Isikhihlika ingwebu eyothisha bomgunyathi KwaZulu-Natal



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Kuvusa imibuzo ukungasebenzisani kweMinyango eyenza okufanayo
UMNYANGO Wezemfundo Eyisisekelo KwaZulu-Natal uyababaza ngokuqashwa isinyelela kothisha abaxoshwa yilo Mnyango eminyakeni eyedlule. Lokhu kulandela uphenyo olwenziwe ngoZul’Azayithole ngothisha basezikoleni zakwaNyuswa, eBothas Hill eziyingini iMolweni neKwaNyuswa abasulwa emabhukwini oMnyango ngenxa yokungabi namaphepha ezemfundo (iziqu) asemthethweni. Uphenyo lolu lubalandele labo thisha laze lathola ukuthi sebesebenza ezikhungweni zemfundo ezingaphansi koMnyango Wezemfumdo Ephakeme khona KwaZulu-Natal.
Phakathi kwalabo thisha kukhona uMnu uSiphiwe Blose nomnewabo uMnu uZamo Ndaba. Bobabili asebeqashwe ezikhungweni iMbumbulu Coastal College kanye Durban Coastal College. UBlose okuthiwa akanaso nesitifiketi sikamatikuletsheni nokuthiwa nguyena bhongoza ekukhiqizeni izitifiketi zomgunyathi bese ezidayisela abanye ozakwabo uqashwe njengeMeneja eHhovisini loMphathi waseKolishi laseMbumbulu.
Umthombo ongaphakathi kulesi sikhungo nocele ukuba lingaphathwa igama lawo ngenxa yokwesabela amathonsi abanzi uthe uBlose lesi sikhundla simholela imali eziyizi-R400 000 ngonyaka. Uphinde waveza nokuthi empeleni lesi sikhundla sabe singekho sakhelwa khona ukuba uBlose acoshe iphalishi kwazise wabe engasasebenzi kulandela ukukhonjwa indlela nguMnyango. Ube usudalula okushaqisayo: “Empeleni uMnu uBlose waphenyelwa isikhala nguMnu uMbuyiseni Mathonsi owabe enguNobhala weNyunyana, iSADTU manje osesebenza ehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal.
“UMnu uMathonsi waxhumana noNks uThembelihle Makhanya kuSADTU oteketiswa ngelikaMkabayi onguthishanhloko esikoleni iMalukazi Primary School ukuba azamele umngani wakhe isikhala somsebenzi kwelinye lamaKolishi ngoba esexoshwe eMnyangweni Wezemfundo,” kusho umthombo. Umthombo uqhuba uthi uNks uMakhanya wabe esethinta umphathi wesikhungo iMbumbulu Coastal College, uMnu uSibhanana Ndlovu ukuba aqashe uBlose.
“Wagcina (uBlose) esekhandelwe isikhundla esabe siingekho sokuba yiMeneja eHhovisi likaRector. Nangempela kuthe naye eseqashiwe ngoZibandlela wezi-2015 naye wayeselanda umfowabo uNdaba. Yena-ke wamshutheka esikhungweni sakwaV eMlazi. Akaziqedanga izinyanga ezintathu bamtelekela abafundi njengoba egcine ebalekiselwe eDurban Coastal College eseCongella, usenezinyanga ezimbili efikile khona.”
UNks Makhanya akaqali ukunukeka odabeni oluthinta umkhonyovu ngezikhala zothisha njengoba nyakenye edalulwe njengomunye wothisha ohweba ngezikhala zomsebenzi. Lokhu kudalulwe nguMnu uNkonzwenhle Mqadi obefundisa esikoleni iSophie Phewa Primary School eFolweni. UMnu uMqadi wabikela iKhomishana kaVomlmink eyaqokwa nguNngqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo Kazwelonke ukuthi wamiswa emsebenzini ngoba engasafuni ukuqhubeka nokugwazela uNks uMkahanya nezinye izikhulu zomnyango.
