisho umusho ngoMabhida nangoLuthuli okulichilo okumele lisihlaze sonke thina esinolwazi nalabo abangenalo. Lesi simo sifakazela ukuthi nathi sizothi singasithela nje kube sekuphelile njalo, liqhubeke ichilo.

Scroll To Top