Isonto lapho uMengameli cishe elahlekelwe yikho konke



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Iziqubu zakamuva zodlame zibeke elakuleli noMengameli endaweni abangayejwayele
Sekwaba yisiko kohulumeni nabaholi bamazwe ukuthi izinsuku ezili-100 besehhovisi yizo ezibuyekezwa nezinika umhlahlandlela. Umqondo wezinsuku ezilikhulu wasukela kuMengameli wase-USA uFranklin Delano Roosevelt nowazibekela umklamo wezinto azozenza uma engena ehhovisi. Kusuka lapho lo mqondo wasabalala umhlaba wonke wasebenza njengesikalo sendima esihanjiwe naleyo esazohlakulwa.
Kuleli sonto bekuphela izinsuku ezili-100 uMengameli waseNingizimu Afrika, uMhlonishwa uCyril Matamela Ramaphosa aqokwa njengomengameli wesine weNingizimu Afrika ekhululekileyo. Njengokwejwayelekile ngalesi sikhathi sezinsuku ezili-100 bezibhekwe ngabovu. Njengomholi owangena ngethikithi lokukhulisa umnotho nobuqotho, kulezi zinsuku ezilikhulu amehlo abethe njo emiphumeleni yepolitiki yezomnotho, okubala inqubomgomo, izinombolo nokunye. Ethatha izihlangu wathi abantu baseNingizimu Afrika abamehlulele ngokukhula komnotho owabe usutshengisa izimpawu zokuguqa. Akugcinanga lapho kepha waqhamuka neqhingasu lokuhamba eyokhongela elakuleli izigidi emazweni omhlaba nokwalanywa wumhlangano omkhulukazi wabatshalizimali.
Kuleli sonto abakwa Statistics South Africa bakhiphe umbiko wokuthi umnotho wakuleli ukwazile ukugwema isigaba esinzima sikavobe. Yize ngokomnotho lokhu kungatheni njengoba kusho ukuthi umnotho ukwazile ukubambelela kuma-3.1% kuqhathaniswa nama-3.2% alahlekile ngonyangantathu wokuqala kulo nyaka. Lokhu kuphindisela iNingizimu Afrika emuva lapho eyayikhona kuqala unyaka, kodwa isalele emuva ngezinyanga eziyisithupha. Umbiko ufika nje uHulumeni wendawo uguqe phansi njengoba uMbiko woMcwaningimabhuku uveze okushaqisayo kokuthi akukho nowodwa umasipala omkhulu obungenachashaza eNingizimu Afrika. Bangama-8% kuphela omasipala abangenachashaza kulabo okwacwaningwa amabhuku abo futhi ukusetshenziswa kwezimali ngokungeyikho kufinyelele ezigidigidini ezingama-R21 243 000 000.
Yize kunjalo umbiko wabakwaStatistics South Africa kuRamaphosa noHulumeni wakhe ziyalekelela ekukhokheni umoya. Zifika lezi zinsuku nje izinjinga nosomnotho bamazwe ngaphansi kwesambulela seWorld Economic Forum (WEF) bahlangene eKapa kusuka ngoLwesithathu.
Esimeni esejwayelekile lezi bekuyizindaba ezinhle uMengameli uRamaphosa abengazixoxela isizwe nomhlaba. Sekungumlando ukuthi izinto azihambanga njengoba bekulindelekile. Iziwombe zodlame obeluthinta abokufika eGauteng nokushiswa kwamaloli KwaZulu-Natal kanye nesihlava sokubulawa kwabesifazane nezingane sigubuzele izinsuku ezilikhulu, isithunzi sikaMengameli nesezwe sadicileleka phansi ngendlela cishe engakaze ibonwe. Namuhla uHulumeni kaRamaphosa ubhekene nengcindezi enkulukazi nokungathi uma kungabhekwana nayo ibe yibala eliyoba lukhuni ukusuka.
Ulaka lwe-Afrika
Selokhu kwathi nhlo iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) ayihlonishwa nje kuphela njengeqembu elidala kulawo alwela inkululeko kepha uHulumeni oyiholayo kusuka ngonyaka we-1994 utuswa ngokuba sekhaleni lomkhankaso wokubumba izwekazi i-Afrika. Nokho kuleli sonto konke lokho kushabalele kulandela iziqubu zodlame nokucekelwa phansi kwempahla nokuthinte abokufika ikakhulukazi labo abavela emazweni ase-Afrika. Njengesijeziso kuHulumeni nabantu baseNingizimu Afrika amazwe athile ase-Afrika aqale umkhankaso wokuyikhipha inyumbazane noqale ngokuthi kudutshwe izinhlelo ezithile ezithinta elakuleli. Lokhu akukaze kwenzeke kuyaqala ngesikhathi sikaRamaphosa ukuthi ulaka lwe-Afrika luze lubonakaliswe ngale ndlela.
