Ngabe uMsholozi uyisithutha abathi uyiso


Ukuba ngumapheka athulule kuvuse upelepele ogqokweni ngoMengameli nokho kukhona abathi le yingqwele
KWABATHILE iNingizimu Afrika isifinyelele enhlekeleleni kanti munye umuntu osolwa ngalokhu, nguMengameli wezwe uJacob Gedleyihlekisa Zuma. Kanti kwabanye uMengameli usaphenduka uteku nje hhayi kuphela kulabo abasuke bephawula emsakazweni kepha kunjalo emaphephandabeni kanye nasezinkundleni zokuxhumana. Kulabo abacikoza ngokudweba emaphephandabeni uMsholozi uhlale evela njalo esesinweni esixakayo kokunye enesisefo ekhanda. Namuhla sekunamaphephandaba nabahlaziyi okwaziwayo ukuthi kungeke kuphele bengashongo lutho ngoMengameli kusuka ekumsoleni ngokuba yiqola noma umngani wamaqola, umuntu ohlale esineka nomuntu ohlulwa ukuphatha izwe.
Umhlaziyi wezepolitiki nombhali wezincwadi uMnu uPrince Mashile ebhala kwelinye lamaphephandaba wathi ngoMengameli wezwe: “Ukube uZuma akabanga uMengameli, i-ANC kanye neNingizimu Afrika ngabe yavikeleka ehlazweni lokuba noMengameli okusobala ukuthi akakwazi ukwehlukanisa kokuhle nokubi. Ngokumenza uMengameli adlulisele inhlekelele okwakumele igcinwe ngaphakathi eqenjini bayedlulisela ezweni lonke”.
Omunye umbhali wezincwadi owazalelwa eNingizimu Afrika osehlala eNgilande uJustin Cartwright wathi ngoMsholozi: “Ngokuseqinisweni, uZuma (uMengameli) usezenza induna yomZulu enezingane ezingama-21. Usesimweni esidabukisayo sokuba ngumuntu ongafundile. Ukusho lokhu akusho akusikho ukumjivaza, kodwa ngumbuzo wokuthi iNingizimu Afrika kufanele iqhubeke kanjani ibhukuda enkohlakalweni, ukuzihlomisa kanye nokugutshezelwa ukungazi.”
Isenzo sakamuva nje sikaMsholozi sokuba apheke athulule oNgqogqoshe beZezimali kubukeka kuvuse upelepele ogqokweni ngoMengameli, bebodwa abathi “akakulungele ukuphatha izwe, akahoxiswe”. Lokhu kukhuluma akumqali ngoba nangezikhathi zecala elaba ngundabuzekwayo elabe lithinta lowo owabe ezethule njengomeluleki wakhe wezimali uMnu uShabir Shaik zaba khona izinkulumo. Lapho zabe zidalwa wubufakazi okwakwethula nokwakha isithombe sokuthi wayencike kakhulu kuShaik kanti negama lakhe lisetshenziswa budedengu. Kwaphinde kwamlandela ukukhuluma lapho engumsolwa ecaleni lokudlwengula, inkantolo eyamkhipha phambili kulo. Nokho yize kwabanjalo udaba lwaleli cala lusamnamathele nanamuhla. Ubudlelwane bakhe nomndeni wakwaGupta useyindabamlonyeni nanamuhla ngoba nakhona usolwa ngokuba yisicelankobe.
Kepha inkebenkebe yenxeba kubukeka kuwudaba lomuzi wakhe oseNkandla nokubukeka usithunaze kakhulu isithunzi sakhe ngaphakathi nangaphandle kweqembu lakhe.
Umabhajwa azikhiphe
Nokho phezu kwakho konke lokhu kuhlaselwa nokusolwa, kubukeka kulivukana kuphela elingaphika ukuthi uMsholozi ngumahlaba sezihlangene, umabhajwa azikhiphe. Evikela uMsholozi uMnu uLazola Ndamase owabe enguNobhala Jikelele wenhlangano yabafundi iSasco nosebenza kuCosatu, uxwayisa labo abeya uMengameli ngoba bethi kafundile. “Lona enithi ‘akafundile’ uJacob Zuma uqale ukusebenzela iNEC ye-ANC ngowe-1977, waphinde wakhethelwa kuNEC ngowe-1985, wakhethwa waba iSekela Nobhala Jikelele ngowe1991, waqokelwa ukuba nguSihlalo kuzwelonke ngowe-1994, kwathi ngowe-2007 waqokelwa kwesePhini Mengameli.”
Phezu kwegcindezi yamacala kanye nokusolwa ngokuthi ukunga‘fundi’ kwakhe kumenza angakwazi ukuthatha izinqumo eziphusile, uMsholozi useginqe abaholi abahlonishwayo nokuthiwa bafundile, omunye wabo yilowo owabe enguMengameli wezwe uThabo Mbeki adlula kuye ngehubo okhethweni lwasePolokwane. Wenza njalo nakuloyo owabe enguSekela Mengameli uKgalema Motlante naye adondolezela ngaye waphumelela eMangaung. Ubuchule bokukwazi ukukhuluma nokungena kuyo yonke imikhakha yabantu kwenza uZuma athandwe ngabantu. Lokhu kukwazi ukuxhumana nabantu kumenza abe yinoni nakubaholi bamazwe abathathisela kuye ngezinto eziningi ikakhulukazi nxa kukhulunywa ngezinhlelo zokuthula emazweni alwayo. Nasezinkundleni zamazwe ngamazwe abaholi bayazisondeza ngoba bekholwa wukuthi unamandla okunxenxa abanye (ikakhulukazi e-Afrika nasohlakeni lweBRICS).
Konke lokhu kushiya umbuzo ukuthi ngabe lo Mengameli wezwe lesibili ngomnotho e-Afrika, oyinhloko yombutho wezempi ohlonishwayo e-Afrika noyikhonco elilumbanisa amazwe ase-Afrika kanye nawaseMpumalanga uyisithutha esingazi lutho noma ugalagala lukagqondongqondo okwaziyo ukudlala ilabani lezepolitiki.