Now Reading
Iyagwajaza iHuman Rights Commission ngodlame olokwanukwa kulo ISILO
Dark Light

Iyagwajaza iHuman Rights Commission ngodlame olokwanukwa kulo ISILO

Sesedlule isikhathi iKhomishana eyayithe izokwethula ngaso umphumela wophenyo, kepha ezinye izinhlaka seziphawulile nokwenza kube nesasasa ukwazi ukuthi yona izosho okunjani okwehlukile

 

SEKUQUBULE imibuzo ukuphawula kwabaholi bepolitiki ngodaba oluthinta ukuhlaselwa kwabokufika kuleli okwenzeka ezinyangeni ezintathu ezedlule. Phakathi kwabaholi asebephawulile nguMengameli Wezwe uJacob Zuma, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMhlonishwa uSenzo Mchunu kanye nelungu lephalamende uMhlonishwa uRuth Bhengu. Bonke laba baholi kabasikhombi, isisusa sodlame, lapho abathile ezweni abakade besikhomba khona. Bonke bakhomba izizathu zokucintisana ngomnotho kanye nobugovu besitolo esiseSiphingo.

Lokhu kuphawula kufakazela umbiko owakhishwa yiBAYEDE yangomhla zili-16 kuya zingama-23 kuMbasa  nokuyilapho okokuqala ngqa kwavela olunye uhlangothi odabeni lokubhujiswa kwempahla kanye nokubulawa kwabantu. Lungakaphumi udaba kuBAYEDE imilomo ibivunana yonke ezweni lapho kuthiwa ophehle uzwathi kwasuka amalangabi acishe alishisa lonke izwe kwaba yiSILO enkulumweni yaso eyasenza oPhongolo. Le nkulumo yasabalala yonke indawo. Ngisho iNdlunkulu kaZulu yayide icela abemithombo yezindaba kanye neKhomishana YamaLungelo ukuba banganyanyalati njengoba kwakude kuphuma isiqeshana senkulumo eyayiqoshiwe.

Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi iKhomishana kanye nabezindaba baphawula bengenayo inkulumo ephelele nokuyinto abayivuma ethimbeni elalijutshwe ukuba lilalele iSILO kulolu daba. Esithangamini sabezindaba esasibanjelwe emahhovisi eRoyal Household ibutho lezintatheli labuzwa ukuthi ngabe linayo yini inkulumo njengoba kwase kunokuphawula, nezaphendula ngokuthi alinayo. Kanjalo nasemhlanganweni phakathi kwethimba leSILO elaliholwa nguMahluleli uNgwenya kanye nalelo leKhomishana elaliholwa ngu-Advocate uLawrence Mushwana, iKhomishana yakudalula ukuthi nayo kayikaze ibe nayo inkulumo ephelele neyabe isinxusa ukuba ihhovisi leSILO ilinike. Lokhu kokungabi nayo inkulumo ephelele kweKhomishana kwafakazelwa nayizincwadi ezathunyelwa yiKhomishana ethimbeni leSILO icela inkulumo ephelele. IBAYEDE inazo izincwadi.

UNdunankulu ucashunwe kwabezindaba ngesonto eledlule ethi empeleni udlame lolu obekuthiwa lwadalwa izinkulmo zeSILO laqalwa ‘yisenzo sabaphathi besitolo sakwaJeena eSiphingo’  nabaxosha abakuleli babe sebeqasha abokufika nokwabe sekuqubuka umlilo.  Encwadini uMengameli uZuma ayibhalela  uqweqwe lombhali waseMozambique uMia Couto nowayegxeka elakuleli ngodlame, wakuveza ukuthi enye yezizathu zokuqubuka komlilo kwaba yizimo zezomnotho nayilapho abakuleli babesola abokufika ngezinto ezingi okuhlanganisa namathuba okuhweba. UMsholozi akagcinanga lapho ngoba nasemhlanganweni wamazwe aseNingizimu (SADEC) washo okufanayo. Kulolu lwaKwaZulu-Natal walanda umlando ofanayo njengoMchunu ngokwenzakalayo.