Izinkulumo zokuhoxa kukaMengameli waseRwanda uMnu uPaul Kagame, owaseDRC uMnu uFélix Tshisekedi nowaseMalawi uMnu uPeter Mutharika ekubeni yingxenye yeWEF eKapa kufake elakuleli noMengameli ongusokhaya ehlazweni njengoba isizathu kuthiwe kube wudlame oluthinta abakofika kuleli. Ukuzama ukuphuma ehlazweni uMnyango usukume ngokushesha uphikisa inkulumo yokuthi laba baholi badube umhlangano. UMnyango Wezobudlelwano Nokubambisna Kwamazwe Ngamazwe (Dirco) ukhiphe isitatimende esiphika imibiko yabezindaba ethi uMengameli waseRwanda uPaul Kagame, uMengameli waseDRC uFelix Tshisekedi noMengameli waseMalawi uPeter Mutharika bahoxisile engqungqutheleni yeWEF eseCape Town ngenxa yodlame olubhekiswe kwabokufika. Sithe uKagame wazise uHulumeni ngaphambi kokuqubuka kodlame ukuthi ngeke akwazi ukuba khona ‘ngenxa yeminye imisebenzi ephuthumayo’. UTshisekedi wamenywa kodwa akazange aqinisekise. Isitatimende sithe iDirco akuzange kuxhunywane nayo ngokusemthethweni mayelana nokuza kukaMutharika.
“Ngakho-ke akusilo iqiniso ukuthi abaholi abathathu banqume ukungezi ngenxa yokuhlaselwa kwabokufika abangama-Afrika,” kusho iDirco. Sengeze ngokuthi abezomthetho bathathela izinyathelo ababhebhezeli bodlame futhi kukhona asebeboshiwe.
Ngakolunye uhlangothi uMengameli waseNigeria, uMnu uMuhammadu Buhari kuleli sonto ujube uNgqongqoshe wakhe wezangaphandle uMnu uGeoffrey Onyeama, ukuba abize inxusa lakuleli kuleliya lizwe ukuba lizochaza ngokwenzeka eNingizimu Afrika. Khona lapho iNigeria ihlongoze ukuthumela ithimba elizoza kuleli ukuzohlola isimo okuyinto elihlazo kwezokuxhumana kwamazwe. Ukubizwa kwenxusa lezwe ukuba lizochaza (ngesimo esinjegalesi esenzeka eNingizimu Afrika) kuyisenzo esilichilo kwezokuxhumana kwamazwe nesehlisa ukwethenjwa kwezwe uma kufika ekuvikeleni amalungelo esintu.
IBAYEDE iye koshicilela sekunemibiko yokuthi iHhovisi lamanxusa akuleli eNigeria lihlaseliwe nokuqinisekiswe nguMnu uLunga Ngqengelele wakwaDirco: “Kunabantu abahlasele izindlu zamanxusa. Sisazama ukuqinisekisa lolu lwazi mayelana nomonakalo ongabe udalekile. Ngenhlanhla akekho olimele,” kuqinisekisa uNgqengelele.
Kepha isenzo esibukeka sifake iqembu elibusayo noHulumeni kaRamaphosa ehlazweni wukumiswa komdlalo webhola lapho iqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana ibizobhekana nelaseZambia ngempelasonto.
NeMadagascar obekuchitshiyelwa ngayo ukuthi idlale neBafana nayo ihoxile ngenxa youkuhlaselwa okubhekiswe kwabokufika.
Yize amazwe elingana kepha umlando we-ANC neZambia ujule kakhulu njengoba iningi lamalungu amaqembu ezombangazwe abhaca eZambia ngesikhathi esekudingisweni nokwenza ulaka kwaleliya lizwe luveze ukudumala kwamazwe ase-Afrika ngelakuleli nabalisola ngokwehluleka ukudala ubunye bezwekazi.
