Now Reading
Ushiye esathanda kuMakhosi uNkhatha
Dark Light

Ushiye esathanda kuMakhosi uNkhatha

USOLE ukuhudula izinyawo kwe-Kaizer Chiefs umgadli osanda kuthusa abaningi elaxaza leli qembu yize belimeseke kunzima abalandeli bengamfuni noma bambone.

UKingston Nkhatha uthi uze wanquma ukuyosayina inkontileka ne-SuperSport United ngoba ebona kucwebe isiziba, abaphathi be-Chiefs bengayikhulumi eyenkontileka entsha.

“I-Chiefs ingenzele izinto eziningi ezinhle. Ngesikhathi abalandeli bengihhahhameza, abaphathi bangeseka, bangihlalisa phansi bangitshela ukuthi ngingakunaki ngoba kuzodlula,” kusho uNkhatha. “Bengingafuni ukushiya i-Chiefs kodwa kuthe uma ngibona ingasho lutho ngenkontileka entsha, i-SuperSport yona ikhombisa ukungithanda, ngabona kufanele ngithathe isinqumo.”

UNkhatha usolwe kakhulu ngokuvele ayilaxaze i-Chiefs ekubeni seyiwe ivuka naye, kanti ivele yamkhulula ukuba aye ku-SuperSport ngemuva kokuvela kokuthi usesayine isivumelwano sokuthi uzoya kuyo uma kuphela inkontileka yakhe ne-Chiefs ngoNtulikazi. Lo mgadli odabuka eZimbabwe, uthi kumethusile ukuthi i-Chiefs ivele imdedele mahhala kusemanje kwazise bekusasele izinyanga eziyisithupha enkontilekeni yakhe. “Ngethuka ukuzwa ukuthi sengingaya kwamanje ku-SuperSport. Ngangingacabangi ukuthi isimo singaba muncu ngale ndlela eqenjini ebengizinikela kangaka kulo – kodwa kunjalo ebholeni,” kusho yena.

See Also

“Kwesinye isikhathi kumele ucabangele ikusasa. Nami ngenza kanjalo. Ngiyindoda enomndeni. I-Chiefs ngiyohlale ngiyithanda ngoba yanginika ithuba lokuqala lokudlala ku-Premier Soccer League (PSL). Ngemuva kokucabangisisa kahle, ngabe sengithatha isinqumo esizongizuzisa kwazise neminyaka ayimile iyahamba,” kusho lo mgadli oneminyaka engu-29.

Scroll To Top