Usolwa ngokundonda ukusuka uMchunu kuwafawafa wezepolitiki
Kuthiwa ngonyaka owedlule ubesethubeni lokulungiselela lesi simo akuso kepha wandonda ukusuka
EMDLALWENI kanobhutshuzwayo kukhona isigaba somqhudelwano lapho kuthiwa kukwawafawafa. Kulabo abasuke beyingxenye yomqhudelwano bayazi ukuthi lapha akudingeki maphutha ngoba uma beke baphazama kuyosho ukuthi sebephumile kuwo wonke umqhudelwano. Nakupolitiki yize kungabizwa kanjalo kepha siyafika isimo esifanayo lapho loyo osesikhundleni noma abancintisanayo bekuqonda ukuthi akumele benze amaphutha ngoba lokho kuyobe kusho ukuthi baphandle.
Lesi simo sibukeka sibhekene noNdunankulu onguSihlalo we-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uSenzo Mchunu. Lo mholi elingangabazeki igalelo lakhe emzabalazweni nasekusebenzeleni iqembu lakhe ungaphansi kwengcindezi njengoba ngaphakathi enhlanganweni yakhe sebekhona ababona isikhundla akuso (sikaSihlalo) singasamfanele. Yize kunomehluko phakathi kokuba nguSihlalo weqembu nokuba nguNdunankulu WesiFundazwe, umlando uyakuveza ubunzima bokuphatha esisodwa salezi zikhundla.
UMacingwane (abakwaMchunu) ubhekene nenselelo yokuwubamba lapho ucije ngakhona. Ingxenye yalabo abamesekayo abaxoxe neBAYEDE bayamsola lo mholi ekuthini ukuthatha kwakhe kancane izinto kuholele ekutheni abe sengcindezini azozithola ekuyo manje. Okokuqala, lo mholi uphathe isikhundla ngesikhathi iqembu lakhe lingena ezinguqukweni. Lezi zinguquko ezejwayelekile emaqenjini ayelwela inkululeko nezenzeka eminyakeni engama-20 yokuthola inkululeko okuyisikhathi sombusazwe, zivame ukuza nengcindezi ngoba inhlangano ivame ukulahlekelwa ngabalandeli kanjalo nokugqubuzana nokuncintisana phakathi kwezizukulwane zamalungu. Lokhu yinto evame ukuletha uguquko kulokho inhlangano eyayikulandela isalwa eyombangazwe.
Ngokomthetho ongaqoshiwe phansi, i-ANC ngesikhathi iseyinhlangano yezombangazwe abaholi ngokwezizukulwane babeshiyelana izikhundla nokwenza le nhlangano igweme uqhekeko nezingxabano ezikhathini eziningi. Isibonelo salokho sivele ngeminyaka ye-1990 lapho kunomcintiswano wesikhundla phakathi kukaMnu uChris Thembisile Hani kanye noMnu uWalter Sisulu. Ngaleso sikhathi kwakungalindelekile ukuthi udumo lukaHani lwalungamenza adlule kalula kuSisulu kepha umthetho ongaqoshiwe phansi wenza kwamukeleke ukuthi intandokazi enguHani kwakuyomele idedele insizwa endala. Lokhu kuphinde kwabonakala ngesikhathi uMnu uNelson Mandela edlulisela esizukulwaneni sabanumzane uThabo Mbeki noJacob Zuma ukuba kube yibo abaqhubela umzabalazo nobuholi phambili. Ukuhloniphana kwezizukulwane kubonakele nakuMnu uSibusiso Ndebele edlulisela ubuholi kuMnu uZweli Mkhize ngaphandle kokuqagulisana. Lesi senzo senza amalunga afuna ukuba nesikhundla kwa-ANC akwamukela ukuthi lokhu kulibhandemtshelekwano elihamba ngezizukulwane njengoba kwakunjalo ngezikhathi zombangazwe.
Nokho uMhlonishwa uMchunu uphathe ngesikhathi esinzima lapho lo mthetho ongaqoshiwe phansi ungasasebenzi. Esikhundleni sokuba ngusihlalo kulindeleke ukuba uMchunu acelwe iqhude yilowo owayengumholi kaVukayibambe (ANC Youth League), uMnu Sihle Zikalala. Imiphumela yakamuva yokhetho lukaVukayimbambe, ukubuyekezwa kwemiphumela yokhetho lwaseThekiwini kukhonjwa njengezigameko ezingase ziphazamise uMchunu kwesokuba nguSihlalo kanye noNdunankulu.
