Now Reading
Ngubani oyi-NFP yangempela?
Dark Light

Ngubani oyi-NFP yangempela?

Umdlavuza wombango wezikhundla usuya ngokuyigojela iNFP kanti kwenzeka konke lokhu kabonwa nangokhalo uSekela Mengameli weqembu

 

KUMALUNGU eNational Freedom Party (NFP) okwenzekayo  kufana nephupho elibi. Lokhu kungenxa yokukhula kokungaboni ngasolinye kubaholi bale nhlangano kanye namalungu ayo.  Leli phephandaba selibike kaningana ngokuklwebhana phakathi kwabaholi besifundazwe KwaZulu-Natal kanye nobuholi bukazwelonke.

Ukuklwebhana kuqale ngesikhathi engakaxinwa wukugula umholi wale nhlangano, uMhlonishwa uZanele kaMagwaza-Msibi. Yize kukuningi okubangwayo, leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi uvuthondaba luqale esikhathini esingangonyaka esedlule ngenyanga kaNhlaba ngesikhathi sekubonakala ukuthi izinombolo kazihlangani emuva kokhetho lukazwelonke. Njengawo wonke amaqembu le nhlangano yayinohlu lwabantu ababelindele ukungena ePhalamende kanye nakwiziShayamthetho zezifundazwe. Okwakwenza leli qembu libe nokuzethemba kokuthi nakanjani lizokwenza kahle okhethweni, yimiphumela yokhetho lohulumeni bezindawo KwaZulu-Natal. Phela kulolo khetho iqembu ladlisela ogageni iqembu leNkatha Freedom Party (IFP) komasipala abaningi.

Ngeshwa akuhambanga njengoba kwakulindelekile.   Izibalo zanika le nhlangano izihlalo eziyisithupha kuzwelonke, kanjalo naKwaZulu-Natal kwaba yinani elifanayo.

Lokhu kwadala ingcindezi emangalisayo ikakhulukazi kumholi wale nhlangano okaMagwaza-Msibi owayebhekwe yiwo wonke umuntu ngaphakathi nangaphandle kwale nhlangano ukuba akhombe indlela, acacise ukuthi ngabe kuzokwenzekani, kwazise izihlalo zazincane kepha abantu bebaningi. Ngokohlu lwaleli qembu iningi labantu ababekhona lisungulwa iqembu nalabo ababesekhaleni lemikhankaso lalisele ngaphandle. Okwabe sekufaka ingcindezi kokaMagwaza-Msibi wukuthi kwakukhona amanye amalungu aye sohlwini ‘ayesemasha’ enhlanganweni ayeze ngaye ngoba ethi uzama ukuba iqembu libe nogazi. Omunye walawa malunga kwaba nguMfu Sipho Mdakane weBandla lama Nazaretha  kanye naloyo owayengumsakazi woKhozi FM, uNksz Zimiphi (Zimdollar) Biyela. Lokhu kwadala ukuhhomuzela kumalungu.

Okunye okwadala ukungaboni ngasolinye kwaba wudaba lokwamukela kukaMhlonishwa Magwaza-Msibi isikhundla sokuba yiSekela likaNgqongqoshe Wezobuchwepheshe kuhulumeni kaMnu Jacob Zuma. Lokhu kuthiwa kwadala umsindo ongakapheli nanamuhla. Ukugula kokaMagwaza-Msibi kusuka ngenyanga kaLwezi nyakenye, kuthiwa kwenze isimo sokungaboni ngasolinye sabhebhetheka kule nhlangano. Ukugula kokaMagwaza Msibi kudale ukunukana kanjalo nokujikijelana ngamazwi kubaholi namalungu ale nhlangano.

Ukukhombana ngeminwe okugqame kakhulu kube yilapho lowo obesesigungwini sale nhlangano KwaZulu-Natal, uMnu Muziwamandla Mzobe ephume iqhubu nomholi wenhlangano KwaZulu-Natal nobuye abe yilungu lesiShayamthetho uMhlonishwa uVikizitha Mlotshwa namsola phakathi kokunye  ngokukhwabanisa izimali zeqembu kanye nokuba yimpethu embi esemizamweni yokuketula umholi weqembu. Lezi zinsolo wazichitha njengeziyilumbo uMlotshwa.

“Ngiyafisa ukukuqopha ukuthi, mina Vikizitha R Mlotshwa noyilungu lesiGungu esiphezulu KwaZulu-Natal, ngisazibophezele ekwesekeleni umholi, noMengameli wethu, uMhlonishwa uZanele kaMagwaza Msibi,” washo kanje uMlotshwa.

Wabe eseqhubeka esola labo abamnuka ngetulo lokuketula uMongameli.

“Siyazi ukuthi laba abaphehla lezi zinkulumo bazama ukuzicabela indlela yokungena okhethweni lwangonyaka ozayo. Lezi zenzo ngeke sizibekezelele,” Kuphetha uMlotshwa.

