Now Reading
Inhlekelele yakamuva ingaba yimvulamehlo yengomuso
Dark Light

Inhlekelele yakamuva ingaba yimvulamehlo yengomuso

KULELI sonto isifundazwe iKwaZulu-Natal sihlaselwe izikhukhula ezishiye abantu abangaphezulu kwama-60 bephangalele kwabikwa nokudlula kwabathathu e-Eastern Cape.

Ngaphezu kokufa kwabantu, izakhiwo nempahla kulimele futhi ukukuvuselela kuzodla imali eningi. Ngokwezazi zesimo sezulu esinye isishingishane siyeza ngasenyakatho kanti iMozambique ihlonzwe njengezwe elingase liphinde likhahlamezeke kodwa asikho isiqiniseko sokuthi iKwaZulu-Natal noma izingxenye zayo kuzothinteka. Izigameko ezifana nalezi nezingase zenzeke ngomuso zenza umuntu azibuze ngezinto ezithile.

Umbuzo wokuqala owokuthi kungani siqhubeka sikhulume ngezikhukhula singabheki isithombe esikhulu ngokuguquguquka kwesimo sezulu? Ezimweni zezulu ezijwayelekile zakulesi sifunda ngeke walindela izikhukhula ezingaka ngenyanga kaMbasa.

Iqiniso wukuthi kufanele njalo silibheke iqiniso lokuthi sesiphila emhlabeni ohlangabezana nezimo ezinzima zokuguquguquka kwesimo sezulu ezinomthelela omubi empilweni yabantu ngokudlula nemiphefumulo nokucekeleka phansi izinto zabo ezibalulekile abaziphilisa ngazo.

Izinkomba ezinkulu zalolu guquko ukungazeki kokuthi imvula izofika nini nobungako bobungozi bayo uma ifika.

Owami umbono owokuthi lezi zikhukhula azibukwe njengengxenye yezimo ezikhona zokuguquguquka kwesimo sezulu futhi akumele sihlale sethuka uma zihlasela.

Ngiyakholelwa kakhulu ukuthi isiqalo sokwenza okuthile ngento ukuqonda ngayo ngokomqondo okuyinto engicabanga ukuthi iyasilahlekela.

Uma sazi ukuthi ikhona singakwazi ukuqhamuka namaqhinga okulwisana nayo. Ngalokhu ngisho ukuqonda okugxile emazingeni aphansi anemigomo eqinile. Kwezinye izindawo kuleli ubungako bomonakalo odalwe yizikhukhula nokufa kwabantu kuncike ezimweni zokuhlaliswa kwabantu.

Ukuhlala kwabantu ezindaweni eziphansi kuyaqhubeka kungavinjwa ngenxa yokuthi abantu abafundisekile kahle ngobungozi obuhambisana nokuguquguquka kwesimo sezulu, ikakhulukazi izikhukhula ezifikayo.

Lokhu kuphinde kubize abaklama amadolobha (town and regional planners) ukuba babufake ubungozi bokuguquguquka kwesimo sezulu uma behlela amadolobha noma bewaphasisa.

Kubiza ukuthi kubuyekezwe indlela yokuziphatha nemigomo yokuhlaliswa kwabantu. Akungabazeki ukuthi udaba lokuhlaliswa kwabantu lubaluleke kakhulu ikakhulukazi njengoba izinhlaka zikaHulumeni ziqhubeka nokwehluleka ukubhekana nakho. Kufanele sikuqaphele ukuthi izikhathi ziguqukile futhi siyeke ukuzibeka ezingozini ezihambisana nokuguquguquka kwesimo sezulu nezimo zalo ezingalindelekile.

Uma singakwenzi lokhu abahlwempu, abesifazane nezingane bazohlala begilwa yisimo sezulu.

Okunye okubalulekile ukuba sesimweni sokubhekana nezikhukhula nokunye okuhambisana nokuguquguquka kwesimo sezulu.

Nakuba ngikhuluma ngokuvimbela, akucaci ukuthi yimaphi amaqhinga akhona. Kuyo yonke imihlangano kubalwa noweCOP 17 eyayiseThekwini, udaba lokuthuthukisa amasu okulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu beluhlezi lugcizelelwa.

Kuhle ukuthi uMengameli uzihambele ezinye izindawo ezikhahlamezwe yizikhukhula zakamuva wazibonela ngawakhe ububi besimo nakuba kwesinye isikhathi lokhu kungachazwa njengokupolitika. Ohambweni lwakhe kuningi akwethembise njengengxenye yokungenelela kodwa eqinisweni bekuyindlela yokukhombisa ukuzwelana nokwenzekile. Okudingekayo amasu angempela omekumele aqale ngokushesha emuva kwezikhukhula.

Isibonelo, kungani uHulumeni ehlulekile ukwakha isikhwama sokuguquguquka kwesimo sezulu esizosiza abagilekile. Amasu okuvimba izinhlekelele akhiwa ngaphambi kokuba ehle futhi ahlale ekhona ngezikhathi ezifanele.

See Also

Kuyishwa ukuthi sihlale simangala ekubeni njalo sichitha imali yabakhokhi bentela sethamela imihlangano esezingeni eliphezulu lapho lezi zindaba zihlale zidingidwa kuphunywe khona nezisombululo ezisizayo.

Masizilungiselele futhi sibe namathuluzi abalulekile okulwa nemiphumela yokuguquguquka kwesimo sezulu ngoba lesi yisimo esikhona futhi esizoqhubeka ukuphila naso.

Udaba lokugcina engifuna ukuluthinta yisimo sezepolitiki ekubhekaneni nokuguquguquka kwesimo sezulu ezweni. Ulwazi oluqoqwe ocwaningweni olwahlukene ezingxenyeni ezithile zomhlaba lukhomba ukuthi impumelelo yethu ekulweni nalesi simo incike esimweni sepolitiki ezweni.  Siphila kudemokhrasi okumele engabe yakhelwe ekuvikelweni nasekuphileni kahle kweningi lezakhamizi.

Ngingasho ngingananazi ukuthi ukuguquguquka kwesimo sezulu ngenye yezinto ezimise kabi ukuphepha kwabantu nasemizamweni yokunciphisa ububha noma ukubuqeda.

Uma amaqembu epolitiki kuleli esadlala umdlalo wokuziba ukubaluleka kokuguquguquka kwesimo sezulu namasu okulwa naso, sibhekene nengozi yokuhlale sibeka emandleni abantu abangenalo ulwazi ngento ebalulekile okudinga kubhekwane nayo ukuze kuliwe nobubha. Siyohlala njalo simangala uma izikhukhula sezikhahlameza imiphakathi yethu.

Kulesi sikhathi samanje izikhukhula eziningi zidalwa ukuguquguquka kwesimo sezulu ngakho-ke ukulazi leli qiniso kuyohlala kusenza sikwazi ukuqhamuka namaqhinga afanele okulwa nakho.

Kubalulekile ukuthi amasu esikhathi eside ayakhiwa ukuze sizokwazi ukuzilungiselela kunokuba sihlale simangala njalo.

Kubalulekile futhi ukuthi sibe nentshisekelo yezepolitiki ukulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu futhi sikuthathe njengenye yezinto ezibeka engozini inkululeko, ukuvikeleka nokuphatheka kahle kwabantu.

Scroll To Top