Now Reading
Amaqhude ayeqana eBabanango ngodaba lomhlaba
Dark Light

Amaqhude ayeqana eBabanango ngodaba lomhlaba

Uphenyo lweBAYEDE seluphinde lwavumbulula olunye udaba oluthinta amaTrust omphakathi kwaZulu-Natal

 

UTHUKUTHELE uyaveva umphakathi ohlala epulazini iWaterverdren, eBabanango KwaZulu-Natal okuthiwa uxoshwa endaweni ngusihlalo wekomiti lomphakathi laseMakhasaneni eMelmoth okuyindawo engaphansi kwenye iNkosi.

Empeleni lo mphakathi ohlala epulazini  iWatervedren bewazi ukuthi ungabanini baleli pulazi kulandela  ukuthi uMnyango WezemiHlaba eMgungundlovu wawuqinisekise kanjalo.

UNobhala weMcakwini Community Trust (MCT), uNkk uEthel Buthelezi ubikele iBAYEDE ukuthi bajabula bezwa izindaba zokuthi umhlaba wabo usubuyiselwe kubona kanti bayazikhohlisa.

“Sibuye sadumala sesithola ukuthi leli pulazi libhaliswe ngaphansi kwegama leTrust eholwa nguMnu uEric Buthelezi esingamazi endaweni esatshelwa ngabomnyango ukuthi usengusihlalo weTrust yethu,’’ kuzikhalela uNkk Buthelezi.

UNkk Buthelezi ukhala ngokuthi izinto zonakale ngesikhathi kudlula emhlabeni usihlalo weTrust yabo uMnu uMoses Zungu uqhubeke wathi: “Kuthe nje esanda kushona uZungu sezwa sekuthiwa uButhelezi usengusihlalo wekomiti leTrust ekubeni singamazi. Sathola nokuthi itayitela lepulazi selibiza igama lakhe. Saxakeka ukuthi lo Buthelezi ungowaphi futhi ungenaphi ezindabeni zaseBabanango ngoba ungowaseMakhasaneni,’’

UNkk Buthelezi uthi manje ‘usihlalo’ uButhelezi useyabaxosha epulazini ngoba ethi ngelakhe. “Asazi sizoshonaphi njengoba sekuthiwe asithuthe. Nase Mnyangweni WezomHlaba eMgungundlovu abasisizi ngalutho. Sesihambe kwaguga izicathulo sicela usizo emahhovisi kodwa lutho ukusizakala,’’ eqhubeka ebalisa.

NoMnu Wellington Zungu ongumfowabo kaMoses naye oseqokwe njengosihlalo weMCT uhambe amagameni kaNkk Buthelezi ngokuthi agxeke izikhulu zomnyango eMgungundlovu ukuthi yizo ezigcwele inkohlakalo.

“Lezi zigebengu zomnyango zihlangene nalo Buthelezi ukusintshontshela ipulazi lethu. Siyazi futhi ukuthi kumanje sebenamapulazi angaphezulu kwama-60 abahamba bezitapela wona kulesi sifundazwe,’’ kusho uMnu Zungu.

UMnu Zungu uqhube wathi sebeze babhalela noMengameli wezwe uMhlonishwa uZuma ukuba angenelele. IBAYEDE, inayo ikhophi yencwadi abayibhalele ihhovisi likaMhlonishwa uZuma ngomhla ziyi-8 kuNhlangulana. Ihhovisi likaMongameli uZuma libayalele ukuba lolu daba balwedlulisele ehhovsi likaNgqongqoshe uGugile Nkwinti. Naye uNkwinti sebembhalele.

“Sithinte noNkk uNomfundo Gobodo oyiNational Land Claims Commissioner naye ogcine ezifikele mathupha eBabanango ukuzozizwela ngokuqhubekayo. UNkk uGobodo ufike wayichitha leTrust eholwa nguMnu Buthelezi ngoba ethi ayikho emthethweni. Kodwa naye uNkk uGobodo ubuye wasidida uma esethi asiboleke itayitela likaMnu Buthelezi ukuze sikwazi ukucela ngalo usizo lwezimali zokuqalisa iproject yokulima. Waphinde wasiyalela ukuba sisebenzisane noMnu Buthelezi,’’ kusho uMnu Zungu.

UMnu Zungu uqhuba uthi uhlelo lwabo lokulima lugcine lufadalele ngoba uMnu uButhelezi wenqaba ukubaboleka itayitela lakhe.

“Manje sizwa kuthiwa ubekhuluma esiteshini esisakazela umphakathi iZululand FM ngesonto eledlule ethi ufuna basuke bonke abantu abakhe epulazini lakhe,’’ kuqhuba uMnu Zungu.

UGwabini (abakwaZungu)  uthi ngesikhathi ebuza uButhelezi ngalezi zinsolo zokuthi usexosha abantu epulazini uphike walala ngomhlane ethi yena akasahlangene nepulazi laseWaterverdren.

UMnu Clerment Mhlongo oyisekela likaNkk Ethel Buthelezi naye ukhale ngoMnu Buthelezi ukuthi usephazamise izinhlelo zabo eziningi zokuthuthukisa umphakathi ngoba ugoloze netayitela.

