Now Reading
Abe-IEC kuwafa wafa wokhetho
Dark Light

Abe-IEC kuwafa wafa wokhetho

Kukhona abangahle bayibambe ngamakhwahla iNhlangano Yokhetho, kanti iphutha elincane engalenza izwe lingalotha

NGALESI sikhathi iningi libheke amaqembu ayobe encintisana njengoba kuza ukhetho loHulumeni Bezindawo ngenyanga uNcwaba nonyaka. Elinye iso kanjalo nomunwe ubheke enhlanganweni ezosingatha lolu khetho, i-Independent Electoral Commission (IEC). Lokhu akujwayelekile kuleli ngoba cishe kuzo zonke izinhlaka ezibunjwe kulandelwa iSahluko Sesishagalolunye (Chapter Nine) soMthethosisekelo i-IEC ibihamba phambili ngokuhlonipheka nangokwethenjwa. Le nhlangano inomlando omuhle kakhulu hhayi kuphela kuleli kepha e-Afrika yonkana. Amazwe amaningi ancela kuyo njengoba inolwazi kanjalo nengqalasizinda esezingeni lomhlaba.

Nokho izinto sezibukeka zingasefani njengoba lolu hlaka selungene odakeni kaningana nosekudale ukuba lube nengcindezi engakaze ibonwe. Le ngcindezi ngeyokuqinisekisa amaqembu ancintisanayo kanjalo nabavoti ukuthi kayicheme naqembu nokuthi izisebenzi zayo zethembekile. Lona ngumsebenzi olukhuni ngoba iningi labantu abaqokwe ezikhundleni eziphezulu kule nhlangano ngenxa yomlando baxhumene neqembu elibusayo. Lokhu bekuyinto engeyona imfihlo kepha nokho sekubonakala amaqembu aphikisayo esekusebenzisa lokho ukubeka le nhlangano amabala.

Ukuqokwa kukaMnu uVuma Glenton Mashinini njengoMphathi we-IEC akwehlanga kahle emaqenjini aphikisayo. Yize uMashinini enamava ngalo msebenzi njengoba ake wasebenza njengesikhulu se-IEC kusuka ngonyaka we-1998 kuya kowezi-2001, isono sakhe kulokhu wukuthi uke waba ngumeluleki kaMengameli uJacob Zuma ohola iqembu elibusayo.  Lokhu yize esathule nje aphikisayo kubukeka kungenye yezinto la maqembu ayoziphakamisa nxa ukhetho luke lwaba nezihibe.

UMashinini ufikele phezu kwenkanankana ngoba ufika nje vele sekukhona ukukhuluma kokungayethembi le nhlangano ngenxa yamaphutha kanjalo nezinsolo zokwenzelela. Elinye iphutha elingagqamanga kwabezindaba kwaba wudaba oluthinta isihlalo se-African Christian Democratic Party (ACDP) ngokhetho lowezi-2004. Lapha i-ACDP yasola abe-IEC ngokwenza iphutha ekwabeni izihlalo nayilapho yagixabeza isihlalo sayo i-Azanian People’s Organisation (Azapo). Njengoba leli phutha latholakala emuva kokuqinisekiswa kwemiphumela i-ACDP yedlulisela udaba eNkantolo Yokhetho (Electoral Court) neyavuna i-ACDP.

Ingqemeke engeqiwa ntwala

Olunye olusematheni ngolokhetho lokhuchibiyela olwenzeka ngaphansi kukaMasipala iTlokwe esifundeni iNorth West. Ecaleni elibhaliswe ngokuthi yiKham and other v Electoral Commission and another, ababengenele ukhetho ngokuzimela, lapho izisebenzi ze-IEC zathela le nhlangano ngehlazo ngenxa yobudedengu. Kulolu daba ababengenele ukhetho njengabantu abazimele bayisa i-IEC eNkantolo beyisola ngokuthi ivume ukuba kube nabantu abavota esigcemeni kepha bengabhalisile noma bengebona abendawo. Okumangazayo lapha wukuthi ngisho inkantolo ingakanqumi, uphenyo lwayo i-IEC yakuveza ukuthi abantu abangaphezu kwe-1000 babebhalise ezigcemeni abangahlali kuzo, kwathi abangama-300 behluleka ukuveza ubufakazi bokuthi bahlala lapho babe bhalisele khona. Kanti yona iNkantolo yathola okushaqisayo ukuthi phakathi konyaka wezi-2000 kuya kowezi-2004  kubavoti abasha abayizi-3832 abayi-1040 babebhalise ezindaweni okungezona kwathi iminingwane yabangama-332 yangacaccisa ukuthi ngabakuphi. Esinqumweni sakhe uMahluleli washo okwacacela noma ngubani ukuthi usola amabomu lapha: “Okukhathazayo ngalokhu ukuthi akukho ncazelo yokuthi kwenzeka kanjani ukubhaliswa okungaqondile. Ukuthatha ngokuthi amakheli ayenikezwe ngalaba bavoti kwakungaphelele, lokho kwenza kungacaci ukuthi bavota kusiphi isifunda nokwenza kubelukhuni ukugagula iwadi okufanele babhalise kulona. Kungani pho bafakwa emawadini okungesiwona kunokuthi bafakwe kulawo okuyiwona? Ngabe lokhu kwazenzakalela? Kuyethusa uma kunjalo.”

