Ukhala uyazithulisa ‘ubhululu’ wesikhulu ehhovisi likaNdunankulu


UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
ISELE lidla amasi emuva kwendlu ngenkilayitheka yesitatimende esenziwe usomabhizinisi odume kwezobumnandi eThekwini osevuke umbhejazane enuka isikhulu esiqavile ehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal ethi simkweleta imali elinganiselwa ku-R2.1 million
Esitatimendeni iBAYEDE enekhophi yaso, uMnu Nicholas Dranias, ongumnikazi wendawo edumile yentakaso nokucima ukoma eThekwini i-De La Sol, uthulula sonke isifuba ngokungagcineki kwezethembiso zenkokhelo yiHhovisi likaNdunankulu ayexhumana nalo ngomkhulumeli walo uMnu Ndabezinhle Sibiya.
I-De La Sol ka-Mnu Dranias yindawo ejwayele ukuhanjelwa ngosaziwayo okubalwa nosopolitiki eku-Florida Road, eMorningside, eThekwini.
Ngokusho kuka Mnu Dranias, le mali akweletwa yona nasebona ukuthi ngeke asayithola eyemisebenzi ayenza ngesikhathi uMnu Sibiya esakhumela uDkt Zweli Zweli Mkhize obenguNdunakulu ngaphambi kokuba aqokelwe isikhundla sokuba nguMgcinimafa we-ANC kuzwelonke.
Umthombo osondele kulolu daba kuhulumeni, kodwa ongathandanga ukuba udalulwe, ukuqinisekisile ukuthi uMnu Sibiya usemanzini abilayo. “Kumanje ihhovisi likaNdunankulu seliqashe, uMnu Sbu Magwaza obesebenza esiteshini somsakazo i-Vibe FM esikhundleni sikaMnu Sibiya. Empeleni uMnu Magwaza uqale emsebenzini ngomhla ka-2 kule nyanga esikuyo,’’ kusho umthombo.
UMnu Magwaza, ethintwa yiBAYEDE, ukuqinisekisile ukuthi nguyena oseqashwe esikhundleni sokukhulumela uNdunankulu Senzo Mchunu. Kodwa uMnu Magwaza uthe mayelana nokuthinteka kwegama likaMnu Sibiya leli phephandaba alixhumane nomphathi wakhe uMnu Thami Ngwenya.
UMnu Ngwenya uthe njengoba sekuqale ubuholi obusha ngaphansi kukaNdunankulu uSenzo Mchunu sebeqalise ukuhlela kabusha uMnyango wezokuXhumana kuleli hhovisi.
Uthe uMnu Sibiya noMnu Magwaza bayingxenye yalokhu kuhlelwa kabusha. Mayelana nezinsolo ezenziwe nguMnu Dranias ngoMnu Sibiya, uMnu Ngwenya uthe udaba oselulethwe kubo bazocubungulisisa kahle. “Izinqumo zethu sizokwazisa ngazo ngaso sonke isikhathi, okuyinqubomgomo yoMnyango kaNdunankulu uMchunu,” usho kanje. UMnu Sibiya uvumile ukuthi uyalwazi udaba luka-Dranias kodwa uyamangala ukuthi seluvuswa yini ngoba wazi ukuthi selwaxazululwa.
Uthe futhi akusilo iqiniso ukuthi uMnu Magwaza ungene esikhundleni sakhe. “Ngokwazi kwami ungumsizi. Phela kunezinguquko eziningi ehhovisi esezenze kwavuleka izikhala zemisebenzi eziningi,’’ kusho uMnu Sibiya.
Intundabebhekene yamagigi okuthiwa awakhokhelwanga
Esitatimendeni uMnu Nicholas Dranias asisa ehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, kuso akhala ngokukweletwa yileli Hhovisi, ubeke uhla lwemicimbi ayihlela futhi wayikhokhela ngoba, ngokusho kwakhe, ethenjiswe inkokhelo uMnu Ndabezinhle Sibiya ongumkhulumeli kaNdunankulu.
Kule micimbi ubala imikhankaso ye-Youth Development ne-Aids Awareness. Kule ncwadi ukhala ngokugqigqela le mali esize yafinyelela ku-R2 million yemisebenzi kusukela ngo-2011.
Elanda indaba, uthi ngo-2009 wahanjelwa nguMnuz Sibiya owazethula njengoMkhulumeli kowayenguNdunankulu uDkt Zweli Mkhize. “Wathi uthunywe yiHhovisi likaNdunankulu ukuzongicela ukuba ngilihlelele imicimbi eyahlukene nokuthi leli hhovisi linesifiso sokusebenzisana nami,’’ kusho uMnu Dranias esitatimendeni. Uqhuba uthi uMnu Sibiya wathi uNdunankulu udinga abantu abafana naye ukuzomsiza ukuqhuba imikhankaso yehhovisi lakhe.
Nokho uMnu Sibiya uphike wama ngentaba eyokweshela lo somabhizinisi wezobumnandi. “Amanga aluhlaza ukuthi uNick (igama uMnu Dranias abizwa ngalo) wacelwa yimi ukuzosiza ehhovisi lika-Premier,’’ kuzihlangula uMnu Sibiya. “Besihlangana cishe nsuku zonke lapho ebehlale engicela ukuba ngihlele imicimbi ethile yehhovisi likaNdunankulu kusukela ngo-2010 kuya ku-2012,” kufundeka incwadi kaMnu Dranias. “Mina nemenenja yami sabe sesimenyelwa emcimbini we-KZN Aids Committee Luncheon ngo-2011 lapho uMnuz Sibiya wangiqoka khona njengeNhloko ye-KZN Entertainment Sector,” kufundeka incwadi.
