Now Reading
Abaphuma inxiwa yibona abazomisa kabi iCosatu
Dark Light

Abaphuma inxiwa yibona abazomisa kabi iCosatu

AKUKHO ukungabaza ukuthi kulo nyaka iCosatu izobhekana nenselele enkulu ngaphandle komfelandawonye. Le nselele izobe ivela kubangani bayo abadala iNational Union of Metalworkers of South Africa (NUMSA). Le nyunyana eholwa nguMnu u-Irvin Jim ayizifihli izinjongo zayo njengoba ingaseyon ingxenye yeCosatu. Inhloso njengokusho kukaJim “ukubumba inyunyana ezobheka izindaba zabasebenzi hhayi imibango engaphakathi ku-ANC.” UJim nezakhe basola uMnu uSdumo Dlamini ngokuphuma kwaloyo owabe enguNobhala–Jikelele weCosatu, uMnu uZwelinzima Vavi kule nhlangano. UVavi namuhla usehambisana neNumsa ekubumbeni  umfelandawonye omkhulukazi ozobhekana neCosatu.”

Ukuba khona komunye umfelandawonye kungase kudlisele iCosatu ogageni ikakhulukazi uma iholwa ngabantu abazi amathumbu ayo kanjalo nalokho okuyixhugisayo.  Vele lokho sekuqalile ngoba iNumsa idudula udaba lwama-E-Tolls nesola ngayo iCosatu ekutheni kwaba ngenxa yobuthaka bayo okwenza uHulumeni aqhubeke nalolu hlelo, yize iCosatu ikuphika lokho.

Elinye inxeba iNumsa nabahambisana nayo okubukeka bezongena ngalo wudaba lomthetho ochitshiyelwayo  ophathelene nezimpesheni  kanye nentela yabasebenzi iTax Laws Amendments  Acts.  Yize iCosatu isikuvezile ukuthi ayihambisani nalo mthetho, iNumsa ibike ekutheni kuze kufikwe lapha nje kungenxa yobuthaka beCosatu obenza uHulumeni enze umathanda.  Njengengxenye yokufaka ingcindezi kuHulumeni kanye nakuCosatu, iNumsa isimemezele ukuthi uma uHulumeni engagobi uphondo kulolu daba uzophosela inselele isinqumo sakhe eNkantolo.

UJim uthe esitatimendeni asithumele kwabezindaba: “INumsa iphosela inselele ubuqiniso bomthethosisekelo ngalezi zinqumo futhi, uma kunesidingo, ingakuphonsela inselelo lokhu ezinkantolo. UHulumeni uhlulekile ukuhambisana nezidingo zeSigaba 77 soMthethosisekelo nokuthi abandakanye umphakathi ngalolu daba ngendlela ehlelekile. Futhi, izinqumo azihambisani nesiqiniseko samalungelo empahla.”

See Also

Isitatimende siqhubeke sathi: “INumsa ithole iseluleko somthetho sokuthi manje kufanele ithole umyalelo wenkantolo ozomisa lo mthetho, kuye ngokuthi iPhalamende liyawuchibiyela yini lo mthetho noma inkantolo iphosela inselele izinqumo ngobuqiniso bomthethosisekelo. Ngoba uHulumeni oqale le nkinga, iNumsa isithe akube uHulumeni ofaka lesi sicelo,” kusho uJim.

ICosatu ne-ANC kubukeka ingeke ikwamukele kahle ukuthi lolu daba luyiqhathe nabasebenzi abangabavoti nabagqugquzeli. Yikho emaningi amathuba okuthi ezinye izinto zilungiswe ngaphakathi kumfelandawonye ukuze amaphutha angenzeka angaphumelelisi izinjongo zezimbangi.

Scroll To Top