Now Reading
Ayamphika amaMpondo ocokofule ISILO
Dark Light

Ayamphika amaMpondo ocokofule ISILO

NGESONTO eledlule kube nokumangala ngodaba olushicilelwe yiBAYEDE noluthinta iNkosi yamaMpondo, uZanozuko Sigcau

KULO mbiko kuvele ukuthi iNkosi yamaMpondo ikhulume amazwi anohlwayana ngeSILO kanye noMengameli wezwe, uMhlonishwa uJacob Zuma. Enkulumeni yayo iNkosi uSigcau ibize ISILO ngenkwenkwe (umfana) ngoba ithi kasiyanga entabeni njengoba kwenza abaseMampondweni nabakwaXhosa.  Lokhu kukhuluma akwehlanga kahle kwabakwaZulu.  Ngomlomo weNkosi yesizwe saseMadungeni, uPhathisizwe Chiliza, uZulu uveze ukungenami kwakhe ngokuba kusukelwe okaNdaba ezithulele. “Phela asikwazi ukuhlala sigoqe izandla kulokhu kuthukwa iNgonyama yethu ingenzanga lutho, ithukwa ngenye iNkosi,” kuphetha uMdunge. Akugcinanga ngeNkosi yasemaDungeni ukubabaza kepha namalungu omphakathi nawo ababaze okufanayo. UMnu uBhatu Khobo we-Indlondlo Circumcision Inititiation Institute, usole iNkosi uSigcau ngokweya amasiko abanye nokungahloniphi: “Thina lapha umuntu omdala asimbizi ngenkwenkwe ngoba lokho akuniki isifundo esihle  ezinganeni. Angazi ukuthi singaqala ngaphi ukubiza ISILO ngenkwenkwe. Lokho nje kuwukungahloniphi,” kuphetha uMnu uKhobo.  Inkulumo yeNkosi uSigcau idale ukukhuluma nasezinkundleni zokuxhumana (bheka ikhasi www.bayedenews.com)

Emuva kombiko ekuqaleni kwesonto IBAYEDE ithintwe yiNkosazana yamaMpondo uStella Sigcau Wesibili noyiLungu Eliphezulu leNdlunkulu yamaMpondo.  INkosazana uSigcau Wesibili ushwelezile (bheka umbhalo) koNgangezwe Lakhe nakuZulu wonkana ngenkulumo yomnewabo nathe iphume eceleni futhi akasiyo inkosi.

Nasi isitatimende esikhishwe nguMntwana uStella Sigcau Wesibili esithangamini sabezindaba ngokwashiwo iNkosi uZanozuko Sigcau ecokofula uMengameli uZuma neSILO uZwelithini Zulu.

Kufikile kithina ukuthi iNkosi uZanozuko Tyelovuyo Sigcau usho amazwi angathunazi kuphela uMbuso WamaMpondo kodwa athunaza uMengameli waseNingizimu Afrika uMhlonishwa uGedleyihlekisa Jacob Zuma neSILO samaZulu uZwelithini Zulu ngokubika kweBAYEDE News mhla zingama-31 kuNtulikazi 2015.

Ukucaphuna ephephandabeni: “Athukuthele ayaveva amakhosi nesizwe samaZulu ngesenzo seNkosi yamaMpondo, uZanozuko Sigcawu sokubiza iSilo samaZulu noMengameli wezwe, uMhlonishwa uJacob Zuma ngamakhwenkwe okuchaza ukuthi ngabafana abangasokile. Lokhu kulandela umbiko okhishwe ngelinye lamaphephandaba esilungu lase-Eatsern Cape nalapho licaphune iNkosi uSigcawu ekhwela edilika eSilweni noMhlonishwa uZuma ebabiza ngabafana abangasokile okungukuthi bangamakhwenkwe ngokolimi lwesiXhosa. Le nkulumo evusa uhlevane emakhosini nasesizweni samaZulu kuthiwa iNkosi, uSigcawu uyenze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emcimbini wokugcotshwa kweNkosi yamaNtshangase, uBhekamambo Ntola eMbizana zingama-24 kuNtulikazi 2015.

