Now Reading
INkolo yobuKhrestu kanye necolonialism
Dark Light

INkolo yobuKhrestu kanye necolonialism

KUNOMBONO othi inkolo kaKhrestu yafika lapha e-Afrika ibelethe kucolonialism, ngakho ke yabe isihluleka ukushumayela izwi likaNkulunkulu njengoba linjalo, kodwa yaxuba izwi likaKhrestu necolonialism.

Ngakho-ke uma lo mbono uyiqiniso, kusho ukuthi mncane umehluko phakathi kwenkolo yobuKhrestu yaseNtshonalanga kanye necolonialism.

Ngamanye amazwi ubuKhrestu yicolonialism kodwa egqokiswe izevatho zezwi likaNkulunkulu. Njengoba ebuza uSobaba uMbhishophi uColenso kwenye yemibhalo yakhe ethi: “Siqambelani amanga ngokusebenzisa izwi likaNkulunkulu?”

Uma lokhu kuyiqiniso, kusho ukuthi umu-Afrika wacindezelwa ngokomzimba, ngokomoya nangokomphefumulo. Icolonialism yaphuca izizwe ezimnyama zase-Afrika izwe lazo, kwase kuthi ubuKhrestu bona babhekana nokubulala umphefumulo nomoya womuntu omnyama. Ngamanye amazwi kusho ukuthi umuntu omnyama wacindezelwa ngokomoya, ngokomphefumulo nangokomzimba.

Ngikusho lokhu ngoba abantu abaningi abangama-Afrika abakhonza emasontweni avela eNtshonalanga banakho ukuthi umuntu uma esefile uyidimoni. Abakholwa emasontweni azimele, awumsinsi wase-Afrika, abahambisani nalokho.

Kunomlando othi ngenkathi amaRoma ehlasela iGibithe, emandulo, acoboshisa, abulala izakhiwo ezazigcine ingcebo yenkolo yamaGibithe, acindezelwa ukuba ayeke inkolo yawo akhonze kweyaseRome. Akagcinanga lapho, umuntu owayetholakala esalandela inkolo yamaGibithe, wayejeziswa kumbe abulawe. Ngamafuphi, aphoqwa amaGibithe ukuthi alandele inkolo yamaRoma.

Kwakuphoqwa aboHlanga ukuba bhabhadiswe ngamagama esilungu, amagama anjengoJoshua noSarah. Kungenjalo uyiqaba. Manje abantu abasathandi ukuqamba izingane zabo ngamagama esilungu. Abelungu abanamagama ase-Afrika. Yingakho kunombono wokuthi ubuKhrestu buhambisana necolonialism. Yinselelo edingeka ukubhekisiswa, ngoba ngeke sasho ngokuqinisekile sithi sikhululekile uma kusekhona isimo esinje.

INkolo yobuKhrestu yayiyophumelela kakhulu e-Afrika futhi ijule ukuba abelungu babengaphethwe yisifo sokucwasa ngebala, bathathe ngokuthi umuntu uyisidalwa sikaNkulunkulu. Bakwazi ukuhlonipha isiko lomuntu omnyama.

Ukungabibikho kobuntu, okuyinkolo yesintu sase-Afrika, singaqagula sithi yingakho sibona nsuku zonke izindaba ezimbi ezibikwayo ezenziwa abazibiza ngabakaNkulunkulu. UbuKhrestu obungebuntu kufana nensimbi encencethayo. Kwakudingeke ukuba kubekhona indlela yokuhlanganisa ubuKhrestu nobuntu, ngoba ubuntu babuyokwenza ukuthi amakholwa akithi afunde ukucubungula njengoMnumzane uNgidi owasebenza noSobaba uColenso. UNgidi wayelicubungula ibhayibheli, aliphikise lapho liphikiseka khona, abuze lapho kungacacile khona, okunokuba agwinye yonke into ngoba nje ishiwo yibhayibheli.     

Ibhayibheli, okuyibhuku elafika nomlungu, liyinkinga enkulu kabi, ikakhulukazi ukulizwa ukuthi lithini. Esikhathini esiningi alizwakali kahle ukuthi lithini, lokhu kuze kwenze abantu bangakwazi ukulihumusha ngendlela okuyiyo. Nxa ngenza nje isibonelo, kukhona lapho lithi: ‘ziqgila hloniphani abagqilazi benu’. Yini nje leyo?

See Also

Abacwaningi abaningi abangongoti ekucubunguleni ibhayibheli bayalihlaba ngezinto eziningi, ezifana nomlando walo, ukungabibikho kokuqikelela nobuchwepheshe ekubhalweni kwalo, nanokufihla ukuthi izinto eziningi lazintshontsha e-Afrika.

Abantu abaningi abangongoti, bayaye bathi: ‘musani ukukhonza oNkulunkulu okungebona abenu’.  Muva nje sekuyacaca kimi ukuthi basuke besho ukuthini ngempela. Abasho ukuthi uNkulunkulu akekho, kodwa bathi mkhonze ngendlela yakho yase-Afrika. Ubani owathi uNkulunkulu ukhonzwa ngendlela yamaJuda kuphela?

Yini  eyabangela abelungu bawele izilwandle, bashiye amazwe, imindeni nezihlobo bazoshumayela izwi likaThixo lapha kithi? Yini eyenza bazame ukufunda ulimi lwethu bakwazi ukusishumayeza ngalo? Thina asiweli ngani izilwandle siyofundisa izizwe okungokwethu, siziguqule zibe esiyikho, sibaqambe namagama ase-Afrika, oSigqokosemfene?  Yini ebanga ukuthi noma yini efika nomlungu siyemukele ngokushesha ngaphandle kokucabanga, ngisho inobuthi? Simanga sini lesi esikumlungu esingekho kithina?

Kunjalo ukuhlulwa. Uphuziswa umchamo, unqonqothwe ekhanda.

INkolo yobuKhrestu yashuthekwa ngenkani kuma-Afrika, uma kungenjalo banxenxwa abantu bakithi ukuthi bakhonze uYHWH (uJehova) uNkulunkulu wamaJuda ukuze bathole izinto ezithize. Kuyothi kungabanjalo, abefundisi babhalele emakhaya abo ukuthi sebakhe ibandla elikhulu eselifinyelele esibalweni esithize. Ngaleyo ndlela umfundisi usuke esewenzile umsebenzi omkhulu owashiwo uRudyard Kipling enkondlweni yakhe, othi: Hambani niyofundisa izizwe ezingaphucukile nezingamamaqaba impucuko yaseNtshonalanga, okungenani niziphoqe ngombhobho wesibhamu! Namhlanje umu-Afrika usezizonda yena uqobo ngenxa yokuthi abelungu bashiqeka usungulo olubomvu emakhanda ethu oluphuma emlilweni obomvu, kwabe sekusha ubu-Afrika kwabanye bethu.

  • UMnu Mfuniselwa Bhengu ungumbhali wencwadi AmaZulu: Ancient Egyptian Origin
Scroll To Top