Ilumbo lidla umninilo kwiCosatu



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Isonto eledlule liqale laphinda laphe kabi enhlanganweni enkulukazi emele abasebenzi kuleli
Ngosuku lwangeSonto lowo onguNobhala Jikelele weCongress of South African Trade Unions (Cosatu), uMnu uZwelinzima Vavi ubize isithangami sabezindaba nokuyilapho enekele khona izwe ngakho konke akubona njengamaphutha kule nhlangano. UMnu Vavi ushiye angalazi kulabo ababize ngamahalanjonjo athi ahlwitha iCOSATU kubanikazi bayo, okungabasebenzi. Khona lapho uveze amahlazo esimo sezimali kule nhlangano enamalunga angaphezu kwesigidi.Isenzo sikaMnu Vavi kasibashaqisanga abaningi ngoba vele sekuyisikhathi idudulana phakathi kwakhe kanye nengxenye ethize yobuholi beCosatu. Okumangazile nje wukuthi kulesi sithangami ubephelekezelwa yilabo abamesekayo obekungamalungu enhlangano esimisiwe kuCOSATU okuyiNUMSA.
Kube sobala enkulumeni abeyethula uMnu uVavi ukuthi kukhona asekuzwile nobekuzokwenzeka ngakusasa emhlanganweni wobuholi obuphezulu iCentral Executive Committee (CEC) yale nhlangano. Bekungeyona imfihlo ukuthi phakathi kwezinto ebizizodingidwa yiCEC bekukhona udaba lwakhe uMnu uVavi. Isithangami sabezindaba sibukeke njengeqhinga lika-Mnu Vavi lokucupha umgogo nokugadla kuqala ngoba esesazi isinqumo seCEC ngekusasa lakhe.
Nembala lithe lisombuluka kwabe sekugcwele wonke amaphephandaba ukuthi iCEC isimxoshile uMnu uVavi. Lokhu kuphikiwe nguMengameli weCosatu uMnu uSdumo Dlamini nozwakale kwabezindaba ethi, “ICosatu iyamangala yilokhu kuhlukunyezwa ngabezindaba ngale ndlela, lapho bebhala ngezinto ezingakakhulunywa nakukhulunywa wubuholi.”
Ngaleso sikhathi, yize akuvuma uMnu uDlamini ukuthi iCEC iyaludingida udaba luka-Mnu uVavi, wababaza nokho ukuthi lokhu kokuthi uNobhala weCosatu abize isithangami ngosuku olwandulela umhlangano weCEC, kuyizinkomba zokuthi lona ngumdlalo ohleliwe.
Ngosuku lwangoLwesibili iCEC isikhiphile isinqumo sokuthi nembala iyamumisa uMnu Vavi esikhundleni sakhe nokuyisinqumo esisho ukuthi siyobuyekezwa kuphela yiNkomfa yeCosatu ezoba ngasekupheleni kwalo nyaka. Ngokwesitatimende se-CEC, uMnu Vavi umiselwe ukungaziphathi kahle nokungalandeli inqubo yenhlangano.
Noma ngabe kuthini ukuhlaziya ngalokho okwenzeka kwi-Cosatu kuleli sonto, okucacayo wukuthi zombili izinhlangothi kazikho msulwa, ilumbo lidla umninilo. UMengameli wale nhlangano nahambisana nabo basolwa ngokuhlukanisa phakathi i-Cosatu kanye nabasebenzi jikelele. Babuye basolwe ngokuthi ukwenza kwabo kucheme nobuholi be-African National Congress ( ANC) eholwa nguMnu Zuma kanye ne-South African Communist Party ( SACP) eholwa nguMnu Blade Nzimande.
UMnu Vavi yena usolwa ngokucasha ngepolitiki ekubeni enza amanyala lapho emekeza isisebenzi se Cosatu emahhovisi ale nhlangano. Kunanezinsolo zokukhwabanisa eziphathelene nokuthengwa kwebhilidi elisha kwiCosatu. Konke lokhu kuklwebhana kunokuvumelana kongoti nabahlaziyi ukuthi kuzoba nomthelela ongemuhle kwi-Cosatu njengenhlangano nokuyokapakela nakubasebenzi ezindaweni zokusebenza.
Abanye ababukeka bezothinteka kule mpi eku Cosatu yi-ANC njengoba kuyiwa okhethweni lwezindawo ngonyaka ozayo. Izinyunyana zasembonini yokusansimbi yizo ezinamandla endaweni yase-Nelson Mandela nokulindeleke ukuthi zijezise i-ANC ngesikhathi sokhetho. Ngaphandle kwase-Kapa kuku Masipala wase-Nelson Mandela lapho i-ANC inengcindezi khona. Lokhu okwenzeka kwi-Cosatu kubukeka kuseyisiqalo sokukhulu okuzayo nokungaguqula ezombusazwe kuleli.
Lokhu kwenzeka i-Cosatu igubha iminyaka engamashumi amathathu yasungulwa, okuyisikhathi okufanele engabe esemibhiyozo nenjabulo kodwa esibukeka singesokukhala nokugedla kwamazinyo.