Now Reading
UMaimane engozini yokumbiswa iqanda lenjelwane
Dark Light

UMaimane engozini yokumbiswa iqanda lenjelwane

Yize kulindeleke ukuthi angenele esokuba ngumholi we DA uMnu Maimane, ukhona umbono wokuthi uyengelwa oPhathe

 

IZINDABA eziphume kuleli sonto zokuthi umholi we Democratic Alliance (DA) uNkk Helen Zille uzibeka phansi izintambo zobuholi zifakazele lokho leli phephandaba ebelide likubika kusuka ngonyaka owedlule. Sibike ukuthi kukhona ukudonsisana nokuzihlela kabusha ngaphakathi kwi DA. Kuloyo mbiko saveza ukuthi phakathi kokunye loyo owayengumholi wale nhlangano ephalamende uNksz Lindiwe Mazibuko uphansi kwengcindezi emangalisayo ngoba esekhethe ‘ukuzimela’. Ingcindezi le yayivela kuNkk Zille owayeliqhikiza lakhe oka Mazibuko kwezepolitiki.

Oshicilelweni lamhla zi 26 Nhlolanja kuya mhlazi 5 ku Ndasa 2015 leli phephandaba liphinde labika ngofa kubaholi abamnyama noludalwa ngabathile abamhlophe kule nhlanngano. Kulombiko kwavela ukuthi kukhona ukwehlukana phakathi kwabaholi abamnyama kwaZulu-Natal, ongungoMnu Sizwe Mchunu ongusihlalo nomholi wale nhlangano kwisiShayamthetho, u Mnu Zwakele Mncwango ohola le nhlangano eMkhandlwini we Theku kanye no Nksz Mbali Ntuli oyilungu lesiShayamthetho.  Kuthiwa lokhu akuqali kepha kuqale ngokuthi kudalwe ufa phakathi kukaMnu Mmuisi Maimane ongumholi we DA ePhalamende kanye naloyo angena ezicathulweni zakhe nosewashiya phansi uNksz Lindiwe Mazibuko.

Abaholi abangaphakathi kwi DA abacele ukuba amagama abo angadalulwa ngenxa yokwesabela ukuthi bangasolwa ngokwephula imigomo yeqembu yezokuxhumana bakuqinisekisile ukuthi lokhu okwenzakalayo kwi DA kuwuhlelo olukade lwaqala.

‘Ngenhlanhla yakhe uNkk Zille basamthanda abezindaba yikho behluleka nje ukudepha ngesenzo sakhe. Lokhu akwenzile ubengakwenzeli i-DA kepha ubezenzela yena. Ukube ubekwenzela i-DA ubezohoxa kusaqala ukuze asinike isikhathi esanele sokukhetha loyo ongasihola . Singab sisenzani sekusele amasonto ambalwa?’ Kubuza lo mholi noqhubeke wathi uMnu Maimane akagawule abheke.

“Ngabelungu laba bayayazi into yabo. Uhlelo olujulile lolu okumele abaholi abamnyama abafana no Maimane, Mchunu, Mncwango no Mbali Ntuli  nabanye balubheke. Akukuhle ukuthi siqhathwe sibhekile bese kuthi ngoba sithanda izikhundla bese senza sengathi akonakele lutho. Kusobala ukuthi uMaimane angase azithole  esetshenziswa kuthi uma sekufike isikhathi sokuthi abanikazi beqembu babuye bese egudluzwa, yikho ngithi kagawule abheke,” kuphetha umthombo.

Oshicilelweni lwethu olwedlule  ( mhla 26 Nhlolanja- 5 Ndasa ) sabika ngokuthi kwaZulu-Natal vele selukhona ufa phakathi kuka Mnu Mncwango kanye no Mnu Mchunu. Ngokuthola kweBAYEDE phakathi kwalaba baholi kukhona abaholi abamhlophe okuyibo abaphethe imali yemikhankaso. Ngokuthola kwe BAYEDE uMnu Mchunu uyena othathwa njengesethenjwa sika Nkk Zille. wesekwa ngabantu abafana no Nkk Dianne Kohler-Barnard owayephambili nangesikhathi uMnu Mchunu ehlula loyo owayebangisana naye uDkt Jiyane.

Ngakolunye uhlangothi uMnu Mncwango yena kuthiwa wesekwa ngu Mnu John Stanheisun. Kepha okuvezwe wumthombo wethu wukuthi sengathi kayifuni ukungena ejokeni eyakwa Mncwango ngenxa yemigomo eza noxhaso. Phakathi kwemigomo yikuthi kumele ahlukane nabathize ebuholini acheme nabathize.

See Also

Konke lokhu kwenzeka ngesikhathi i-DA isisegiyeni eliphezulu lokuguqula isithombe sokuthi iyiqembu labelungu. Umholi wayo oseshiya phansi kokunye uyanconywa ngemizamo yakhe yokufaka abamnyama ezikhundleni eziphezulu. Yize kunjalo bakhona abamsola ngokuthi lokho ubekwenza ngoba kuvuna yena kwazise iningi labaholi abebaseka bekungamathwasa akhe angenawo amava.

Lokhu ngokusho komthombo, kufakazelwa yindlela uNksz Mazibuko ahamba ngayo abathile abayihumusha ngokuthi kumholi we-DA umuhle uma uvumelana naye, uma nje nike naphikisana uphenduka iqaqa.

Umhlangano we-DA wokukhetha ubuholi uzobe u ngomhla ziyi 9 ku Nhlaba kanti iwindi lisavulilwe kulabo abafisa ukubhalisela ukungenela ukhetho ezikhundleni ezahlukene. Leli windi livalwa mhla zingama 24 ku Mbasa ngehora lesihlanu.

Scroll To Top