Esontweni elilodwa lapho okaMacingwane eveze umbono wakhe ngalolu daba, loyo onguSihlalo weKomiti lePhalamende eliphenya ngezigameko lapho kwafa khona abokufika kanye nabakuleli, uNkk uRuth Bhengu uxwayise abezindaba ngehaba nxa kubikwa ngalolu daba. Enkulumweni ayethule esithangamini sabezindaba ngeledlule uMhlonishwa uthe: “Akumele sisebenzise igama uxenophobia uma sikhuluma ngalolu daba, empeleni kumele sisho ukuthi lezi kwaba yizenzo zobugebengu ngoba ukusebenzisa leli gama kubeka isithombe sokuthi sisempini,” kuphetha uMhlonishwa. Ekhuluma oKhozini FM uMhlonishwa uBhengu wakuveza ukuthi enye yezimbangela ukuxhaswa kwamabhizinisi abokufika ngosomabhizinisi benkolo ethize ngoba besenkolweni eyodwa.

Ephawula oshicilelweni lweBAYEDE langomhla zili-16 kuya zingama-23 kuMbasa nonyaka loyo ongumholi wenhlangano iMazibuye African Forum uMnu uZwe Sangweni wakhomba ngenjumbane izikhondlakhodla zosomabhizinisi bamaSulumane nathi yibo ‘abaqhatha abakuleli nabokufika’. Lapha kwavezwa inkampani yakwaTradeport kanye nabakwaJeena njengabaphehli bozwathi.

Ngaso leso sikhathi loyo onguNobhala weCOSATU KwaZulu-Natal waqinisekisa uphenyo lweBAYEDE lapho ethi: “Isenzo salo mqashi sokuxosha abasebenzi bese eqasha abokufika ezikhundleni zabo yiso esiqhathe abokufika nabakuleli,” kuphetha uMnu uMkhize.

Beziphendulela abakwaJeena ngomlomo kaMnu u-Aaron Mansoor oyiRegional Manager waphikisana nezinkulumo ezithi baqasha abangaphandle nokwadala udlame. “Amanga aluhlaza lawo. Akekho umuntu wokufika esimqashile futhi asikho ezinhlelweni zokubaqasha. Empeleni kasiqali ukuzwa ngalezi zinsolo zokuthi yithi esiyimbangela yodlame njengoba uMphathiswa WezokuPhepha KwaZulu-Natal, iMeya yeTheku ababephelezelwa ngabanye ozakwabo kuMasipala bafikile lapha mhla zi-2 kuMbasa bezosibuza ngazo. Nabo bafike bazitholela ukuthi ngamanga lawa.”

See Also

Omunye umsebenzi wakwaTradeport owakhuluma neBAYEDE nowacela ukuba ligodlwe igama wakuqinisekisa ukuthi impela abakwaTradeport yibo abaseka abokufika. “Yibona abokufika abazicelela ukusebenza kwaTradeport ngoba bethi bangakwazi ukuhweba ezindaweni zabantu abamnyama ngoba nabo bangabebala elimnyama. Ngikhuluma nje kwaMashu ehostela abaphathi bami bese bevule namabhusha njengoba bebezifikela mathupha bezolayisha inyama,” kuphetha lo msebenzi.

IBAYEDE izame yancama ukuthola ukuphawula kweKhomishana kubantu abangabakhulumeli bayo begwajaza. Intatheli ithumele imibuzo  ezikhulwini zeKhomishana okubalwa umkhulumeli wayo uMnu u-Isaac Mangena kanye noNkk  uNaomi Webster oyisikhulu esiphezulu. Laba bobabili bagcine bengabuyelanga kithi kwaze kwaba siyoshicilela. Kwale noma sesizama uSihlalo wale Khomishana u-Advocate uLawrence Mushwana nalapho kwanhlanga zimuka nomoya.

Sikhuluma noSihlalo we-Africa Diaspora Forum (ADF) wenhlangano emele abokufika nokuyiyo eyamangalela iSILO kuqala uthe basalinde iKhomishana: “Thina sisamile ekutheni yiNkosi yamaZulu eyadala lolu dlame lokuhlaselwa kwabafowethu bangaphandle. Futhi thina sisalindele umphumela wophenyo lweSouth African Human Rights Commission ngaphambi kokuba siphawule.” Lawa ngamazwi ashiwo nguMnu uKenjine Seraphin

UMnu uSeraphin uphinde wathi bona njenge-ADF, akukho abangakuphawula ngoba udaba lusekubameli beSAHRC. “Thina siyozwa kuphela ngeSouth African Human Rights Commission uma kufanele sixolise.’’

Scroll To Top