Akungabazisi ukuthi isinqumo saseTlokwe sathela le nhlangano ngehlazo nokungaba yinxeba labo abaphikisana nayo abangangena ngalo nxa bebona ukuthi imiphumela kayihambi njengoba befisa. Lapha uMahluleli kwala kancane athi i-IEC yabe inenhloso ekwenzeni lokhu esolwa ngakho nokuyinto eyakha isithombe esingesihle.

Abe-Economic Freedom Fighters sebelibeke ngembaba elokuthi abe-IEC ababogawula babheka kulolu khetho. Ekhuluma nezinkumbi zabalandeli be-EFF e-Orlando ngenyanga eyedlule uMengameli waleli qembu uMhlonishwa uJulius Malema wexwayise i-IEC ukuba ingalokothi ikhwabanise ukhetho. “Akekho onganqanda lokhu, ngisho i-IEC ngeke ikuvimbe ukunqoba kwe-EFF. I-IEC, ngifuna ukuyixwayisa, ngiyayixwayisa i-IEC: ziphathiseni njengabomthetho (abakhiphe ukwahlulela okubili okulahla uZuma kulezi zinsuku).

“I-IEC ayiziphathise njengabomthetho. Kufanele nizimele. Nantshontsha amavoti ethu e-Alexandra, sanivumela.”

See Also

“Sayehlula i-ANC (okhethweni lukazwelonke) eGauteng, bantshontsha amavoti ethu. Ngithi kini, mabili amaqembu ancintisana okhethweni, kodwa ngifuna ukunitshela ukuthi kukhona elesithathu, lelo lincintisana nathi, elibizwa ngokuthi i-IEC.”

I-IEC incintisana nathi siyi-EFF, Ningizimu Afrika, i-IEC ikwenzile lokho eTlokwe (lapho inkantolo yathola ukungahambisi kahle kokhetho isola i-ANC), i-IEC yakwenza lokho e-Alexandra, i-IEC iyaqhubeka iyakhwabanisa okhethweni.”

Siyabexwayisa, siyanixwayisa, ngeke nize niwanqobe amandla esizwe esimnyama. Akekho ongehlula amandla esizwe esimnyama. Ngisho amasosha ngeke awehlule emandla esizwe esimnyama.” Kanti enye into ekubukeka ingase idale umbango ngemuva nangaphambi kokhetho wudaba lothisha abasebenza njengabaphathi bezikhungo zokhetho. Izinsolo eziqhamuka emaqenjini aphikisayo zithi iningi lalabo thisha ngamalungu eSouth African Democratic Teachers Union (SADTU) necheme isidana  nenhlangano ebusayo i-ANC. Lezi zinkulumo kazizintsha kepha kulokhu kubukeka zingase zivuke ngamandla zidunge ngisho ukhetho.  Okuhlalele uMashinini kukhulu ngoba iphutha nje elincane elingenziwa ngozakwabo lingenza leli zwe libe ngumlotha.

Kule nyanga amaqembu azobe engenele ukhetho asayinde isivumelwane sokuzibophezela ukuthi azoziphatha ngokuyikho ngaphambili, ngesikhathi sokhetho nangemuva kokhetho. Yize lokhu kumqoka, umlando usitshela ukuthi akulandelwa njengoba abaqembu eba ngokunye ngesikhathi sokhetho nalapho sekuphume imiphumela. Ithemba lisekutheni abalandeli okuyibo abavame ukusetshenziswa bazokwazi ukuzithiba nokubona ubumqoka bokuqhubeka nokuthula nokuyinto leli zwe elakhelwe phezu kwakho. Kulindeleke ukuthi usuku lokhetho umhla zi-3 kuNcwaba lugazethwe ngokusemthethweni ngesonto elizayo.

Scroll To Top