Ngokusho kwakhe uMqadi uthi ubegwazela uMakhanya njalo ngenyanga i-R1000. Uthi ekuqaleni uqale wamgwazela ngezi-R12000. UMnu uMqadi ngoNhlolanja wezi-2016 uthumelele uMnyango Wezemfundo incwadi yabameli nalapho efuna khona amademeshe ezigidi ezili-R10 ngokunqanyulwa komholo wakhe izinyanga ezi-5 kusukela amiswa emsebenzini ngokubhoboza leli thumba lenkohlakalo.
Okunye okuvelile okushaqisayo wukuthi uMnu uNdaba ubhinciselwa nxanye ngabafundi nje kufunakala incazelo kumphathi ngokuqashwa kwakhe kanye nokunyamalala kwenkece ebalelwa ezigidini ezili-R16 okwakuyimali eyabe yabelwe ukuba ithenge izincwadi zokufunda. Abanye othisha okuthiwa baxoshwa nguMnyango kodwa asebeqashwe kwezinye izikole emabangeni aphansi kubalwa kukhona uMnu uSithembiso Dladla, uMnu uMambeli Blose kanye noMnu uSanele Msomi.
Yinkombankombane
Okhulumela uMnyango weZemfundo KwaZulu-Natal, uMnu uMuzi Mahlambi ukuqinisekisile ukuthi bonke labo thisha abebefundisa ezikoleni zakwaNyuswa baxoshwa nguMnyango Wezemfundo ngokuba nezitifiketi zomgunyathi.
“Engikwaziyo wukuthi bonke baxoshwa eMnyangweni Wezemfundo futhi sabacisha nasohlelweni (system) lwethu ngakho njengoba baxoshwa akumele baphinde basebenze njengothisha nanoma yikuphi. Kuyethusa-ke manje ukuvela kwezindaba zokuthi sebephinde baqashwa. Okungenzeka wukuthi baqashwe ngamaSchool Govenrning Bodies (SGB), uMnyango ungazi,” kusho uMahlambi nowethembise ukuthi nakanjani bazolulandela udaba lwabo bathole ukuthi yikuphi lapho asebeqashwe khona.
Ebuzwa uMnu uMahlambi ukuthi ngabe uMnyango usukwazile yini ukuqoqa imali yomhlomulo labothisha abayithola ngomgunyathi njengoba babengenawo amaphepha afanele okufundisa uMahlambi uthe ngolwazi analo sebakhokhiswa.
“Kodwa ngisazoxoxisana nabanye ozakwathu ukuqinisekisa ukuthi ngabe ngempela sebayikhokha yini imali yoMnyango. Phela engikwaziyo ukuthi uMnyango uma usukhiphe isinqumo sokuba ubuyisele emuva imali yawo nakanjani lolo daba luyalandelwa ukuqinisekisa ukuthi uyayikhokha imali yoMnyango,” kuqhuba uMahlambi.
Ebuzwa ngamandla amaSGB okuqasha uthe: “Esikhathini esiningi amaSGB’s iwona aziqashela othisha uMnyango ungazi. Nokungenzeka ukuthi nakulolu daba lwalabo thisha luthinta amaSGB. Phela uma uMnyango usukuxoshile sikwesula ngisho nakusystem ukuze ungaphinde uqashwe ndawo,” kuqhuba uMahlambi. Lokhu kuvuse umbuzo ekutheni uma kuliqiniso ukuthi amaSGB yiwo aqashayo uMnyango wona kawuthintwa yini noma umhloli kaqinisekisi yini ukuthi bonke abaqashwe yisikole nabasebenza ngabafundi basezingeni.
