Now Reading
Isesibhedlela intokazi eyendiswa nowokufika ingazi
Dark Light

Isesibhedlela intokazi eyendiswa nowokufika ingazi

UNksz Mkhize osesibhedlela ngenxa yokhwantalala uselahlekelwe yithemba lokuthi uyoke akuthole ukuphumula ngoba uMnyango usukhombise kaningi ukungaluthatheli phezulu udaba lwakhe

 

ISENGCUPHENI impilo yowesifazane waseMlazi esiGcemeni sakwa-C osekuyohlangana iminyaka elishumi ehluleka ukwehlukanisa nomyeni wakhe wokufika angamazi emva kokuhlaselwa isifo sohlangothi esidalwe ukhwantalala. UNksz Zasembo Mkhize ungeniswe esibhedlela emasontweni amabili adlule ephethwe yisifo sohlangothi kulandela ukuhluleka kwemizamo yokusula umshado wakhe womkhonyovu nowokufika, uMnu Dadoo Yusuf ngo 2006.

Lo mshado waholela ekutheni umazisi wakhe ngokwamabhuku oMnyango wezaseKhaya ushintshe isibongo sakwaMkhize ubize esakwa-Yusuf. Ethola ngalokhu, wenza imizamo yokuthi kulungiswe lokhu ayekubona njengephutha. Emizamweni yakhe, wakwazi ukugcina ethole incwadi evela kuMqondisi woMnyango ePitoli uMnu H. A Mohlolo owaqinisekisa ukuthi njengoMnyango bazovula uphenyo ngomshado wakhe wobukhonyovu. Kusukela ngaleso sikhathi ubesekhonjwa emahhovisi ahluka hlukene ngaphandle kokuthola usizo.

Ngenxa yenkinga kamazisi akakwazi ukuthola izinsiza ezifana nemali yesibonelelo anganakekela ngaso izingane zakhe ezine. Ukulaliswa kwakhe esibhedlela eMshiyeni emasontweni amabili adlule kwenzeke kusadlule usuku olulodwa iBAYEDE ishicilele udaba lwakhe kanti uze waqala ukululama wakwazi ukukhuluma nentantheli kuleli sonto.

UNksz Mkhize uthe uselahlekelwe yithemba lokuthi uyoke akuthole ukuphumula ngalolu daba ngoba uMnyango usukhombise kaningi ukungaluthatheli phezulu.

Njengoba sekusebenza uhlangothi olulodwa emzimbeni wakhe uthe unokwesaba ukuthi uzolahlekelwa yitoho abaselitholile.

“Ukube lukhona usizo ngicabanga ukuthi kufanele ngabe sengaluthola manje. UMnyango wezaseKhaya uqedile ngempilo yami. Into abanayo isitifiketi sami sokufa esinganaso ngisho isibongo sami sangempela. Izingane zami zazalelwa ukuthi zithwale kanzima ngoba akukho engikwazi ukuzenzela khona nazo zijabule njengezinye izingane ngoba manje ngisesibhedlela angazi ikuthi ngiyoke ngilulame yini. Ubani ozongiqasha nginengalo eyodwa ephilayo?”

UNksz Mkhize, onguNkk Yusuf ngokomazisi wakhe, waqala ukuzwa ngalomshado mbumbulu eyobhalisela imali yeqolo kuNcwaba (August) ngo-2006. Ngokuzitshela ukuthi inkinga encane ezolungiseka emva kokuyibika, waqhubeka nempilo waze wahlela ukushada ngonyaka wezi-2008.

Selidlulile idili lomshado umfundisi esehambisa incwadi yokubhalisa umshado emahhovisi oMnyango wezaseKhaya wahlangabezana nembibizane bemtshela ukuthi uganile uNksz Mkhize. Lokhu kwaholela ekutheni uyise wezingane zakhe ayesemshadile, igama lakhe acele lingadalulwa, egcina esemshiya wathola enye ingoduso. Uthi ukwehluleka ukubhalisa umshado wabo kwaba ngumnyombo wezinkinga ezaholela ekutheni bahlukane.

See Also

Uqhube wathi okumphoxa kakhulu emva kokungenelela kweBAYEDE kamuva ngukuthi abantu boMnyango abakaze nakanye bazihluphe ngokumthinta ukumazisa ukuthi usehlukanise ngempela noma cha noYusuf.

Iseluleko asithola kwabezomthetho ngesokuthi kufanele ukwehlukaniswa kwakhe kuhambisane nencwadi ekuqinisekisayo evela eMnyangweni ukuze ezokwazi ukuthola umazisi osobenzayo.

Ethintwa ngaloludaba uMnu Mgobhozi oyimenenja yamahhovisi oMnyango wezaseKhaya esifundeni saseThekwini wale waphetha ukukhuluma nabezindaba wathi ucela bakhulume nabezokuxhumana ePitoli.

“Ngeke ngidalule izinto eziphakathi koMnyango nomuntu odinga usizo. Engingakusho nje ngukuthi incwadi eqinisekisa ukuthi umshado ususuliwe ishicilelwa yihhovisi elikhulu ePitoli, kodwa yena uma engaxhumana nami ngingabona ukuthi singamusiza kanjani ayithole,” usho kanje.

Scroll To Top