Kafushane ngolibo lweNgonyama uSenzangakhona


ISILO uSenzangakhona ezibongweni zaso, imbongi yaso isitshela ukuthi sasinogazi sisihle ngendlela yokuthi nxa umuntu esibuka esuka ekhanda eyophuma onyaweni kwakungenandawo angayisola.
Sasiside kakhulu. Ngakho-ke sazala kakhulu abantu besifazane besithanda. Nazi izigodlo zeNgonyama uSenzangakhona: eSiklebheni okwakukade sakhiwa yiSILO uJama; eSiphezi; kwaNobamba; naseMlambongwenya lesi sasiphume eSiklebheni. USongiya unina kaMpande wayehlala khona. ISILO uSenzangakhona sathola indlalifa, uMntwana uShaka singakabuthwa, siselusa izinkomo noMahole Khoza nabanye abafana ngasoNgoye sisuka esigodlweni saseSiklebheni umuzi weSilo uJama. ITshe leNtombi (uNandi) noSenzangakhona abalala phezu kwalo likhona lapho oNgoye. Lokhu kwalandelwa ukukhulelwa kukaNandi azalea uShaka. Imbongi uNandi imveza njengendoda ngenxa yemisebenzi eyayithathwa ngokuthi ngeyamadoda. Ngakho-ke esikhundleni sokuthi unguNomqeni okuyigama lowesifazane imbongi ithi unguSomqeni okuyigama lowesilisa. Okwesibili amathanga omuntu wesifazane ahlangene, kodwa akaNandi ayefanana nawomuntu wesilisa. Wayekhuluma aphakamise izwi njengomuntu wesilisa futhi ephatha izinduku ezinde njengomuntu wesilisa. Ngakho-ke ezibongweni zakhe kusobala ukuthi nguyena owayengumgogodla weSILO uShaka nowaba ngugqozi ekubeni sihlanganise izizwe zamaZulu.
Ngakho-ke indlalifa kaSenzangakhona kwakunguMntwana uShaka ngoba uNandi waphinde wagana walotsholwa, waba ngumlobokazi kaMnkabi owayeyiNdlunkulu yeSILO uSenzangakhona kodwa owazala uNozilwane intombazane kuphela. Wayeliphofukazi emude uNandi. Uyise kwakuyiNkosi uMbengi walandelwa indlalifa yakhe uMgabhi. Yena uNandi waphinde wathola ingane kwaQwabe emaMbedwini, uNgwadi. Uyise kwakunguGendeyana. UNgwadi, wayeliqhawe, uze wabulawa uDingane. UNgwadi wabe akhe ezansi nomfula iNhlungwane ezansi noMhlathuze. WayengowasemaMbedwini kwaQwabe. Ngenkathi uShaka eya kwaMthethwa wayehamba noNxazonke uninalume noMbikwana nabanye.
Ngamanga ukuthi iNgonyama uShaka yahlasela zonke izizwe. Ukuba kwakunjalo ngabe umlando wezizwe zakwaZulu washabalala. Kodwa kuze kube namuhla umlando wezizwe ezahlanganiswa ukhona kanye nabazukulu balawo maduna ahlanganiswa. Ababethi: “malushu!” abazange babulawe ngoba kwaZulu wayengabulawa owayesho njalo. Wayengashaywa ongahlomile. Wayephonselwa izinduku bese kuliwa-ke. Amanga ukuthi impi yeLembe yayiqotha imbokodo nesisekelo. Amaxhegu, izalukazi, abafazi nezingane babengabulawa ngenkathi iNgonyama uShaka ihlanganisa izizwe. Ubufakazi obuqanda ikhanda: “Izalukazi zizosala emanxiweni. Amaxhegu azosala emzileni.” Abantu abadala babethathwa njengedlozi. Izingane nabesifazane yibona abakha imizi yalapho begane khona. Izintombi ezingakagani ziganiselwe amabutho bese kwakheka ubuhlobo nobulingani nalabo abase behluliwe bahlanganiswa noZulu wonkana.