“LoMnu waKwaButhelezi washaqa ogandaganda, amageja okulima, izinyamazane kanye  nezinkomo ezingama-500 uhulumeni ayesithengele zona kumnikazi wepulazi. UMnu Buthelezi wabadayisa ogandaganda kwathi izinkomo nezinyamazane wakushushumbisela esifundazweni saseMpumalanga ngoba ethi iTrust ngeyakhe,’’ kusho uMnu Mhlongo.

Uthi uMnu Buthelezi ugoloza netayitela labo yize uNkk Gobodo esebabhalele incwadi eqinisekisa ukuthi iTrust yakhe ayisekho emthethweni.

“UNkk Gobobodo uphinde wakudalula ukuthi akukho emthethweni ukuthi iTrust eyodwa igixabezwe ngamapulazi angama-25 njengoba kwenzeke kuButhelezi. Manje ziyime emthumeni lapha kithi asazi sizokwenzenjani njengoba lomlisa enqwahe netayitela lethu,’’ kuphetha uMnu Mhlongo.

IBAYEDE ibe isiqonda kuye uButhelezi ngehloso yokumnika ithuba lokuba aziphendulele. Enkulumweni abe nayo neBAYEDE uvumile ukuthi ungusihlalo weMcakwini Community Trust (MCT) nokho uzichithe njengamampunge izinsolo zokuthi uhlangene nezikhulu ezithile zomnyango wezemihlaba ukuntshontsha amapulazi abantu.

“Angisona isigebengu. Okokuqala ngakhethwa ngokusemthethweni ukuba ngusihlalo futhi ngingowokuzalwa eBabanango. Abafafaza la manga yizimfamona ngoba iTrust yethu isinamapulazi angaphezulu kwangama-20 KwaZulu-Natal esiwanikwe ngokusemthethweni nguMnyango WezemiHlaba,’’ kusho uMnu Buthelezi.

See Also

Akagcinanga lapho ngoba ukhwele wadilika kumalungu ekomiti lo mphakathi waseBabanango iNondwayiza Committee eholwa nguZungu, nabewasola ngokuthi  afafaza amanga ngeTrust yakhe.

“Yilo futhi leli komiti elakhisa amalungu omphakathi ngokungemthetho epulazini lethu,’’ kusho uButhelezi.

UMnu uButhelzi uqhuba uthi ngesikhathi bethola leli pulazi kwakungekho mizi eyakhile kodwa manje seyithe chithi saka imizi eyakhiswa yileli komiti lomphakathi elilwisana nabo. “Nsukuzonke sibona kwakhiswa abantu epulazini lethu ngale kwemvume yethu.’’

Ebuzwa ukuthi kwenzeka kanjani abe ngusihlalo wamakomiti asezindaweni ezingaphansi kwamakhosi ahlukene njengoba kuthiwa ungusihlalo futhi wekomiti laseMakhasaneni eMelmoth ngaphansi kwenkosi uThandazani Zulu kanti indawo yaseBabanango yona  ingaphansi kobukhosi bakwaNtombela uButhelezi uqale waphika ukuthi uyazana nekomiti laseMakhasaneni ngemuva kokuxinwa ngemibuzo  wavuma ukuthi bayazana nekomiti laseMakhasaneni.

“Ngiyalazi  ikomiti laseMakhasaneni kodwa angisiye usihlalo walo,’’ kuphika uButhelezi nowale waphetha ukucacisa ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi umnyango ugixabeze iTrust yabo ngamapulazi angaphezulu kwangama-20.

Ethintwa ngalolu daba, loyo onguMphathiswa Wezindaba ZeNtuthuko YaseMakhaya kanye NezoLimo, uMhlonishwa uCyril Xaba uthe bazophenya ukuthi uMnu uButhelezi kwenzeke kanjani ukuthi iTrust yabo igixabezwe ngamapulazi angaphezulu kwama-20.

“Uma kungukuthi lokhu okushiwo nguMnu uButhelezi kuyiqiniso ukuthi sebenamapulazi angaphezulu kwama-20 kusho ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoba akukwazi ukuthi iTrust eyodwa igixabezwe ngamapulazi angama-20 ezindaweni ezahlukene. Phela ipulazi nilithola ngoba ningabasuswa kuleyo ndawo ngakho-ke awukwazi ukuba ngumsuswa ezindaweni eziningi,’’ kuchaza  uMhlonishwa  uXaba.

Nokho uphinde waveza olunye uhlangothi nathe lokhu kungenzeka kuphela uma kungukuthi benifake isicelo sokubuyiselwa ipulazi elilodwa ebese lihleshulwa iziqeshana ngabalimi abamhlophe njengoba kwenzeka ezindaweni eziningi.

“Sikhathazekile ngezinkinga ezilokhu zibikwa phakathi komphakathi namaCPA’s okubalwa namaTrust omphakathi KwaZulu-Natal ngenxa yombango womhlaba. Yize umhlaba uphethwe ngumnyango wezomhlaba kodwa nowami uyathinteka ngezolimo ngoba kusuke kufanele kuthuthukiswe lawo mapulazi abekade ekhiqiza,’’ kusho uMhlonishwa uXaba.

Njengengxenye yesixazululo kulolu daba, uMhlonishwa uXaba uthe sekukhona abazama ukukwenza. “Ngenxa yokwanda kwalezi zinkinga zomdonsiswano umnyango wami usubone kungcono usungule uphiko olubizwa ngeSocial Facilitation oluzophenya ngezinkinga ezifana nalezi,” kuphetha uNonkosi.

Scroll To Top