IBAYEDE ibe isiphikelela kuSihlalo wamaSGB KwaNyuswa, uMnu uGladwin Mposula ngezinsolo ngokukhuluma okwenziwe nguMahlambi. UMponsula ukuchithile okushiwo nguMahlambi:
“Ngamanga lawo ashiwo nguMahlambi. AmaSGB awaqashi thisha kodwa othisha baqashwa nguMnyango. Ngokwazi kwami amaSGB enza kuphela izincomo eMnyangweni ngokumele baqashwe kodwa isinqumo ngesoMnyango ngozoqashwa. Ngisho nomthetho olawula izikole awugunyazi amaSGB ukuba aqashe othisha,” kusho uMposula.
IBAYEDE, inayo ikhophi yombiko owabhalwa nguMphathiswa wezemfundo, uMhlonishwa uPeggy Nkonyeni, ngowezi-2014 nalapho ayephendula khona incwadi yezikhalo eyayithunyelwe eMnyangweni ngumphakathi wakwaNyuswa owawufuna kuhlakazwe isigungu esilawula izikole. Umphakathi wawukhala ngokuthi iningi losihlalo bamaSGB ngabantu abangamalungu eSADTU abangenazo izingane ezifunda ezikoleni abangamalungu kuzo.
Kule ncwadi yezikhalo umphakathi wakwaNyuswa wawufuna futhi ukuba uMnyango uxoshe ubuye uthathele bonke othisha abathinteka izinsolweni zenkohlakalo izinyathelo zomthetho nokuthi baphenywe ngokuba nezitifiketi zomgunyathi. Ingxenye yencwadi yoMhlonishwa uNkonyeni yabe ifundeka kanje
“ISGB yaseMnyameni Zenex HS iyahlakazwa. Odabeni lokuqashwa kukaMnu uSiphiwe Blose njengothishanhloko wesikole Impilweni Higher Primary School, uMnyango usazoxoxisana nabameli bawo ngenhloso yokuba ahlanziswe yonke imali abekhokhelwa yona ngokungemthetho.”
Umbiko uphinde udalule nokuthi ngomhlaka zingama-31 kuNhlaba yowezi-2014 incwadi yokumisa esikhundleni uMnu uMbambeli Blose yabe isibhaliwe. Nokuthi kunophenyo oseluqaliwe ngaye nokuthi uzothathelwa nezinyathelo zokuqondiswa izigwegwe uma etholakala enecala.
Okuvelayo lapha wukuthi uMnu uMbambeli Blose waqashwa nguMnyango engenazo izincwadi ezifanele zokufundisa. Ngokomthombo ongaphakathi eMnyangweni upotshozele iBAYEDE ukuthi ngesikhathi uMnyango usuqalise uphenyo uBlose wavele wanyamalala esikoleni sakhe kanti usezovumbuka eseqashwe esikoleni saseMolweni, iNgqungqulu Higher Primary School lapho asefundisa khona.
UBlose walile ukuphawula
Ukuqinisekisa ubulungiswa odabeni, OZul’Azayithole bamthintile uMnu uSimphiwe Blose nongaphikanga ukuthi usebenza eMbumbuu Coastal College. Nokho walile ukuphawula ukuthi useyibuyisele yini imali eMnyangweni Wezemfundo okwakuthiwe akayikhokhe.
“Bhala noma yini oyithandayo ngami kulungile inkosi iyongiphendulela ngoba wena usentshenziswa yizitha zami zangaphakathi ezihlose ukungicekela phansi. Angizimisele ukukuphendula kulowo mbuzo wakho. Angazi ukuthi laba bantu ngibone ngani njengoba bengicekela phansi kanje. Kungcono bangibophe uma nginecala ukuze ngiyoziphendulela enkantolo,” kusho uMnu uBlose.
Ebuzwa ukuthi ngabe yena nomnewabo uMnu uMzamo Ndaba baqashwe kanjani eCoastal College ekubeni baxoshwa eMnyangweni Wezemfundo ngezinsolo zokuba nezitifiketi zomgunyathi. Esikhundleni sokuphendula uvele wabhoka ngolaka.
