Kuhle ukusondelana kwezingqwele zase-Afrika
UMnu uXaba ungumsunguli we-Adamopix. Uyilulungu leBhodi yenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil…
Zimbiwe yinsele eNigeria. Umbuzo-ke uthi, baphi aboHlanga baseNingizumu Afrika ukucosha la mathuba amahle kanje eNigeria.
SEKUYISIKHATHI eside umhlaba waziswa ukuthi i-Afrika izwekazi elimnyama. Okungukuthi yizwekazi elingenantuthuko, elisilele emuva futhi elingenayo ngisho indlela ecacile yokuthi lingazithuthukisa kanjani. Lawa amagama athi uma esekhulunyiwe, bese eshesha ekholeka kwabawazwayo noma bekuyiphi indawo emhlabeni kubandakanya nama-Afrika uqobo. Akumangalisi ukuzwa abantu bekhuluma benanela ‘ubumnyama’ be-Afrika ngenxa nje yokuthi bezwe muntu mumbe ebheca leli izwekazi.
Okuphinde kudide kakhulu futhi ukuthi imicabango le etshalwa ngesithombemqondo kubantu, yenza ukuthi abanye abantu bamazwe omhlaba uma becabanga ngomAfrica, babe nesithombe sendoda esaphehla uzwathi njengasendulo. Akumangalisi uma uzwa labo abasuke beqala ukuvakasha e-Africa, njengomunye wabadlali abamnyama waseMelika uWill Smith, owathi, “Ngifika okokuqala e-Afrika nganginomcabango ongeyiwo lapho ngangizitshela ukuthi ngiyothi ngehla nje endizeni, ngihlangane nezindlovu, nezindlulamithi zingihlangabezile.” Wakusho lokhu emva kokumangaliswa ukuthi efika eGoli wathola ukuthi awukho umehluko phakathi kwaleli nezwe lakubo iMelika.
I-Afrika phela yizwe eselibe umtapo omkhulu wezihlakaniphi namaqili aseNtshonalanga. Selokhu kwahlanganwa eBerlin ngonyaka we-1884 nowe–1885, lapho abelungu babeziklamela imingcele yezwekwazi lama-Afrika ngodede emini kwabha. Ngaleso sikhathi ama-Afrika ayengashaywa mkhuba, kwazise ayebonakala njengabantu abangekho bekhona. Namanje i-Afrika isehlukene ngokomcabango ngenxa yokuthi yilowo nalowo uzibona enabafowabo le phesheya ngawo njalo umlando wabacindezeli. Kunamazwe ayecindezelwe amaNgisi, amanye amaPutukezi, amanye amaFulentshi njalonjalo. Ngenxa nje yalokhu, akumangalisi ukuzwa yilelo nalelo lizwe kusasele inhlesana yokuthi thina singconywana ngoba sinobudlelwano obuhle nezwe laphesheya elithize, besho abacindezeli babo. Esinye zezishoshovu zomzabalazo waboMdabu e-Afrika uSamora Machel, wake wabeka amazwi ayehlonza ukuphendula lesi simomqondo wama-Afrika wathi, “Ukuzibiza ngezwe elikhuluma isiPutukezi, isiNgisi kumbe isiFlentshi, nokucabanga ukuthi ngenxa yalokho usungconywana wena, akuthi shu, ngoba lokho kusho ukuthi ungumcindezelwa” Wayekubeka lokhu ekhuthaza ama-Afrika ukuthi awazazi ukuthi angama-Africa kuqala azigqaje ngobuzwe bawo nobufowabo phakathi kwawo.
Ekubeka lokhu uMengameli waseNingizimu Afrika uMnu uJ.G. Zuma, kwenye yezinkulumo ayenze evakashele izwe laseNigeria, uhambe phezu kwawo la mazwi kaMnu uMachel, washo ngokusobala ukuthi izwekazi lase-Afrika, liyomele lifunde ukuzithintitha esikhwakhwalaleni sensalela yencindezelo. Enkulumeni yakhe ayibeke ngokungananazi kosomabhinisi baseSouth Afrika naseNigeria, mhla ziyisi-9 kuNdasa ngowezi-2016, uhlabe ikhwela lokuthi ama-Afrika awakuqonde ukuthi izwekazi lawo liphethe umnotho odingwa umhlaba wonke. Futhi kumele amagugu awo nezimbiwa zingaphumi ziyohluzwa ngaphandle sibe singakwazi ukubambisana njengama-Afrika. OkaNxamalala ubeyethula le nkulumo ngokumenywa umlingani wakhe uMengameli waseNigeria uMnu uBuhari. Akumangalisi ukuthi le nkulumo inanelwe yiwo wonke umuntu obekhona kulo mcimbi.