Okwakamuva ukudonsisana kuthinta uMnu Muziwamandla Mzobe,  Mnu Mzonjani Zulu kanye noMnu Sipho Mbatha.  Ngesonto eledlule ubuholi baleli qembu buthole izincwadi zokumisa amalungu athize okubalwa kuwo uMhlonishwa uMaliyakhe Shelembe (usiHlalo kuZwelonke) Solwazi Nhlanhla Khubisa (uNobhala Jikelele), Mnu Vikizitha Mlotshwa, kanye noNkk Cindy Mashinini onguMengameli woPhiko lwabeSifazane. Ukukhuluma kuthi le ncwadi yayisayinwe nguMnu Mzobe.  Lokhu kumiswa kwamalungu kwachithwa yilowo obambe njengoNobhala wale nhlangano uMnu Danger Sibiya nowacashunwa ethi,

“Uhlaka lwe-National Working Committee kalunawo amandla angaphezu kwawe-National Executive Committee  ngokomthetho-sisekelo weqembu,” kusho uSibiya nowaphinda waveza ukuthi empeleni uMzobe kade esula esikhundleni sakhe nokumenza angabi namandla okukhulumela uhlaka noma izinhlaka zeqembu.

Okunye ukukhuluma kuthinta uMnu Mzonjani Zulu, leli phephandaba elithole ukuthi usobishini lokwenza umgunyathi wokubhalela inhlangano ye-Independent Electoral Commission (IEC). Kule ncwadi kuthiwa kwakokotelwa i-signature kaMhlonishwa uMagwaza Msibi nokuyilapho kuthiwa uthi (okaMagwaza-Msibi) makukhishwe igama likaShelembe kanye noMhlonishwa uBonga Nzuza njengabantu abaxhumana ne-IEC egameni le qembu. Iqhuba ithi incwadi kumele kube nguye uZulu okumele amele iqembu nokwakuzomnika amandla okuqoka nokuqinisekisa abantu abaya ePhalamende, kwiziShayamthetho kanye nokuyoba ngamakhansela.

IBAYEDE ithole ukuthi lokhu kwachithwa ngabe-IEC kuzwelonke naKwaZulu-Natal nabathi i-signature ingumkokotelo.

Leli phephandaba selingakuveza ukuthi nakanjani uMzobe  kanye noZulu balindelwe wukugawulwa yizembe maduze nje. Abanye okuthiwa nabo lizobadla izembe ngoMnu Wiseman Mcoyi , Mnu Bonginkosi Gumbi ongumholi wale nhlangano e-Gauteng, Mnu Nhlanhla Khawula kanye noNkk Duma.  Okwamanje amalunga ale nhlangano asadidekile ngoba adonswa ngapha nangapha. Olunye uhlangothi luchitha uhlangothi lukaShelembe noMlotshwa ngoba lunukwa njengabantu abazoketula uMongameli weqembu, kanti ngakolunye uhlangothi kukhona abasola uhlangothi lukaMzobe ngokuthi luzoxova inhlangano lisebenzisa igama likaMhlonishwa uMagwaza-Msibi ogulayo.

Kuthiwa cishe masonto onke kuba nemihlangano , izinhlangothi zombili zibeka uhlangothi lwalo kumalungu nokwenza iningi lawo lizibuze umbuzo othi kanti ngubani umholi wale nhlangano eyaqala ngomfutho omkhulu kangaka?

Kabonwa uSekela Mengameli 

NGOKWENQUBO yawo wonke amaqembu epolitiki , isikhundla sikaMongameli singesimqoka kakhulu. UMengameli weqembu ungubuso balo njengoba bekunjalo nakumholi weNFP, uMhlonishwa Zanele kaMagwaza Msibi. Akukho ukungabaza ukuthi nxa ukhuluma ngeNFP, isithombe sokuqala esifika emqondweni bekungubuso bokaMagwaza Msibi.

Namuhla leli qembu selikhungethwe zinkinga ezixakayo nokwenza kube khona imibuzo ekuthini ngabe liphi iSekela Mengameli wale nhlangano nokuthi konje yini umsebenzi walo uma izinto ziqala ukonakala. Ezinsukwini nje kuzwakale izindaba zokuxineka kukaMhlonishwa uZanele Magwaza Msibi. Ubuholi bale nhlangano bamemezela ukuthi uMnu Alex Kekana uzothatha izintambo kulandelwa umthethosisekelo weqembu .  Amagama aphelele kaMnu Kekana nguRammekoa Alexandra Martin Kekana wase-North West ngokudabuka kanti usebenza njengekhansela khona e-North West.

