Now Reading
Isigobe uphondo intatheli emnkantshubomvu
Dark Light

Isigobe uphondo intatheli emnkantshubomvu

Emuva kokuthi ithe ngeke ihlehle kulokhu ekushilo ngempelasonto, intatheli ehlonishwayo kuleli, uMnu Allister Sparks usegobe uphondo, waxolisa

 

Lokhu kulandela inkulumo ayenze engqungqutheleni ye-Democratic Alliance lapho ethe umholi we-National Party nokunguye owayesekhaleni lokhwakhiwa kwenqubo yobandlululo (apartheid), uMnu Hendrik Verwoerd  ungomunye wabaholi abakhaliphile aseke wahlangana nabo eminyakeni engaphezu kwamashumi ayisithupha eyintatheli.

Lokhu kuphawula kusabalale ezinkundleni zokuxhumana iningi limsola lo ka-Sparks ngokuthi ube budedengu. Ibhala kwelinye la maphephandaba esiNgisi namuhla lentatheli ithe, “Ngeshwa amagama engiwaphimisile abe nohlevane kwabanye nabahumushe ngokuthi ngincoma inqubomgomo yakhe. Eqinisweni u-Verwoerd kanye nenqubomgomo  ngangingavumelani nakho. Le nqubomgomo yaletha ubuhlungu kanjalo nobunzima kwizigidi zabantu abamnyama.”

Yize exolisile oka-Sparks kubukeka abantu abazosala nokukhuluma kuyinhlangano i-DA, ikakhulukazi umholi wayo osanda kwehla esikhundleni uNkk Helen Zille okwathi uma kuvela lezi zindaba wabe esephebeza labo ababesola uSparks.

See Also

“Ngiyazwelana no-Allister  ngalokhu okwenzeka kuye. Ukube abantu bakuzwile abekusho nomongo abekusho ngaphansi kwawo bebezobona ukuthi ukuphawula kwakhe kucashunwe ngokungeyikho (kwabezindaba), kwahlanekezelwa ngabomu,” kuphetha uNkk Zille.

Scroll To Top