Now Reading
ISILO sibizwe ‘ngenkwenkwe’ yiNkosi yamaMpondo
Dark Light

ISILO sibizwe ‘ngenkwenkwe’ yiNkosi yamaMpondo

AbasemaMpondweni uBhejane abamgagulanga ngelingena eguleni lendlebe libe nezaqheqhe

 

ATHUKUTHELE ayaveva amakhosi nesizwe samaZulu ngesenzo seNkosi yamaMpondo, uZanozuko Sigcawu sokubiza iSilo samaZulu noMengameli wezwe, uMhlonishwa uJacob Zuma ngamakhwenkwe okuchaza ukuthi ngabafana abangasokile.

Lokhu kulandela umbiko okhishwe ngelinye lamaphephandaba esilungu lase-Eatsern Cape nalapho licaphune iNkosi uSigcawu ekhwela edilika eSilweni nomhlonishwa uZuma ebabiza ngabafana abangasokile okungukuthi bangamakhwenkwe ngokolimi lwesiXhosa.

Le nkulumo evusa uhlevane emakhosini nesesizweni samaZulu kuthiwa iNkosi, uSigcawu uyenze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emcimbini wokugcotshwa kweNkosi yamaNtshangase, uBhekamambo Ntola eMbizana zingama-24 kuNtulikazi 2015.

Lapha iNkosi uSigcawu ibikade igxeka umphakathi waseKokstad ngokuvumela okaNgangezwelakhe ukuzogcoba ibutho labafana nezinsizwa zesizwe samaHlubi nabeSuthu ebebebuya ekwalukeni noma ukuyosokwa entabeni.

ISILO satshela leli butho laso ukuba lime ngomumo ukuvikela amasiko esintu kulabo abawagxekayo nabahlose ukuwaqeda.

Kuzokhumbuleka ukuthi kunombango omkhulu ngendawo yaseMzimkhulu eKokstad phakathi kwesifundazwe iKwaZulu-Natal nesifundazwe i-Eastern Cape.

Manje abanye bahumusha lo mcimbi owawenziwe yiSilo Samabandla eKokstad njengenye yezindlela zokuzoqinisekisa ukuthi iKokstad ingaphansi kombuso waKwaZulu-Natal okubala namasiko akhona.

Funda ezinye izindaba ngeSILO:

Ngokolunye uhlangothi inkosi uSigcawu ithatha ngokuthi indawo yaseKokstad ingaphansi kobukhosi besizwe samaMpondo yingakho ikhwele yadilika emphakathini waseKokstad ngokuvumela iSILO ukuba sizogcoba ibutho labafana baseKokstad ukuba babe yibutho lakhe elizovikela amasiko nokunye.

“Iyangicasula le nto eyenziwe ngabantu baseKokstad sokuvumela iNkosi u… (esigagula ngegama) ukuba azokwengamela isiko lamakhwetha abeSuthu namaHlubi lasekusokweni kwabakhwetha. Okokuqala nje u… (esigagula ngegama) uyikhwenkwe nabobonke abakubo, hhayi-ke ekaMengameli indaba andifuni nokuyixoxa apha.’’

INkosi uSigcawu iyichithe njengembudane imibiko yabezindaba yokuthi sebephelile abafana emaMpondweni abasokelwa ezikoleni ezingekho emthethweni.

“Mina lapha emaMpondweni bengingakaze ngithole mbiko ngokufa kwabafana ngikuzwa ngani nina bezindaba. Okokuqala akukho lapho kungafiwa khona okubalwa nezindawo zako Buffalo City kodwa kuyafihlwa,’’ kusho uSigcawu.

Usihlalo wendlu yamakhosi omdabu KwaZulu-Natal, iNkosi uPhathisizwe Chiliza ibikele iBAYEDE ukuthi bengamakhosi bahlele imbizo yomhlangano wamakhosi, izinduna nesizwe samaZulu ophuthumayo kumasipala iHarry Gwala eMzikhulu ukuzobhunga nokuthatha izinyathelo ngale nkulumo eyenziwe yiNkosi yamaMpondo uSigcawu.

“Phela asikwazi ukuhlala sigoqe izandla kube kuthukwa iNgonyama yethu ingenzanga lutho ithukwa ngenye inkosi yesinye isizwe. Ngakho sifuna le Nkosi yamaMpondo isichazele kahle ukuthi iqonde ukuthini uma ibiza iSilo sethu ngomfana,’’ kusho iNkosi uChiliza.

INkosi uChiliza ixwayise ngokuthi le nkulumo yenkosi yamaMpondo ingase ibhedule impi yobuhlanga ikakhulukazi emahostela.

“Kumanje isizwe samaZulu siyaveva intukuthelo ngalesi senzo senkosi yamaMpondo yokuthuka iSilo. Le nkulumo izoqhatha izinhlanga idale impi yobuhlanga  ikakhulukazi emahostela,’’ kusho inkosi uChiliza.