Kwakungekho noyedwa owayengacabanga ukubeka isandla eNgonyameni. ISILO uShaka sacitshwa ngomkhonto owawuqhamuka esixukwini kuhlangenwe kwaBulawayo. Kwasolwa abakwaQwabe. Kwaqala lapho ukungethembani kumaZulu ngoba kwenzeke into eyayingakaze yenzeke ngisho siseseNubia. AmaNgisi agcina ekwazile ukungenisa imfundisoze kuBantwana baseNdlunkulu okwaholela ekubulaweni kweSILO uShaka kwaDukuza. Lokhu kwaba umsebenzi wesandla esinoboya esasebenzisa aBantwana uMhlangana, uDingane noMbopha. Sabulawa kanjalo iSILO uShaka esibayeni kwaDukuza. Kwathi-ke mhla zingama-24 kuMandulo ngowe-1828 nxa aBantwana begwaza iNgonyama uShaka, uMxhamama kaSoshaya Sibisi owayekwaDukuza wababaza ethi: “Babo! Niyayigwaza yini iNkosi?” Naye bamgwaza wafa khona lapho.
UNozilwane wakhuleliswa uDingane wase eganiselwa uMkhwexo kaNxazonke kaMbengi Mhlongo esekhulelwe. Kwaqanjwa ingoma yomjadu eLangeni eyayithi: “isemgodini, ingwababana.” Kuqondwe ngakho ukukhulelwa kukaNozilwane kaSenzangakhona. ISILO uShaka sasinamaqhawe amaningi, omanye wawo kwakunguKomfiya kaNogandaya wakwaNcwane, owaqala eyinceku esigodlweni sakwaBulawayo. UShaka wathi oyohlabana kuqala empini uyomnika izibongo zakhe ayebongwa ngazo kwaMthethwa ezithi: ‘uZulu laduma obala, lapho kungemunga kungemtholo’. Yadumelana, uKomfiya wahlabana kuqala waseba ‘nguZulu kaNogandaya’ wahlonishwa njengeqhawe elikhulu leSILO uShaka.
NgokukaNduna kaManqina kaKhephukhephu kaNogandaya kaLujaba kaManxeba kaMnsunsula kaNdlovu kaDubuyana kaNcwana kaMalandela, abakwaNcwana babedabuka khona eNdlunkulu kaZulu bevela esendeni leSILO uMalandela ozala uQwabe noZulu. Izigodlo zeSilo uShaka kwakukwaBulawayo elinye igama kukwaGibixhegu. Ilawu leSILO uShaka elalixhumene noBulawayo kukwaCele. Ezinye izigodlo kwakuseMbelebeleni ngaseMpangisweni enhla neMfolozi eMnyama; kwaKhangela; kwaDukuza kaNombhalo; eMkhandlwini; uMgumanqa neNtontela. Izigodlo zeSILO uSenzangakhona kwakuseMlambongwenya kwabo kaMntwana uMpande ngasemfudlaneni iMamba eMpaphala ngaseNtumeni, eNtonteleni lapho sekuyidolobha laseGingindlovu khona, kwaNobamba naseSiklebheni. Abanye abaNtwana abazalwa yiSILO uSenzangakhona yilaba abalandelayo: uSigujana owayezalwa yintandokazi uBhibhi kaNkobe Ntuli, udadewabo kaNdlela kaSompisi. UMhlangana, owagwaza wabulala uShaka. Naye wagcina ebulewe eduze kwasemfuleni iMbekamuzi eMahlabathini. ISILO uSenzangakhona sazala uDingane. Kwathi uDingane esebusa wakha izigodlo zakwaKhangela eNdlayangubo okwakungesakwabo lapho kwakuhlala khona unina uMlilela wakwaNgobese, nesigodlo sakhe esikhulu uMgungundlovu.