“Ngithe bhala noma yini oyithandayo ngoba vele kade izitha zami ziqalile ukukusebenzisa ukungishaya. Angazi ngenzeni njengoba izitha zami zingihlasela nxazonke ekubeni ngingenze lutho. Musa ukubuza mina buyela kulabo abakutshelile basale sebekutshela konke okwenzekayo nakumfowethu.
UMathonsi uyaziphendulela
Uziphendulele uMathonsi njengoba engaseyena uNobhala weSADTU eKZN, kodwa esesebenza eHhovisi likaNdunankulu, uMhlonishwa uSenzo Mchunu. Kuvela ukuthi kusakhala isicathulo sakhe kwezemfundo njengoba esaqhubeka nokuqasha othisha ezikhungweni zemfundo ephakeme, ikakhulukazi labo abasuke bexoshelwe inkohlakalo nokuba nezitifikethi zomgunyathi.
“Ngamanga aluhlaza ukuthi ngakhipha umyalelo wokuba kuqashwe uMnu uSimphiwe Blose eMbumbulu Coastal College. Abantu abafafaza la manga yiqeqebana elingaphakathi kuSADTU elihlose ukungcolisa igama lami ngenxa yezingxabano zabo eziqhubeka ngaphakathi kuSADTU. Okokuqala nje ngingawathathaphi amandla okuqasha othisha ekubeni ngingasekho kuSADTU. Bathelana ngodaka ngenxa yemibango yezikhundla manje sebengcolisa nami. Zolo lokhu iphepha lenu lisanda kubika ngokuthi uNobhala weSADTU KwaZulu-Natal uNks uDolly Nomarashiya Caluza akanazo izicucu zemfundo efanele. Kulokho kujike kwasolwa mina kwathiwa yimi engipotshozele iphephandaba lenu ngale ndaba, ekubeni ngingakaze ngikwenze lokho,” kuzikhalela uMathonsi.
UMnu uMathonsi uqhubeke wathi impi phakathi kwabo nohlangothi loNomarashiya isuka kude.
Uqhubeke wathi, “Yingakho manje sengibhecwa ngokuthi ngihlangene noNks uMakhanya ekuqashweni kukaBlose noMnu uMzamo Ndaba eCoastal College. Zolo lokhu kubikwe kwabezindaba ukuthi inkampani yami iyathinteka emkhonyovini wethenda yezigidi ezili-R16 onyamalele nobekufanele uthengele abafundi baseCoastal College izincwadi.
Khona manjalo iNyunyana iNEHAWU ibhodla umlilo ngalesi senzo sokuqasha labo thisha abakhonjwa indlela uMnyango Wemfundo Eyisisekelo. Omunye wabo uMnu Mzamo Ndaba okuthiwa unesandla ekunyamalaleni kwezigidi zokuthenga izincwadi zabafundi.
UNobhala weNEHAWU esifundeni iTheku ugxeka abaphathi balezi zikhungo zemfundo ephakeme ngokuqasha abantu abaxoshelwe izenzo zenkohlakalo nokungabi nazitifikethi. Uqhuba athi, iNEHAWU isibhale izincwadi eziningi inxusa ukuba kumiswe uMnu uBlose. “Siphinde sacela ukuba umfowabo uMnu uMzamo Ndaba naye amiswe.”
UMnu uChiyi weNEHAWU ubuye wadalula ukuthi uMnu uNdaba ubuye afundise eLangeni College ePinetown. Uqhubeke wabikela leli phephandaba ukuthi, “iNEHAWU isike yabhikishela umbiko weWhatsApp owaputshuka ongokuchaza ngendlela yokuthola izikhala zomsebenzi eLangeni College,” kuphetha uMnu uChiyi.
Omunye owaxoshwa kanye noBlose noNdaba useqashwe njengeHOD eBazamile Higher Primary School esiyingini saseMolweni.