Lo mhlangano wala mazwe amabili, ubuhlose ukuzama ukubuyisela ubudlelwano obuhle phakathi kwawo njengezinqgunqgulu ze-Afrika. Kuzokhumbuleka ukuthi iNigeria eminyakeni embalwa eyedlule, iye yadlula iNingizimu Africa ngobukhulu bomnotho wayo. Lokhu kwezeke emva kwesikhathi eside kulokhu kwaziwa ukuthi iNingizimu Afrika iqenqetheka phambili ngobukhulu bomnotho. Uma uqhathanisa la mazwe omabili, iNingizimu Afrika inabantu cishe abalinganiselwa ezigidini ezingamashumi amahlanu nanhlanu (55m) kanti iNigeria inezigidi ezevile ekhulwini namashumi ayisikhombisa nanhlanu (175m). Ubuningi babantu lobu bukhomba umnotho wezwe ngenxa yokuthi abantu babalwa njengomnotho uqobo. Ingani yibo abawakhayo futhi yibo abathengayo bathengiselane ze kwakheke intuthuko.
I-Afrika inazo zonke izinto ezifunwa ngamazwe omhlaba kusukela ezithelweni, izimbiwa, abantu asebengaphezulu kwebhiliyoni, iningi labo abantu abasha nokunye. Impendulo ye-Afrika iqiniso lithi ayisekho kula mazwe ekade eyicindezele. Ngisho nosizo lolu okuze kubonakale sengathi olwezimali zokubonelela lawo mazwe okuthiwa adla imbuya ngothi e-Afrika, kahle hle kusuke kuyiwo umnotho owantshontshwa e-Afrika ubuyiswa ukuze uzoqhubeka nokuthunaza isithunzi som-Afrika. I-Afrika uma isazoqhubeka nokuzibuka ngeso lamanye amazwe omhlaba, isazohlala njalo izibona ingelutho, ishayelwa njalo umthetho yizo belu izifikanamthwalo.
Ukusondelana kwezingqwele zezwekazi lase-Afrika
INigeria neNingizimu Afrika amazwe amnotho wawo ungaphezu kwengxenye uma uqhathaniswa nawo wonke amazwe ase-Africa ehlangene. Okufike kubaluleke kakhulu ukuthi iNingizimu Afrika inezinhlaka ezisemazingeni amazwe athuthuke kakhulu emhlabeni ukuqhathwanisa neNigeria noma nanoma iliphi izwe e-Africa. Kanti iNigeria yona, inabantu abaningi ukwedlula nanoma iliphi izwe e-Afrika. Akumangalisi ukuthi izinkampani zaseNingizimu Afrika zenza kahle kahulu eNigeria, lokhu kubala ezifana noMTN ezicishe zibe nenxenye yonke (45%) yomnotho wezokuxhumana eNigeria, iShoprite engabangiswa nkaphani ngempumelelo yayo, Ibhange iFNB nezinye. Zibalelwa ngaphezu kwekhulu namashumi amahlanu izinkaphani zaseNingizimu Afrika ezisebenza eNigeria.
Phendula-ke lesi sithombe bese ubheka ukuthi zingaki izinkampani zaseNigeria ezisebenza eNingizimu Afrika. Kuyabonakala ukuthi zincane kakhulu. Mhlawumbe azevile ngisho eshumini. Emhlanganweni wala mazwe amabili obuholwa oMengameli bawo uMnu uBuhari noMnu uZuma, kuvele ngokusobala ukuthi intuthuko nokubambisana kwala mazwe omabili kungaletha masinyane ukuqhubekela phambili kwezwekazi lase-Africa. Kuzokhumbuleka phela ukuthi iNingizimu Afrika neNigeria amazwe anobuhlobo obuhle nobude kwezepolitiki. Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwangena isihlava somdonsiswano ogcine uletha ukungethembani kula mazwe. Nokushaywa kwabokufika eNingizimu Afrika nyakenye akubanga nomthelela omuhle, kwazise nabaseNigeria babeyinxenye yalesi sigameko,njengabokufika.
Kuzokhumbuleka futhi ukuthi izwe laseNigeria umnotho walo ubuncike kakhulu kuwoyela, kodwa manje isiqala umkhankaso omkhulukazi wokwendlala umnotho wawo ukuze ube ozoxuba izimboni, ezezimali, ingqalasizinda esezingeni lomhlaba, nokunye okuningi. INigeria ikubeke kwacaca ukuthi nakuba kube nomdonsiswano ongemuhle ngaphambilini, manje izimisele ukusebenzisana neNingizimu Afrika kwazise thina lapha eMzansi siziphethe zonke lezi zinto. Akumangalisi-ke nokho ukuthi nyakenye, ziyisi-9 kuZibandlela ngowezi-2015, uNxamalala wethula ithimba lamalunga ayezothi asize ukuhwebelana kwe-Afrika jikelele, elibizwa ngokuthi i-Afrika Business Leaders Forum (ABLF). Phezulu eqhulwini laleli thimba kukhona izinqwayinqwayi zezomnotho okungoMnu uPatrice Motsepe no-Aliko Dangote. Okubalulekile la ukuthi leli thimba lakhelwe kumazwe amabili okufanele nakanjani angalenzi iphutha, asebenzisane kumnyama kubomvu ngoba yiwo kuphela azokwazi ukutakula i-Afrika kulolu sizi lokungazimeli kwezomnotho.
Zimbiwe yinsele eNigeria. Umbuzo-ke uthi, baphi aboHlanga baseNingizumu Afrika ukucosha la mathuba amahle kanje eNigeria.