Now Reading
Amaqembu asekhipha amangwevu okugcina okhetho
Dark Light

Amaqembu asekhipha amangwevu okugcina okhetho

EZINSUKWINI ezili-12 izakhamuzi zakuleli ezisezweni nezisemazweni angaphandle zizobe zivota okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe. Ukuvota okukhethekile kuzokwenzeka mahla ziyisi-6 namhla ziyisi-7 kuNhlaba kanti ukhetho oluvulekile luzoba ziyisi-8 kuNhlaba.

Amaqembu ezepolitiki asefaka umfutho wokugcina enxenxa abavoti ukuze bavotele amaqembu abo efuna baguqule imiqondo ngamaqembu abakuwo njengamanje kuthi labo abangakacabangisisi bahungulekele kuwona.

Kuthe lishona olwangoLwesithathu amaqembu amathathu amakhulu abesewuqinise kanje umkhankaso wawo.

Umholi we-EFF uMnu uJulius Malema ubeseGaleshewe eNorthern Cape, lapho enxenxe khona umphakathi ukuba uvotele iqembu lakhe ngomhla ziyisi-8 kuNhlaba. UMalema ukhulume ngokubuyiswa komhlaba, imisebenzi nangemfundo yamahhala, okuwumongo weqembu lakhe. “Izindlu zomxhaso azisona isisombululo saphakade. Imali yesibonelelo ayisiso isisombululo saphakade. Uma ingane isineminyaka eli- 18 isibonelelo siyanqanyuwa,” enxenxa izihlwele eziyathakasele inkulumo yakhe.

DA

Ukuqeda inkohlakalo kuyisiqubulo seDemocratic Alliance, ebifake imibala eluhlaza sasibhakabhaka kulo lonke idolobha iJohannesburg ngesikhathi imasha ikhala ngenkohlakalo. Ongenele esobundunankulu eGauteng uMnu uSolly Msimanga ubehola imashi.

Uthe iqembu lakhe lizimisele ukuqeda inkohlakalo. “Ngeke kusenzeka njengoba kade kwenzeka futhi ngeke sibabekezelele labo ababentshontsha emphakathini futhi babuye banikela ngentembeko yabo.”

See Also

i-ANC

Ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa ehambele iKwaZulu-Natal ne-Eastern Cape ukuze ahlanganise amehlo nabagilwe yimvula nezikhukhula, uNgqongqoshe Wezokuthuthukisa Ezomnotho uMnu u-Ebrahim Patel ubesohlelweni lukaKarima Brown kuRadio 702 ekhuluma ngezomnotho ngaphansi kwesiqubulo esithi; ‘Amaqiniso amahlanu okufanele uwazi ngezomnotho’.

UPatel ukhulume ngomkhakha wokwakhiwa kwezimoto ethi unezisebenzi ezingaphezu kwezi-100 000. Uthe iGauteng ingesinye sezifundazwe esikhulu esikhiqiza izimoto, esikhiqize isigidi sezimoto kweziyizigidi ezintathu ezikhiqizwe lapha eNingizimu Afrika kule minyaka emihlanu edlule.

Scroll To Top