Isiphokophelele ukuba ngabanqobi iCity


UBUHLAKANI buka Pep Guardiola buzohlolisiseka kahle kuManchester City azothatha izintambo zokuyihola ngoNtulikazi.
Lo mqeqeshi waseSpain usezakhele ugazi nokuhlonishwa ngokuhlabana ngezindebe ezingu-12 emaqenjini amabili ehlukene.
Useyosebenza kwelika Queen nje, ushiye eGermany kusajatshulwa kwazise unqobise iBayern Munich ezinhlanu, ekubalwa kuzo izicoco ezimbili zeLigi, iBundesliga.
Ubesuka eSpain emva kokugila izimanga kuBarcelona ayinqobise izindebe ezintathu zeLigi iLa Liga nesikhulu i-Uefa Champions League.
Nokho okuhlalukayo kuleyo misebenzi yakhe emihle ukuthi kula mazwe abesebenza kuwo kuvamise ukuthi amaqembu abanga izicoco abe ngamabili noma mathathu.
ESpain kwazi ngisho ingane encane ukuthi iLigi izophakanyiswa yi-Barcelona noma iReal Madrid. Akuvamisile ukuthi amaqembu anjengo Atletico Madrid no Sevilla baphefumulise kanzima oBarca phezulu ku log.
Ngaphandle kwe Bayern abeyiqeqesha, iqembu elivamise ukubonakala lihamba phambili futhi alisali kuChampions League, yi Borrusia Dortmund.
Amaqembu anjengo Hertha BSC, iBayer 04 Leverkusen ne FC Schalke avamise ukudlalela ukuzibekela indawo yokuvela ku Champions League.
Isizathu sokugqama kwamaqembu awodwana kula maLigi ukuthi lawa amanye awanazo izindodla zezimali njengalawa.
Yize iMan City igabe ngokuba nabaphathi abadla izambane likapondo, umbango waku-English Premier League uvamise ubangwe ukuba phakathi kwamaqembu amaningi anjengoManchester United , iChelsea, ne-Arsenal.
Akubuzwa ukuthi iziqumama zezikhulu zamaCitizens, okuyisiteketiso seMan City, bazomthengela abadlali abafunayo uGuardiola. Kakade bamlandele ukukhonya e-England kwazise injabulo abayitholi minyaka yonke.
Nokho uGuardiola akayena umuntu okhonze ukuthenga ubusaphusaphu emakethe. Ngesikhathi ekwiBayern uthenge abadlali abane kuphela kodwa imphumela yabonakala.
Omunye umbuzo ovelayo ukuthi sizohlala yini isethenjwa uYaya Toure njengoba uGuardiola wasichitha besasebenza kuBarcelona. Nemenenja yale ngadla ngadla yomdlali wase-Ivory Coast isiputshuze ukuthi kungenzeka lo mdlali aphambane nalo mqeqeshi.
Umlando kaPep Guardiola
- Amagama: Josep Guardiola Sala
- Usuku lokuzalwa: 18 January 1971
- Indawo azalelwe kuyo: Santpedor, eSpain
- Indawo ayeyidlala: enkabeni yaseswini
- Amaqembu awadlaleli: Barcelona B, iBrescia, iRoma, i-Al Ahli ne Dorados
- Amaqembu asewaqeqeshile: Spain Under 21, Spain Under 23, Spain Senior Team, Catalonia
Akuzuze ku Barcelona
- La Liga champions (3): 2008–09, 2009–10, 2010–11
- Champions League winners (2): 2008–09, 2010–11
- Copa del Rey winners (2): 2008–09, 2011–12
- FIFA Club World Cup winners (2): 2009, 2011
- European Super Cup winners (2): 2009, 2011
- Spanish Supercopa winners (3): 2009, 2010, 2011
Akuzuze kuBayern
- Bundesliga champions (2): 2013–14, 2014–15
- DFB-Pokal winners (1): 2013–14
- UEFA Super Cup winners (1): 2013
- FIFA Club World Cup winners (1): 2013