Now Reading
UMboweni akadingi kutshelwa kulokhu
Dark Light

UMboweni akadingi kutshelwa kulokhu

Ngesikhathi izwe lisotakwini lwezomnotho inkulumompikiswano ngesixazululo isha phansi

Isilwane esingumuntu sivamile ukwenza noma ukuqhamuka nezimpendulo ezilula ezimweni ezilukhuni. Lokhu kulula futhi kwenza loyo  njalo abe nomuzwa wokuthi unqobile. Kwenzeke okufanayo ngesonto eledlule ngesikhathi uNgqongqoshe Wezezimali uMhlonishwa uTito Mboweni ekhipha emphakathini isethulo  somqulu wokubonisana  ngenqubomgomo yezomnotho kuleli.

Lo mqulu ongamakhasi angama-75 udale inkulumompikiswano nxazonke kukhona abavumelana naye ngakolunye uhlangothi kukhona abamchithayo. Ngokwalesi sethulo manxa zonke iziphakamiso zamukeliwe zasetshenzwa ngokuyikho umnotho wakuleli uyokhula ngama-2.3% kule minyaka elishumi kulethe nemisebenzi eyisigidi.

“Indlela ohamba ngayo njengamanje umnotho waseNingizimu Afrika awusimami, ukukhula komnotho sekumile, izinga lokungasebenzi liyenyuka, ukungalingani kulokhu kusezingeni eliphezulu, uHulumeni kufanele abe nochungechunge lwezinguquko ezingafukula ukukhula komnotho esikhathini esifushane ube wakha isimo sesikhathi eside sokusimamisa umnotho ngokwezinga eliphezulu,” kubhala uMboweni.

Okuqaphelekayo ngalesi sethulo wukuthi samukelwa kakhulu ngaphandle kweqembu lakhe. Iqembu elikhulu kwaphikisayo iDemocratic Alliance (DA) alichithanga sikhathi ekuphumeleni obala leseka uMboweni. Okhulumela iDA uNkk uGeordin Hill-Lewis uthe esitatimendeni asithumele: “Iqembu iDA liyawamukela umbhalo oyiqhingasu lezomnotho okhishwe uNgqongqoshe Wezezimali uTito Mboweni, obeka iziphakamiso ezibambekayo ngezinguquko ezidingekayo ukuze umnotho ukhule; izinguquko ezihlongozwayo zivumelana nokukhula komnotho kanye nokutholakala kwemisebenzi futhi kufanele zisetshenziswe ngokushesha.”

Khona lapho iDA ixwayise ngokuthi akubona bonke abantu abazosithanda isethulo ikakhulukazi eqenjini lakhe uMboweni, nokho ithe iyomeseka, ife lapho efa khona.

“Abaphikisana nenqubomgomo ehambisana nezimakethe ezibandakanya abaku-ANC sebezoqala babhidlize lolu guquko. UNgqongqoshe kufanele angethuswa yizitha eziphikisa ukuthuthuka eziseqenjini lakhe. Manje sekuyisikhathi sokubheka okunamandla abhubhisa intuthuko yezwe. Sizomeseka.

“Nakanjani iziphakamiso zizophikiswa futhi zibukelwe phansi yonke indawo kwabaphikisayo ngaphakathi ku-ANC, iqeqebane elithembakele ekulawuleni umbuso kukho konke komnotho ukugqugquzela ukuntshontsha nokuvikela abesizikhundleni,” kuphetha isitatimende.

 

Zimquza ekhaya
UMhlonishwa uMboweni utuswa yiqembu eliphikisayo nje kwabo bashaya amakhala. Izinhlaka ezidlelana neqembu lakhe okuyiCogress of South African Trade Unions (Cosatu)  neSouth African Communist Party (SACP) basola uMboweni ngokuzithathela izinqumo ngaphandle kokubonisana nabo.

Yize engaphoqelekile ukuba abonisane nabo njengalezi zinhlaka, kulisiko kuKhongolose ukuthi kube khona inkudla lapho lezi zinhlaka kanye nabakuHulumeni noma abahola iqembu babonisane, kulokho bathi akubanga khona.

AbeCosatu ngomlomo kaMnu uSolly Phetoe oyiSekela Lesibili likaNobhala bacijise imikhonto begxeka uMboweni: “Ngokwenqubo, iCosatu ivuleleke kuzo zonke iziphakamiso ezivela kuwo wonke amagumbi mayelana nokubhekana nenhlekelele yomnotho wethu, ikakhulukazi ngokunyuka kwamazinga okungasebenzi kwabantu. Sinemibuzo nokho mayelana nomqulu ovivinywayo wokusimamisa umnotho.

See Also

“Umqulu lona uzama ukusebenzisa inhlekelele yezomnotho ukuqhubeza okushiwo abaphikisayo okwehluleka ezingqungqutheleni ze-ANC. Lo mqulu uthinta lokho okumiselwe iminyango kaHulumeni eminingi futhi ngesikhathi esifanayo awuhlinzeki ziphakamiso ngoguquko lwangempela ngenqubomgomo yezimali, yokwemali noma yezomnotho obanzi, kubandakanya eyezingakwehla kwamandla emali,” kusho yena.

Okusobala kulesi sethulo ngukuthi uMboweni uthatha umsebenzi wokutakula elakuleli enhlekeleleni yezomnotho njengento uMnyango wakhe okumele uwuhole. Usenqumile ukuthi elakuleli lisesimweni senhlekelele ngakho ukude kuchithwa isikhathi kuxoxwa kasikho.

Uyakwazi ukuthi lokhu akwenzile kuzomenza angaboni ngasolinye nozakwabo kuHulumeni naseqenjini, kepha usesithathile isinqumo. Lokho akumele kumangaze ngoba ethula inkulumo yakhe yokuqala njengoNgqongqoshe Wezezimali akakufihlanga ukuthi uzokwenza lokho okwaba yisifungo sakhe, uzokwenza acabanga ukuthi kuyisa izwe phambili.

Kuyacaca ukuthi kulokhu akwethulile usenqumile ukuthi yikho okuzoyisa izwe phambili, omunye umuntu angasho akuthandayo, yena akajiki.

 

Scroll To Top