Lo mholi kavamile ukuvela noma ukucashunwa kwabezindaba kunalokho kuvame ukukhuluma uMhlonishwa uShelembe onguSihlalo weqembu. Uma kungeyena uShelembe kuke kube nguMhlonishwa uVikizitha Mlotshwa. Lokhu kwabanye kushiya umbuzo wokuthi yini uKekana angabi wubuso beqembu njengoba kunjalo kuMhlonishwa uMagwazwa Msibi.   

Iningi labantu esikhulume nabo litshengise ukumangala ukuthi konje kukhona umuntu oyiSekela Mengameli weNFP. UNkk Ntombizodumo Khathi wasoLundi  uthe, “Cha ngiyaqala-ke ukuzwa ukuthi kanti iqembu likaZanele linomuntu olisekela. Thina besibona lo mama ehla enyuka nje hhayi impela angazi ngalo muntu okhuluma ngaye.”

UMnu Sipho Ntuli nowakhona oLundi uthe, “Thina sazi ukaMagwaza Msibi nemisebenzi yakhe emihle lapha endaweni. Njengoba engaphilile nje akekho omunye umuntu esiyomamukela. Yena lo muntu ubengaveli ngani sonke lesi sikhathi,” kusho uNtuli obesebonakala ukuthi lolu daba luyamnenga.  Umbuzo ngoKekana ubekiwe nakumalungu alenhlangano (angathandanga ukuba siwagagule ngamagama)  naphawule ngendlela efanayo ethi usekela Mengameli weqembu  akaziwa, nokudala imibuzo.

Omunye wala malungu uthe, “Hhayi sivuna esakutshalayo singazi. Lo muntu wakhethwa yithi kepha sagqamisa umama ukaMagwaza Msibi. Manje akekho phambi kwethu sekufuneka siqale phansi sakhe uKekana,” kusho leli lungu leNFP .

See Also

Elinye ilungu lithi kakuyena yedwa uKekana ongaziwa. “Le nto iyafana nje nakwagogo lapha kwi-IFP , uMntwana nguye yedwa odumile. Nakithi yiso leso, ubani nje owazi uMengameli wophiko lwabesifazane be-NFP ? Yithi esihlukumeze okaMagwaza Msibi ngoba ubeyikho konke, laba abanye abaholi asebedala izinxushunxushu manje babengekho. Kubuhlungu okwethu ngoba namuhla siyinhlekisa”.

Kulokhu abahlaziyi bezepolitiki esikhulume nabo bayamhlaba okaMagwazwa Msibi ekuthini nguye odale le nkinga ekhona.

UMnu Zakhele Ndlovu ofundisa izifundo zepolitiki eNyuvesi yakwa Zulu-Natal ,  uthe izinkinga ze-NFP ziqalwe nguye uNkk Magwaza Msibi ngokuhalazela egijimela ukuyongena ephalamende likazwelonke ngoba elobizela isikhundla sokuba yiphini likaNgqongqongqoshe Wezobuchwepheshe.

“Ngokuhamba kwakhe eya ephalamende ushiye elikhulu igebe wazehlukanisa nabantu bakhe. Phela njengeqembu ebelisakhula kwakufanele ake azinze ukulikhulisa kodwa waqoka ukugijimela ephalamende ngoba azi ukuthi uzonikezwa lesi sikhundla sokuba yiphini likaNgqongqoshe Wezobuchwepheshe. Okunye wukuthi uthe noma esehamba wangashiya mholi onamava obengalekelela ukulikhulisa,’’ kusho uMnu Ndlovu.

Omunye uzakwabo nongungoti ezindabeni ezithinta ipolitiki yamazwe ngamazwe, uDkt  Sakhile Hadebe uthe ubisi seluvele luchithekile.

“Noma esengabuya kusasa  uKaMagwaza Msibi ngeke esenza lutho ngenxa yomonakalo osudalekile eqenjini. Awusekho umlingo angawenza ukulitakula. Vele selibheke ekufeni,’’ kusho uDkt Hadebe. Uqhube wathi okwenzeka ku-NFP njengamanje akwethusi ngoba vele nangesikhathi esekhona uKaMagwaza-Msibi bekuvele kungasethenjwana.

“Buka nje ngesikhathi esegula abaholi beNFP bebengavunyelwe ukuzombona esibhedlela.Lokho nje kukodwa kuqinisekisa khona ukuthi akuthenjwana,’’ kuqhuba uDkt Hadebe.

Bobabili abahlaziyi bayibabazile eka Kekana nabathe ufana ‘nesichuse’ ebekumbandaniswe ngaso ngoba amandla onke abekokaMagwaza Msibi.

“Yingakho manje sekukwamazenzele kuNFP, akusekho mholi. NoMnu Shelembe nezakhe bazenzela umathanda kanti nabanye bazidonsela babheke le ngoba akusekho mholi ozobalawula,’’ kuqhuba uDkt Hadebe.

Imizamo yaleli phephandaba yokuthola uKekana kayiphumelelanga.

Scroll To Top