Now Reading
Eyanonyaka iDundee July iqhakambisa abesifazane
Dark Light

Eyanonyaka iDundee July iqhakambisa abesifazane

KUZOQOPHEKA umlando kufakwa okokuqala umjaho wabesifazane kwiDundee July Rural Riding Horse Race uzoba kusasa ngoMgqibelo eDundee Racing Track kuMasipala waseNdumeni ngaphansi kwesifunda uMzinyathi.

UBheki Ncube wezokuXhumana eMnyangweni Wezemidlalo ongabaxhasi abakhulu bale midlalo uthe umjaho wabesifazane uzokwaziwa nge-Ithala Bank Ladies Race. Uzoqala ngo-16h15 ntambama kanti uzongenelwa ojokhi abangaphezu kwe-10. UNcube uveze ukuthi isizathu sokufaka nesibhuda lapha yingoba bafuna ukuqeda lo mkhuba wokuthi kunemidlalo yabesilisa kuphela. Enye inhloso ngalokhu wukunxenxa abesifazane ikakhulukazi abasezindaweni ezisemakhaya ukubamba iqhaza kulolu hlobo lo mdlalo. Uqhube wathi selokhu wasungulwa lo mdlalo beyiba khona ingcosana yabesifazane kodwa inganakiwe nakuba beyenza kahle.

Emjahweni wamantomnazane kuzobonakala ujokhi oneminyaka emine nje vo, u-Anotha Buthelezi waselokishini, iSibongile, eDundee. Kuthiwa lo jokhi wenza izimanga njengoba eqale ukugibela ihhashi eneminyaka emithathu. Injomane yakhe azodlisela ngayo nguFacebook.

“SinguMnyango WezeMidlalo KwaZulu-Natal sizishaya isifuba ngalesi sinqumo. Umlandeli weDundee July wazi kahle ukuthi selikhule kangakanani izinga layo. Silindele ukuthi sande isibalo sabesimame abazoba yingxenye yale midlalo ngonyaka ozayo,” kubeka uNcube.

Leli phephandaba libuye lathola ukuthi kunezinhlelo eMnyangweni Wezemidlalo wokwakha isikole okuzoqeqeshwa kusona ojokhi ababonakala benethalente. Kuthiwa sizokwakhiwa khona esifundeni uMzinyathi. Ekuqeqesheni ojokhi kuthiwa umnyango uzobambisana neGold Circle okuyinhlangano ebuye ihlele neVodacom July Horse Racing yodumo eyenzelwa eThekwini. Inhlangano ezobamba iqhaza kulesi sikole yiKwaZulu-Natal Rural Riding Horse Race ebambe iqhaza ekufundiseni indlu ensundu ngokunakekela izinjomane nangalo mdlalo. Kuyinto eyaziwayo kuleli ukuthi lo mdlalo usathathwa njengowabamhlophe kuleli. Indlu emnyama kulo mdlalo isamelwe nguSimanga Khumalo okuyinsizwa edabuka KwaMashu, eThekwini. Ngowezi-2013 uqophe umlando eba ngowokuqala omnyama enqoba iVodacom Durban July egibele injomane uHeavy Metal obeqeqeshwa nguSean Tarry. Akagcinanga lapho njengoba ebe ngumpetha kuligi yojokhi kuleli nyakenye.

USandile Mbonane ongesinye sezikhulu zoMnyango WezeMidlalo uthe nakuba engeke aphumele obala ngokwakhiwa kwalesi sikole sojokhi kodwa ziningi izinhlelo ezinhle umnyango ophezu kwazo ukuthuthukisa nokugxisha lo mdlalo kwabamnyama. Ube esebonga  abakwaGold Circle nabeKZN Rural Horse Riding Association ngokwenza isiqiniseko sokuthi ngaphambi komcimbi wakusasa kuba nemiqhudelwano ezingeni lezifunda yokuhlunga amahhashi akufanele  uzogabadula eDundee. Ujokhi lapha kakumele isisindo sakhe sidlule kuma-70kg. AbakwaGold Circle bagcina ngokuthatha uMnotho “Shoti” Gama waseMnambithi ukuyomqeqesha kabanzi kulo mdlalo.

See Also

Abanye bozothi beya eDundee abanye amabombo bawabhekise eGreyville Racecource, eThekwini ku-Elan Properties Group Gold Cup okuwumjaho wokuvala isizini yaKwaZulu-Natal nawo ozoba kusasa ngoMgqibelo. Lo mjaho osungulwe ngowe-1921 yiwona onebanga elide lamamitha azi-3 200 ukuyedlula yonke kuleli njengoba amahhashi inkundla eyizungeza kabili. Ugijinywa izinjomane ezinomoya namandla. Isiteki sikaGrade 1 kulo nyaka  yizi-R1.5 million.

Nokho kunovalo ngalo mjaho njengoba inkundla kuthiwa ingene amanzi kakhulu njengona belina. Kulindeleke ukuthi isinqumo sokuthi uzogijinywa noma cha siphume namuhla ngoLwesihlanu ekuseni.

Scroll To Top