INjeje igasele enkampani okuthiwa ihlukumeza aboHlanga


Namuhla ekuseni (ngoLwesibili) kuchitheke uphoko enkampani yakwa -Technovaa Packing Innovations eseNew Germany. Lokhu kulandela ukugasela kwamalungu eNjeje yabeNguni kulenkampani nabayisola ngokuthi ihlukumeza abasebenzi boHlanga
Ukugasela kweNjeje kulandela isexwayise esikhiphe mhla ziyi-7 kuNhlolanja 2016 nayilapho ibixwayisa abaphathi balenkampani ukuthi nxa bengaphezi ukwenza lokhu abasolwa ngakho bayowukhomba onotshwala.
Ekhuluba neBAYEDE loyo ongumkhulumeli weNjeje uMnu uPhumlani Mfeka obekhuluma engungwe ngabasebenzi balenkampani abese bebeke phansi amathuluzi uthe: “Ngicabanga ukuthi lokhu okwenzeka lapha namuhla kumele kudlulise umlayezo kuzo zonke izinkampani zamaNdiya kanye nabanye abahlukumeza izisebenzi zaboHlanga ukuthi kungekudala nakubo sizotheleka. AmakwaTechnovaa sibaxwayisile bona baphikelela. Asidlali manje ukukhuluma sekuzoba kuncane kwande ukwenza.”
Ebuzwa ukuthi yoneni lenkampani nokuthi kuzokwenzakalani njengoba abasebenzi sebe beke phansi amathuluzi uMfeka uthe: “Abasebenzi abafike kithi babike ukuthi basebenza ngaphansi kwezimo ezingamukelekile okuhlanganisa ezokuphepha, impatho yabaqashi kanye nokucwaswa ngokobuhlanga, ukungakhokhelwa imihlomulo ehambisana nomsebenzi nesikhathi kanye nokungakhokhelwa kwesikhwama iProvident Fund. Njengoba ngishilo, sibaxwayisile bona babona ukuthi siyadlala. Njengoba kuqaliwe nje namuhla nakusasa ngehora lesikhombisa sizobe silapha bayoze bagobe uphondo. Uma lokho kusho ukuthi asihlale inyanga yonke noma unyaka wonke cha kasinankinga ngoba ngeke sithule izinkampani zamaNdiya zixhaphaza aboHlanga,” kuphetha uMfeka.