Ingxenye yalabo esikhulume nabo nabeseka uMchunu basola lo mholi ngokundonda ukusuka nokwenza ‘izimbangi’ zakhe zithole isikhathi esanele sokuba zibuyele emdlalweni. Ngokusho kwalawa malungu, ngonyaka owedlule uMchunu ube nesikhathi esanele ‘sokushanela’ konke obekungamphazamisa. Lokhu bakusho ngoba ngalesi sikhathi bekungathi izinto zimhambela kahle njengoba akwazi ukuqokelwa esikhundleni sokuba nguNdunankulu. Lokhu kwalandela izinkulumo zokuthi ubuholi be-ANC kuzwelonke babuhlukene phakathi ngaloyo okumele aqokwe. Phela, kwakukhona amagama abanye ababili abahlonishwayo okungamalungu esiGungu SokuPhatha KwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube kanye noPeggy Nkonyeni.
Ngokusho kwalabo abeseka uMchunu lapha wayenethuba eliyinqayizivele lokuguqula afake abantu ayezosebenzisana nabo ‘nabazomeseka ngokuphelele’. Nokho uMchunu akakwenzanga lokho. Kunalokho wafaka abantu ababili abasha okungabaHlonishwa uCyril Xaba kanye noBelinda Scott. Ngalokhu umthombo weBAYEDE uthi: “Kuyahlupha ukucabanga ukuthi kupolitiki kusesontweni. UComrade uSenzo ubenesikhathi sonke sokulungisa izinto, akhiphe abantu bakaMkhize afake abakhe ukuze kusebenzeke. Manje izinto zijikile ngoba izimbangi zakhe sezinamandla amakhulu. Sonke singaphansi kwengcindezi,” kuphetha umthombo, nokuvezile ukuthi isike yaba khona imihlangano naye uMacingwane lapho labo abamesekeyayo bebekhala ngokuthi akenzi ngokwanele ukuqinisa amandla akhe. Ngokuthola kweBAYEDE kule mihlangano okaMacingwane ubede eqinisekisa ubumqoka bobunye.
Omunye umthombo uphawule ngokuthi uNdunankulu wayekela elinye ithuba eliyingqayizivele ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi kukhona owesifazane owabhadanywa ethi umdlisa ushevu. Lo mthombo uthe: “Uyabona lapho kwakufanele aqede ngoba sonke sasazi ukuthi le ntombazane yayithunywe ngobani nokuthi ikuphi manje. Kodwa kunalokho leli comrade lenza elidume ngakho okuwukuthatha esaso isikhathi. Bheka manje yonke imikhonto isibheke kuye kusuka eLuthuli House kuza lapha esifundazweni, kubi angifuni ukuqamba amanga,” kuphetha umthombo obungenasinqe ngesikhathi ulandisa ngalolu daba.
Ngokuthola kweBAYEDE, izinyanga ezizayo kuzoba ngezimqoka kuMchunu njengoba izimbangi zakhe zizobe zingamshiye ndawo. Iningi lezimbangi kuthiwa lithole ivuso ngesikhathi ubuholi bukazwelonke bukhipha isinqumo sokuthi akubuyekezwe imiphumela yokhetho lwaseThekwini kanjalo nokuphumelela kukaMnu uThami Ngubane ekubeni nguSihlalo kaVukayibambe. Akuyona imfihlo ukuthi uNomafu ( abakwaNgubane) usebuthweni elihamba noMnu uSihle Zikalala, yena ohamba noNkk uZanele Gumede. Lonke leli butho lifuna kube nezinguquko ebuholini be-ANC KwaZulu-Natal. Lifuna uMchunu ehle kwesokuba nguSihlalo wesiFundazwe kuthi uNkk uGumede yena abe nguSihlalo weTheku hhayi uMnu uJames Nxumalo.
