Ulimi alufundiswe kuzuzwe kulo ubuhlakani bokhokho
Lapha ezikoleni inkulu impi ephakathi kwabafundi nabafundisi mayelana nokufundwa kolimi lwebele, ikakhulukazi oloHlanga
UMBUZO oyisimbelambela owokuthi sisifundelani isiZulu uze umpeleswe amagama athi ngoba siyasikhuluma. Umbuzo lo awuveli kubantwana besikolo nabazali bala bantwana bakubona kungenasidingo ukufundiswa kolimi abaluncelise abantwana babo.
Esikoleni sabamhlophe kwake kwabuzakala ukuthi abazali bamaZulu bafisa kube yiluphi ulimi lokwethekelwa lwesibili abathi akufundiswe abantwana babo. Impendulo yathi isiBhunu kuphakanyiswa ulimi olungenankosi nadlozi, luphakanyiswa ngo-elethu ngabazali abangamaZulu beluphakamisela abantwana babo abangamaZulu, abaphupha ngaso ngisho belele, ingani kuyishwa ukuphupha umlungu. Indlakadla nodlame olubhekene nolimi alukho nje emagunjini la kufundiselwa khona.
Emagcekeni esikole kwalani ingane ijeziswe kanzima uma ikhuluma isiZulu, ijeziswa umfundisi ongumZulu iyoze ilanyulelwe ongeyena umZulu. Akugcini nje lapho kunempi ewumshoshaphansi ezitafurumu. Uzwa sekucelwa uthisha wesiZulu ukuba aphisane ngesikhathi sokufundisa lolu limi ukuze kunikezwe izifundo ezibonakala zisemqoka.
Impi ibonakale nasehhovisi likathishanhloko. Kugqame uma kuhlelwa izikhathi zokufundisa isiZulu sibe sekugcineni lapho izingane sezikhathele, zizamula yindlala sezinesilokozane sokubuyela emakhaya. Kade kusile zibeleselwe ngamakhehla amaRashiya ayethutha iposi. Ayiphathwa eyobuhlakani nobuciko bakwaGqokli ukusetshenziswa kwendawomumo nama engela okuvelela kwabakwaNdwandwe. Unina weLembe engowakwaMhlongo nezinye izingane ezikulo leli gumbi lokufundela ezakhona kwaMhlongo, kwaNdwandwe nakwaZulu kodwa kuxoxwa ngabantu abangaziwa nabanganasihlobo lapha.
Kuthiwa busafika ubuKhrestu indoda thizeni ilokhu izwa umfundisi ethi kuzofundwa incwadi kaPawuli kuthiwa yezwakala ithi: Iphi inhlonipho lapho sekufundwa izindaba zabantu bengekho? Ingcabhayi asingayibeki kubafundi, kothisha nakubazali.
Asiyibeke kubaqeqeshi bolimi mayelana nokungathandwa kolimi. Abaqeqeshi ezikhungweni zemfundo ephakeme zolimi nasezizindeni ezahlukene mabakuqinisekise ukuthi bayalutshala uthando lolimi kubafundi ababaqeqeshayo. Mabasiphefumule, basiphile isifundo abasifundisayo.
Ngaba nenhlanhla ukuqeqeshwa izingcweti ezaziluthanda ulimi lwesiZulu: uSolwazi u-O.H.E. Nxumalo, uW.N.Z. Funeka, uSolwazi uL.F. Mathenjwa, uSolwazi uJ.B Hlongwane, uSolwazi uL.Z.M. Khumalo, uMnu uG.S Zulu, uMnu uR.M. Mahlasela, uNkk uC.N. Pewa, uNkz N. Mkhize, uDkt J. Ntuli, Dkt Z.J. Mashiyane, uMnu uM.O. Mbatha, Dkt uM. Lubisi, uMnu uZ.E. Xala, uMnu uG.T. Khanyeza nabanye abaningi. Uthando lolimi balutshala balumbela kimi.
Angithandi ukuzithetha kodwa kula masonto amabili adlule ngikhunjuzwe abanye babafundi engangibaqeqesha uNkosazane uNtokozo Dlamini, uZama Buthelezi, uKhulekani Khumalo noZanele Khoza engangibaqeqesha belanda ukuthi ngakuguqula kanjani ukucabanga kwabo ekutheni lumbeleke uthando lolimi lwesiZulu. Bengacabangi ngisho sebegconwa ngabanye ukweqela kweminye imikhakha.
Ngiyakhumbula ngibabona okokuqala babengamakhulu amathathu kwathi kuphela isonto base sebengamakhulu ayisihlanu. Baphothule iziqu zabo beyilelo nani. Namuhla ngibabona ezinkundleni zokuxhumana sebethenge izimoto abanye baze bakha nemizi ngaso lesi siZulu.
Abaningi bayongifakazela ukuthi kwabe kuyiwo lowo nyaka wezi-2010 okwabe kudwetshwe umugqa obomvu kuthiwa uyavalwa umnyango wesiZulu, eNyuvesi yakwaZulu, eyakhiwe enkabeni yakwaZulu ngeminikelo yamakhosi nesizwe kwakwaZulu. Wawuvalwa abaphathi ababefunde kuso lesi sikhungo sakwaZulu bengamaZulu manje bavalela izingane isiZulu ezingamaZulu ezikhuluma isiZulu ukuthi zingabe zisaludlulisela ulwazi nobuhlakani bamaZulu esizukulwaneni samaZulu. Lokho kwashabalala njengamazolo ngokusizwa izinyandezulu zakwaZulu ukuthi ngikwazi ukuba ngivunyelwe uMphathi ukuba ngingene ngiyofundisa ibanga lokuqala.
Ngiyakhumbula kwaba isonto lonke ngishisa impepho ngivuke ngishone khona ngivunule. Ngangikhuluma ngobuhlakani bayizolo nakuthangi bokhokho abangamaZulu nokubaluleka kolwazi nezisombululo sezinkinga esibhekene nazo ezingasonjululwa ngesiZulu uma sizofunda sigogode ngesiZulu. Ngangiveza ukuthi siyokwazi ukwakha isizwe sakwaZulu kuthi uma sigoduka sihambise izinto zethu ngesiZulu. Siye kumaZulu ezulwini semukelwe zinyandezulu zakwaZulu. Isifundo engangisethula kwakungesamagugu esizwe.
Nanamuhla ngisamelene futhi ngiyawuchitha umqondo wokufundisa ulimi, uhlelo, ubucikomazwi nobuciko benkulumo okungachazi ubuhlakani buze nezisombululo zezinkinga esibhekene nazo njengesizwe. Namanje ngisamile kwelokuthi, ulimi alufundiswe ukuze kwethulwe umlayezo kuzuzwe kulo ubuhlakani bokhokho. Ulimi alufundiswe lube isikhali sokusombulula izinkinga ezibhekene nesizwe esikhathini samanje buphinde bucije isizukulwane sakusasa.
- Ungaphawula ngalolu daba eceleni ngokuthi uxhumane noDkt Mbuli kuleli kheli: dr.j.mbuli@gmail.com