INkosi uChiliza iqhuba ithi bengamakhosi KwaZulu bafuna iNkosi uSigcawu ixolise esidlangaleni ngokukhulu ukushesha okukanye ihlangabezane nezimbila zithutha.

“Sifuna lo muntu achazele izwe ukuthi ubephuze tshwala buni okukanye ubebheme ini emenze kwabona kumfanele ukwedelela  iNgonyama yethu. Sizoyikhombisa le Nkosi yamaMpondo ukuthi thina lapha KwaZulu asibona abafana njengoba icabanga. Selusa futhi saqhathwa,’’ kubhoka iNkosi uChiliza.

INkosi uChiliza iqhube yathi: “Akudlalelwa futhi akugcwanekelwa ekhanda likaNomthebe wethu. Phela kufana nokuthi le Nkosi yamaMpondo isithuke sonke thina sizwe samaZulu,’’

Sibonakala sizoshuba isimo eKokstad phakathi komphakathi ohlala emngceleni ohlukanisa isifundazwe sase-Eastern Cape naKwaZulu-Natal. Kumanje  liyaviva iButho leSilo, iNdlondlo Circumcision Initiation Institute (NCII) elizinze khona eKokstad njengoba nalo ngoLwesibili libize esalo isithangami sabezindaba sathi lizoyiphaka ngenxa yenkulumo kaSigcawu.

Usihlalo we NCII, uMnu  uBhatu Khobo ukuqinisekisile basibizile isithangami sabezindaba bezozwakalisa intukuthelo yabo beyisizwe samaHlubi nabeSuthu ngesenzo senkosi uSigcawu sokuthuka iSilo.

“Thina lapha eKokstad asizotshelwa iNkosi yamaMpondo ukuthi kumele simeme bani emicimbini yethu futhi kwakufanele iSILO siwuhambele umcimbi wethu ngoba vele indawo yaseKokstad ingaphansi kwaKwaZulu,’’ kusho uMnu uKhobo.

See Also

UMnu uKhobo uphinde wagxeka iNkosi uSigcawu ngokubukela phansi isiko lamaZulu.

“Izizwe ngezizwe zinamasiko azo okungamele abukelwe phansi, nathi maZulu asiwabukeli phansi amasiko ezinye izizwe. Angikaze ngizwe iSILO sethu sigxeka noma sibukela phansi amasiko ezinye izizwe. Ngakho le nto eyenziwa yiNkosi yamaMpondo izoqhatha izizwe kubheduke umbhedukazwe. Kumele le nto ikhuzwe ngokushesha isimo singakaphumi esandleni,’’ kusho uMnu uKhobo.

Lokhu kwenze uhulumeni walusukumela phezulu udaba lokuvalwa kwezikole zokusoka ezingekho emthethweni.

“Thina lapha umuntu omdala asimbizi ngekhwenkwe ngoba lokho akuniki isifundo esihle ezinganeni. Angazi ukuthi singaqala ngaphi ukubiza iSILO ngekhwenkwe,’’ kusho uMnu uKhobo.

“Lokho nje kuwukungahloniphi. Nayo iNkosi yamaMpondo ngeke siyibize ngeKhwenkwe ngoba iphethe isizwe ngisho noma ngabe kuthiwa ayiyanga entabeni,’’ kuqhuba uMnu uKhobo.

UMnu uKhobo uphinde wagxeka iNkosi yamaMpondo ngokuthi ayiliqondi kahle isiko lesizwe samaZulu.

“Ukuthi iSILO sama phambi kwabakhwetha lokho kukhombisa ukuthi iNkosi yamaMpondo ayiliqondi kahle isiko labanye nezigaba zalo. Ngoba okokuqala iSILO safika abaKhwetha sebesokiwe futhi sebebuyile eNtabeni. Okwesibili ubukhwetha bugcina entabeni hayi ekhaya.”

UMnu uKhobo uthi lalingekho iphutha uma uHlangalwezwe lufuna isizwe samaZulu nesamaHlubi ukuba zizocobelela ngolwazi lwamasiko ngoba inhloso ukuba kufundiswane ngamasiko.

“Sicela iNkosi yamaMpondo ingasebenzisi kabi igama lethu embangweni wabo ngendawo yaseKokstad. Vele le Nkosi yamaMpondo ikhohlisana noMnu u-Andile Matomela ohambe ezibeka njengeNkosi yamaHlubi ekubeni singamazi bakhohlisana naye ukuthi le ndawo yaseKokstad okungeyaKwaZulu ingeyamaMpondo,’’

UMnu uKhobo ukugcizelele ukuthi bona bazi ukuthi indawo yaseKokstad ingaphansi kobukhosi baKwaZulu.

“Kuzomele le Nkosi yamaMpondo ifunde ukuhlonipha amasiko ezinye izizwe,’’ kuphetha uMnu uKhobo.

Scroll To Top