Ngokuthola kweBAYEDE uMchunu zimkake nxa zonke ngoba lokhu okwenzeka ngaphakathi enhlanganweni ayiholayo, kuyefana naphakathi kuhulumeni ayinhloko yawo.
Phezu kwamaphupho amahle anawo ngesifundazwe njengokuphawula kahle kunkulumongqangi yesifundazwe, nangaphezu kokuba nabantu abanamakhono ezikhundleni izinkomba zithi lo mholi akakaphumeli obala kucace ukuthi yena umeleni. Lokhu kucaca bha nxa uqhathanisa nozakwabo abake baphatha lesi sikhundla. Yize uMnu uSibusiso Ndebele njengoMchunu ayephethe ngaphansi kwengcindezi yabantu ababethi uDkt uZweli Mkhize akathathe esobuNdunankulu, bambalwa abangamephuca iphupho lakhe lokusimamisa lesi sifundazwe ngokuqhakambisa amagugu. Yize okuningi ngamagugu kwenzeka ngesikhathi sikaMkhize, iqiniso lithi naye wayeqhuba lokho okwakuqalwe nguNdebele.
UDkt uMkhize wagqama kakhulu njengomuntu owayekwazi ukudayisa lesi sifundazwe kwabezamabhizinisi. Ikhono lakhe lokukwazi ukukhuluma nokuchaza lokho akholelwa kukho kwamenza wahlonipheka kwabamabhizinisi kanti futhi nokuzisondeza kwakhe ebukhosini (naye ecaphuna kulokho okwakwenziwa nguMsholozi), kwamenza wamukeleka ezinhlakeni ezehlukene. Ikhona inkolelo kwabathize ngaphakathi ku-ANC ethi uDkt uMkhize yize esenguMgcinimafa kuzwelonke kepha usenawo amandla okukhomoza abathize ezinhlakeni zika-ANC kanye nakuhulumeni.
Ngeshwa likaMchunu ukungabi nozinzo ngaphakathi ku-ANC nakuhulumeni KwaZulu-Natal kumenza angakwazi ukuba nesikhathi sokuveza lokhu akuphathisiwe noma akufisayo. Lokhu sekumenze waba kuwafawafa ku-ANC nakuhulumeni. Akukho ukungabaza ekuthi lezi zinyanga ezizayo kuzoba ngezimqoka kuye ngoba uma eke wenza iphutha uyobe useyalikhumula ijezi, okuyosho ukuphuma kwakhe ezikhundleni zombili.
[divider style=”solid” top=”20″ bottom=”20″]
Kubikwa amanyala okwabelana ngezikhundla phezu kwesidumbu
Ubugovu, ukunukana nokuphelelwa ngunembeza kungase kuhlukanise phakathi uKhongolose esiFundeni iMusa Dladla
BUKHUZA ibhadi ubuholi be-African National Congress (ANC) esifundeni iMusa Dladla eNyakatho yeKwaZulu-Natal ngesenzo sabanye benhlangano sokuqala umkhankaso ngozongena esikhundleni salowo obengusihlalo, umufi uMnu uThulani Mashaba othunwe ngesonto eledlule. Lokhu kulandela ukusabalala kwemibiko yokuthi uhlangothi oluholwa nguMengameli weNyunyana yeNsimbi esanda kubunjwa iLimusa, uMnu uCedric Gina seluqalile ukuphakamisa amagama abantu okumele bangene ezikhundleni ebeziphethwe nguMnu uMashaba. Ngaphandle kokuba ngusihlalo we-ANC, uMashaba ubebuye abe liphini leMeya yasoThungulu.
IBAYEDE isingakuqinisekisa ukuthi ezingxoxweni eziyinguyazana ezikhona uhlangothi lukaMnu uGina luhlela ukuthi uNkk uThembeka Mchunu oyiMeya yoMkhandlu uThungulu athathe isikhundla sikasihlalo kuthi uMnu uNathi Nzimande yena angene kweseSekela Meya. Lokhu kuyosho ukuvaleka kwazo zombili izikhala ezikhundlelni ebeziphethwe ngumufi uMashaba.