Iphephandaba libika ukuthi aMakhosi ngaphansi koMbuso wamaZulu kanye nesizwe siphelele bathukuthele bayaveva ngenxa yalezi zethuko. Ngokukhulu ukuzithoba sidlulisa ukuxolisa ESILWENI samaZulu, kuMengameli waseNingizimu Afrika uMhlonishwa uZuma nasesizweni sonke samaZulu ngezenzo zomfowethu iNkosi uZanozuko Sigcau, sixolisela nesizwe samaMpondo.

Funda ezinye izindaba:

Asihambisani nhlobo nezethuko ngisho kuthiwani. Siyazijivaza izenzo ezingenanhlonipho ezithunaza ubudlelwano obuhle phakathi kwabantu naphakathi kweMibuso. Siyaqhubeka nokuqhakambisa ubumbano ngokwehluka kwamasiko, siqhakambise ukubonisana okwakhayo, siqhakambise ukuhloniphana nokuhlalisana ngokuthula. Siphakamisa isimiso sobudlelwano obumnene phakathi kweMibuso eNingizimu Afrika nokwabelana ngamasiko ethu ehlukahlukene ukuze siphile kahle sonke.

See Also

Siyaqhubeka nokuzibophezela kuzo zonke izimiso zesithunzi sobuntu nobuntu luqobo. Yize engumfowethu futhi engomunye waMakhosi esizwe samaMpondo asikweseki akusho ESILWENI samaZulu nakuMengameli waseNingizimu Afrika uMhlonishwa uGedleyihlekisa Jacob Zuma obekuyizethuko futhi okungafanele ngabe uyakuphimisa njengoMholi WeNdabuko.  Siyamxolisela kakhulu. Siyazibophezela njengoMbuso wamaMpondo ukunikela ngokwakha okungcono kweNingizimu Afrika, kwamagugu esizwe kanye nokugqugquzela ukwakhiwa kwesizwe.

Kusemqoka ukuba kwazeke ukuthi iNkosi uZanozuko Sigcau akasiyo iNkosi yamaMpondo njengoba achithwa ngo-elethu yiNkantolo YoMthethosisekelo mhla zili-13 kuNhlangulana 2013 isinqumo savuna uyisemncane iNkosi uJustice Mpondombini Sigcau (uThandizulu). Sesimbhalele uMhlonishwa uFikile Xasa onguMphathiswa WeziNdaba ZoMdabu e-Eastern Cape kanye noNgqongqoshe uPravin Gordhan onguMphathiswa weCOGTA sibabikela ukuthi sesizwile ukuthi iNkosi uZanozuko Sigcau isamenywa emicimbini kahulumeni njengeNkosi yamaMpondo esikhundleni sokuba amenywe njengeNduna.

Sibona ukuthi lokhu kudida abantu futhi kubukela phansi isinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo esakhishwa zili-13 kuNhlangulana 2013. INkosi uThandizulu Sigcau yakhothama ingenandlalifa ngokosiko lwamaMpondo; okwenza indodana kamfowabo engasekho iNkosi uNtsikayezwe Sigcau, iNkosi uNzululwazi Jongilanga Sigcau yangena esihlalweni njengalowo ofanelekile ngokosiko lwamaMpondo.

Kufanele singabukwa njengabantu abanenxa neNkosi uZanozuko Sigcau.  Ungomunye womndeni nokho asikweseki ukufuna kwakhe isihlalo futhi asimgqugquzeli ukuba akhulume budedengu asho izinkulumo ezithunazayo. Njengabaqaphi nabavikeli bamasiko singaMakhosi, siwumndeni waseNdlunkulu sibophezelwe ekuqiniseni amasiko ethu. Siyaqhubeka nokusekela ubunye nobumbano, ukuthula nenqubekelaphambili eMbusweni wamaMpondo.

Scroll To Top