Waveza izindlalifa wamemezela ukuthi zonke izindlalifa kufanele ziye esigodlweni saseMgungundlovu. Ngakho-ke bahanjiswa oSomahhashi kaNzombane nezinye izindlalifa. Wayeligagu elikhulu ephiwe ukusina phambi kwamabutho akhe. Wayengenzi lutho engabonisananga nesigungu sezinduna zakhe oNdunankulu oNdlela kaSompisi Ntuli noDambuza kaSobadli Ntombela. Wayewahlabela izinkomo amabutho nabantu ababefika eMgungundlovu bezomotha. Umusho ezibongweni othi: “umoya umnandi ngokunuka inyama.” Ugcizelela ukubusa okwakwenzeka eMgungundlovu. Amabutho kaZulu ayeyithembe kakhulu iNgonyama uDingane futhi akazange ayivukele ema nayo kwaze kwaba sekugcineni: kubhekenwe nabahlaseli bamaBhunu kwaNobamba ngoMfumfu ngowe-1837, eNcome mhla zili- 16 kuZibandlela kowe-1838 nasezimpini ezalandelayo amaNgisi namaBhunu esehlangene ukubhidliza ubukhosi bakwaZulu.
Amanye amadodana eNgonyama uSenzangakhona ngoSomajuba, uDlathiya noMahlule abangazange bazale bantwana. ISILO uSenzangakhona saphinde sazala uNdunge endlini yakwabo okwakunalabaNtwana bamantombazane: uNomzinhlanga owayezalwa yintombi yakwaNzuza, uNomcoba, uNomqotho noNtikili. UNomzinhlanga wayenamashiya amahle emuhle ngawo. Ubehlala ebandla lezindaba ngokwesikhundla sakhe sokuzalwa yiNgonyama. Wagana iNkosi uMlandela Mthethwa, kwathi uma engatholi baNtwana kwakhishwa uNomqotho wayomzalela. Nguye ozala uSokwetshatha nowagcina ebeyinkosi yesizwe sakwaMthethwa. NoMntwana uNomcoba naye wagana uMlandela. NgokukaMntwana uMkebheni kaDabulamanzi uNomcebo wayezalwa ngenye yamakhosikazi kaSenzangakhona. Unina kaNomcoba wabekwa ngaphansi kwendlu kaNandi ngokulanyaniswa kwezindlu. Ngakho-ke uNomcoba waba ngudadewabo kaShaka kanjalo. UMntwana uNtikili wagana uMalanda kaVelane Mkhwanazi bazala uSomkhele owazala uMtubatuba yena wazala uMgwazeni ozala uMinius. Abanye abaNtwana beSilo uSenzangakhona kwakungoNongqobo noNozilwane owayeyintombazane. Wayezalwa yiNdlunkulu kaSenzangakhona uMnkabi. Kwakukhona abaNtwana oMpande ababelanyaniswe noGqugqu, uNgqojana, uNomkhwayimba, noNzibe. Umlobokazi wakhe uNozibhuku wangenwa nguMntwana uMpande kwazalwa uMntwana uHhamu wakwaNgenetsheni. UHhamu wambukela emaNgisini empini yokuhlasela kwamaNgisi eSandlwana. UMntwana uSikhakha kaSenzangakhona wagana iqhawe uDilikana kaHlakanyana Mbatha bazala indlalifa uSimukanaye. UMntwana uMagwaza noNongqobo kaSenzangakhona babezalwa yinkosikazi uLangazana wakwaMzimela eSigodlweni sakwaKhangela ngesikhathi sikaDingane nesaseNdliwayini lapho kwagcina kwakhe khona uMntwana uMkhungo kaMpande eNdlayangubo. Nazi ezinye izigodlo zikaLangazana: eZembeni, eNkonjeni naseNtonteleni. Indlovukazi uLangazana kaGubeshe okaMzimela yahlala yaze yaba ndala kakhulu.
UMntwana uMagwaza noNongqobo basala enkundleni empini yaseNcome eyayibhekene nabahlaseli bamaBhunu. Kwakukuphela kwakhe kunina iNdlovukazi uLangazana kaGubeshe. Abanye abaNtwana bakaSenzangakhona ngoKholekile, uMdungazwe, uSophane noSomajuba.
- Lo mlando ucashunwe encwadini: IZingonyama naBantwana baseNdlunkulu kusukela endulo. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918