Ulaka lwabantu baseZambia naseNigeria lubukeka lukapakela ezinkampanini zaseNingizimu Afrika ezisemazweni abo. Sekuvele kukhona ukwesabela ekutheni lokhu okuqhubekayo kweso ngeso lapho izakhamizi zamanye amazwe ziziphindiselela ezinkampanini zakuleli ngeke yini kufadalalise uhlelo lwakamuva amazwe ase-Afrika akade evumelana ngalo i-Africa Free Trade. Lokhu kuzodala isiphithiphithi sokungathembani nokunqakisana ngamagama kwezokuxhumana kwamazwe, kuqede ukuhlonishwa kweNingizimu Afrika ezinhlakeni ezifana ne-African Union, i-United Nations kanye neSouthern African Development Community. Lesi simo sidala uRamaphosa angafisi ukuba kuso ngoba sizophazamisa zonke izinhlelo zakhe zokukhulisa umnotho futhi zimenze angabi nasithunzi kozakwabo emhlabeni jikelele.
Ubuthuntu bezinhloli
Ngokodlame lwakamuva ezweni nokufa kwabantu nokulimala kwempahla okubekhona, miningi imbuzo ebuzwayo ngokwakheka kohlaka lwezokuphepha. Imibuzo eminingi iqondiswa emkhakheni wezobunhloli kwezokuphepha ikakhulukazi ekukwazini kwayo ukuhogela ezangaphakathi ezingaholela ekungqubazaneni okungathintibeza igama lezwe kwamanye futhi nokungaholela ekungaphephini ngaphakathi ezweni.
Okubonakalayo lapha ngukuthi ukuba uhlelo lwezobunhloli belusebenza ngokufanelekile ngabe izinselelo zokuphepha zisheshe zabonakala bese kudanjiswa kungenzeki lutho. Izehlakalo zakamuva zibukeka zembule izinqe ezobunhloli zakuleli zaphoxa noMengameli njengoba zehluleke zancama ukukhalima izenzo zodlame.
Iziwombe lezi zenzeka ezindaweni ezifanayo nezangeminyaka eyedlule nokuveza ukuthi alukho uhlelo olukhona lokuqapha. Ukushiswa kwamaloli kwenzeka endaweni eyodwa KwaZulu-Natal nalapho azikho izinkomba zokuthi izinhloli zabe zitshale okuthile okungenza kusheshe kuzwakale uma kusuka umsindo. Ngokwedlule amaloli angama-35 angqongqiswa ngomlilo kwaphazamiseka nomnotho wezwe njengoba izidubedube zabe zenzeka emgwaqeni oxhumanisa isifundazwe iKwaZulu-Natal neGauteng kanye neFree State.
Olunye uhlaka olusolwa ngokuvuza ngolwamaphoyisa akuleli. Isithombe esabukwa wumhlaba ngesikhathi amaphoyisa edudulwa yiqulu labokufika kwabanye asibanga sihle.
Isenzo samaphoyisa okwathi angadudulwa ngakusasa atheleka ngobuningi bawo eholwa nguNgqongqoshe uCele. Lesi senzo yize satuswa ngabaningi, abathile bathi saba ngumsuka wokucija kwemikhonto ngoba isenzo samaphoyisa saveza isithombe sokuthi “asempini nabokufika”.
Abanye, kukho konke lokhu, basola abeluleki bakaRamaphosa kwezokuxhumana ngokuthi kwenzeka konke lokhu kabanalo uhlelo lokuveza isithombe esehlukile. NgoLwesibili uMengameli ugcine esekhulume nabezindaba emuva kwemikhankaso ezinkundleni zokuxhumana ebezibuza ukuthi ucashephi izwe lisha. Okubukeke kabi kube wukugxekwa kwakhe ngokuthula ekubeni abesifazane befa.
Ukungenami kwabo abesifazane bakuveze emhlanganweni weWEF eKapa lapho bengene nezicabha bavinjwa ngamaphoyisa abebathela ngesisi nokuphoxe kakhulu uMengameli obengusokhaya. Bekungokokuqala ukuthi emhlanganweni walolu hlobo kube nomkhankaso onjengalona futhi abantu bengakhulumi nje nabanye abantu kepha ulaka lubheke kuMengameli noHulumeni ngokungenzi okuyikho.
Emveni kwezinsuku ezili-100 eseHhovisi leli sonto lilodwa lisuse uMengameli uRamaphosa noHulumeni phezulu lababeka endaweni abangayejwayele, yokubhekana nolaka lwe-Afrika, olwezakhamizi zezwe kanye nabesifazane abekade bemeseka kulandela isiqalo sakhe esihle ngokwenqubomgomo ebavikelayo.