Ngesikhathi leli phephandaba libuza loyo onguNobhala we-ANC, eMusa Dladla, uMnu uTholi Gwala ukuqinisekisile ukuthi bazwile ngalolu daba: “Kulichilo lokhu okwenziwa ngamanye amacomrade eMusa Dladla. Okokuqala thina sisazilile ngokulahlekelwa ngenye yezinsika zethu. Manje siyadumala uma sekukhona ozakwethu asebebona sekuyisikhathi sokufaka abantu ezikhundleni abeziphethe,” kusho uGwala.
Lo mholi uqhubeke wathi izindaba zokuthi sekukhona osekuphakamiswe amagama abo ukuba bangene ezikhundleni ebeziphethwe nguMnu uMashaba uqale ukuzwakala ngeSonto obekuwusuku uMashaba abethunwa ngalo. “Siyazi ukuthi izindaba zokuphakanyiswa kwamagama alabo okumele bangene ezikhundleni ebeziphethwe nguComrade uMashaba bezidingidwa emhlanganweni obuyinguyazana obubanjelwe emzini thizeni eMvutshini ngeSonto. Noma ngabe bebemzonda kangakanani uComrade uMashaba kodwa ngokwesintu siyahlonishwa isidumbu.”
UMnu uGwala uqhube wathi ngokwazi kwakhe kusazothatha isikhathi ngaphambi kokuba kukhulunywe indaba yokuvalwa kwesikhala sikaMashaba kuMasipala uThungulu. “Lokho, ukugcwaliswa kwesikhundla esivulekile, kuyokwenziwa yisigungu esiphezulu sesifunda ngokubambisana nesesifundazwe. Manje asazi ukuthi laba asebefuna manje ukuthi baphuthumani ngoba kwesikasihlalo ukhona uComrade uNonhle Mkhulisi oyisekelasihlalo uzowuqhuba umsebenzi.’’ Lo mholi usole ozakwabo ngokunaka izikhundla esikhundleni sokuzihlelela umkhankaso wokhetho lokuchibiyela oluzobanjwa eNtambanana. “Sekuyacaca ukuthi laba bantu inhloso yabo ukubulala i-ANC ukuze komasipala kuphumelele amaqembu abo abawasebenzela ngomnyama,’’ kuphetha uGwala.
Omunye umholi okhuze ibhadi ngalezi zinsolo kube nguNobhala woPhiko lweNtsha ye-ANC eMusa Dladla, uMnu uNjabulo Nzuza: “Siyintsha ye-ANC sizolwa kuze kube sekugcineni sivikela u-ANC kulabo abazama ukuwubulala ukufeza izinhloso ezithile. Okokuqala lolu daba alukakhulunywa ngisho nasezinhlakeni ze-ANC ngoba kusaziliwe. Manje asazi ukuthi laba esebekhuluma ngezikhundla ukuthi baphuthumani. Kwa-ANC awuzele izikhundla kodwa uzosebenzela umphakathi. Okwesibili ngisho naye uMama uThembeka Mchunu njengoba eyimeya oThungulu uye laphaya ngokuthunywa yi-ANC, ngakho i-ANC eyonquma ngaye hhayi ngokuthanda kwabantu abathile,’’ kuqhuba uMshazi (abakwaNzuza) nophethe ngokufunga ukuthi njengophiko lwentsha bazoyilandela le ndaba kuze kube sekugcineni.
Umhlaziyi wezepolitiki, uMnu uProtas Madlala ephawula ngalolu daba ubabaze lokhu akubize ngamanyala: “Hawu hawu!, ngamanyala phela lawa. Nali izwe lifa sibhekile. Ungasifuna kanjani isikhundla somuntu kungakapheli nazinsuku zingaki ethuniwe. Akusibo ubuntu le nto eyenziwa ngabaholi be-ANC eMusa Dladla, kodwa ngubulwane boqobo. Sizophenduka inhlekisa kwezinye izizwe. Ngisho nabelungu abayenzi le nto abayenzayo kodwa bayasihlonipha isidumbu. Angikhathali noma ngabe umuntu ubumzonda kangakanani, uma eseshonile siyahlonishwa isidumbu sakhe,’’ kuchaza uMnu Madlala.
UHlokohloko (abakwa Madlala) uphethe ngokunxusa ukuba ubuholi obuphezulu be-ANC bungenelele ngokushesha kulolu daba kungaze konakale kakhulu.

