Now Reading
Ukungqubuzana koMthethosisekelo noMthetho Wesintu kolweSihlalo
Dark Light

Ukungqubuzana koMthethosisekelo noMthetho Wesintu kolweSihlalo

Kukhona iphutha elikhulu elenziwa aMakhosi asendulo emveni kokunqotshwa kwesizwe ngamakoloni angamaBhrithani. Iphutha kwakuwukuba bahlamuke amandla okuhola inkolo namasiko esintu, kanye namandla okushaya uMthetho Wesintu.

AMakhosi akhetha ukuba ngamakholwa. Lokhu kwasho ukuthi sebeholwa, balawulwe ngabaholi bamabandla ezenkolo. Kwaphetha ngokuthi amasiko inkolo noMthetho Wesintu kungabi nabaholi abazisingethe lezi zinto. Namuhla lezi zinto sezifana nezingane ezingenabazali, izintandane.

Ngokohlelo lwesintu iNkosi yiyo eshaya umthetho. Alikho izwi elingaphezulu kwelayo. Umthetho nesiko ngokwabantu bekulandela bekuphila kanjengokubeka kweNkosi.
Ngokwesintu esakhiwa ngokhokho iNkosi ibekwa yiNkosi eseyikhotheme. INkosi ikhothama sekwaziwa ukuthi ibeke bani esihlalweni sayo. Uma ufunda umlando wanoma yiluphi uhlanga lakwaZulu kuyavela lokhu. Kuba ngabantu abakhetha ukuphendukela izwi leNkosi.

UMthethosisekelo iSigaba 30, uvikela ilungelo lomuntu lokuba nolwimi nesiko, neSigaba 31, sona esivikela imiphakathi ephila ngesiko, yinkolo, nolwimi lwayo. Lezi zahluko zihunyushwa njengezivikela isiko, uMthetho Wesintu, kanye nenkolo yesintu.

USolwazi uMuna Ndolu, waseCornell Law School, uthi uMthetho Wesintu uthathelwa ezenzweni, emasikweni, kanye nakuyo imikhuba yabantu. Lezi zinto zizaleke ngokuthi ziholwe zaluswa noma zisungulwe ngaMakhosi. Lokhu kugcine kungasabonakali ngoba aMakhosi amaningi asuswa ezihlalweni zawo.

AmaNgisi abe esebeka ababathandayo ezihlalweni zoBukhosi. Phezu kwalokhu bawashayela umthetho wokuthi azosebenza kanjani. Amamishini nawo abanesandla hhayi nje ekuphenduleni inkolo yaMakhosi kodwa nase kubekeni aMakhosi esihlalweni imbala.
Manje lezi zinto zadala ukuba aMakhosi alahlekelwe amandla awo, ngoba ukuhola, ukushaya nokwalusa umthetho nesiko nenkolo kwakuyinsika yombuso wawo.

Indawo yaMakhosi igcine ingasabonakali ngoba uMthetho Wesintu besewusebenza ngaphandle kwawo kakhulu ngoba babe sebeshayelwa imithetho ngamaNgisi futhi sebeholwa ngamaMishini.

Imithetho eminingi yakhiwa ngokuhamba kwesikhathi ngaMakhosi asendulo. Lawa ashayisana namaNgisi azalwa seyivele ikhona imithetho eminingi isebenza. Manje into uma uyifice isebenza uye ungazi ukuthi ukusebenza kwayo kudaleke kanjani.

Yilapho ngicabanga ukuthi abaningi baphazama khona ngokuthi bahumushe isiko noMthetho Wesintu njengento eyaqala iwumkhuba nje kuphela ngaphandle kokubona isandla soBukhosi ekuphendulweni kwalowo mkhuba ube wumthetho uma waqala uwumkhuba. Le ndlela yokuhumusha umlando idala ukuba isakhiwo sobuKhosi sibangule ekwakhiweni kwesizwe namasiko aso.

ISahluko 9 soMthetho Wesakhiwo Sobuholi Nokubusa Ngokomdabu uNombolo 41 wezi-2003 isigatshana (1) sithi umndeni waseBukhosini, emveni kwesikhathi esanele, kufanele ubeke iNkosi ngokuthi ukhethe lowo ohlonzwa wuMthetho Wesintu ukuze athathe iSihlalo soBukhosi. Lapha lo mqulu womthetho unikeza umndeni igunya lokubeka iNkosi ngokuthi ulandele isiko.
Awusho ukuthi iNkosi yiyo ebeka ezoyilandela esihlalweni. Kukule ndawo lapho umqulu lo womthetho ubukeka ushayisana nesintu esithi iNkosi ibekwa yiNkosi ekhotheme, ngokuthi unikeze umndeni lawomandla.

Uma iNkosi ingabeka umthetho omusha wokubeka abazoyilandela esihlalweni, ngeke kwenzeka ngoba lokho kuyobe kuphambene nomthetho omdala wesintu.

See Also

Yingakho kubalulekile ukuba aMakhosi ayazise indawo yawo emthethweni, esikweni kanye nasenkolweni yesintu. Okungaqinisekisa indawo yoBukhosi emthethweni wesintu yizinkantolo ngoba zinamandla okuhumusha umthetho nokusebenza kwawo. AMakhosi ayavikelwa wuMthethosisekelo osekusele wukuba athathe umbuso wawo.

Umbuzo osewuvela wothi kungabe iNkosi ibekwa wumthetho wezwe noma ibekwa yisiko? Yini enika osebekiwe igunya lokuba yiNkosi? Uma kuwukuthi iNkosi ibekwa wumthetho wezwe, lokho akusho yini ukuthi uBukhosi yisakhiwo somthetho.

Ukunikwa isitifiketi wuMengameli kungabe lokho kusho ukuthi ugcotshiwe ukuba sesikhundleni ngokugcwele na? Isiko noma uMthetho Wesintu uyakusho lokhu na? Mina kangazi. Kodwa okungifikelayo wukuthi uma iNkosi ibekiwe ngesiko okuyilo, njengokubekwa yiNkosi eseyakhothama, isizwe sayamukela kodwa kwangabikwa kuHulumeni nakuMengameli, ngephutha noma ngabomu, lokho kakusho ukuthi iNkosi kayikho.

Ukubika kuHulumeni okokuba iNkosi ithole izinsiza zokwenza umsebenzi woBukhosi. Ubukhona kobuKhosi akudalwa wumthetho wezwe kodwa kwadalwa yilabo abasandulelayo ekudaleni.

Umthetho wezwe wakhelwa ukuvikela isakhiwo soBukhosi, awubudali uBukhosi. Akekho ongakwazi lokhu.

Scroll To Top