UMnu Dranias uqhuba uthi lo mcimbi we-KZN Aids Committee Luncheon wawuhanjelwe nangu-Dkt Mkhize. “Naye (uDkt Mkhize) saxoxa ngokubamba kwami iqhaza emikhankasweni eyahlukene yehhovisi lakhe. Okusho okuthi naye wayazi ngokubakhona kwami,’’ kusaqhuba incwadi.
Iphinde ithi ngo-2010 kuya ku-2012 inkampani yakhe yacelwa ukuba ixhumane noMnu Sibiya noma abanye babasebenzi uma kunemisebenzi okuzomele ayenzele ihhovisi likaNdunankulu. “Esinye isisebenzi ebengisebenzisana naso nguNksz Ziphelele Ndlovu okunguyena obenza iBranding, Logistics, Media co-ordination nomsebenzi wokubhaliwe. Besixhumana ngama-emails noma sibonane ubuso nobuso noMnuz Sibiya,’’ kuqhuba incwadi.
Uthi ama-invoice okukhokhelwa ngokomsebenzi asewenzile ubewathumelela uMnuz Sibiya ukuze awacubungule. UMnu Dranias uthi omunye wemicimbi emikhulukazi akweletwa yona yihhovisi likaNdunankulu owomkhankaso we-ANC wokulungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya lwango-2011. Lo mcimbi, okungachaziwe esitatimendeni ukuthi uhlanganise ini neHhovisi likaNdunankulu, uthi wawubizwa nge-ANC Razzmatazz Pre-Election Campaign. Uthi ngalo mcimbi we-ANC ukweletwa R122 748,00.
Kwaba nomunye obizwa nge-Fashion by the Sea wango-2012 owawubanjelwe eDurban Moyo Pier lapho uMnu Sibiya kuthiwa wavuma ukuwuxhasa ngo-R60 000 wokulalisa izintokazi ezazizomodela kanye nabathungi. U-R22 000 kuthiwa kwakungowokutetemukisa lezi zipawupete ngebhanoyi ziza emcimbini. “Kwasala imali engu-R170 000 okwakukumele ngikhokhelwe yona,’’ kuqhuba uMnu Dranias.
Uqhuba uthi ngoNhlangulana ka-2012 uMnu Sibiya waphinde wamcela ukuba abahlehlele umcimbi ozoba ngosuku lomjaho omkhulukazi wamahhashi i-Durban July. Uthi lokhu uMnuz Sibiya wakwenza yize azi ukuthi uMnuz Dranias unendawo enkulu ebizwa nge-Private Village Area ngaphakathi enkundleni i-Greyville Racecourse.
“Wangiqinisekisa ukuthi kunemali ebekelwe abantu abangu-100 yokuba bazotamasa, okubalwa kubo izintatheli, abathungi bengqephu nezicukuthwane zehhovisi likaNdunankulu. Lezi zimenywa zabe zizonandiselwa ngomculo yiqembu lodumo iMicasa, u-DJ Black Coffee no-Zakes Bantwini,’’ kusaqhuba yena.
UMnu Dranias uthi ngalo mcimbi we-Durban July ukweletwa u-R250 000. “NgoMfumfu ka-2012 uMnu Sibiya waphinde wangicela ukuba ngihlele idili lomculo e-Wavehouse, eGateway, owawuhanjelwe yisihlabani somculo we-Hip Hop saseMelika u-Eve owayehlabane nge-Grammy Award.”
Ngokusho kukaMnu Dranias, uMnu Sibiya wathi uzokhokhela indawo okwakuzokwenzelwa khona leli khonsathi lomculo okwakuyimali engu-R250 000 kodwa wagcina usukhokhwe yilo somabhizinisi. Uqhuba uthi kuleyo khonsathi izikhulu eziphezulu zikahulumeni zaba nethuba lokuxoxa nomculi u-Eve.
Uthi kumphindile lokho futhi ngomcimbi i-Rebirth Life Concert ngo-2012 eba ngosuku lomgubho we-World Aids Day. Uthi ngemuva kwalo mcimbi, uMnu Sibiya wathi akamthumelele wonke ama-invoice ukuze aqinisekise ukuthi uyakhokhelwa. “Wayethe ihhovisi likaNdunankulu lizoxhasa abaculi ngo-R181 500,00 kodwa nalezo ndleko zagcina zithwalwe yimi,’’ kufundeka incwadi. Ubala no-R300 000 athi wakhokhela ngawo uZahara noThandiswa Mazwai ngokunandisa emcimbini womgubho woSuku lwabesiFazane owawubanjelwe eNkosi Albert Luthuli ICC ngo-2012 kanye nemali yokudla neziphuzo engu-R140 000.
Uthi uMnu Sibiya ubevele ashone ezintangeni noma abeke izaba zokuthi bazomkhokhela esabelweni sezimali sika-2012 ngoba isabelomali sika-2011 sesedlule kodwa kugcine nalokho kungenzekanga. Kokunye, ngokusho kwesitatimende, uSibiya wayebeka ingcabha enkampanini i-Chanti Travel ngokuthi yiyona okumele imkhokhele imali yango-2011.
UMnu Dranias uyakuvuma ukuthi kukhona imali ayithola ivela kwa-Chanti Travel “kodwa inganele”. Uthi futhi okwamdidayo nayo leyo mali yayinemininingwane yehhovisi likaNdunankulu waseGauteng nowathi uma ebuza uSbiya wathi ngenye yezindlela abakhokhela ngayo abantu. “Angiyazi leyo nto mina. Okokuqala nje ngihlanganaphi nama-invoices. Futhi angingeni ezindabeni zezimali,’’ kubhoka uSibiya. USibiya okuqinisekisile ukuthi iChanti Travel inenkontileka yokusebenzisana nohulumeni wesifundazwe kodwa uphikile ukuthi wathi yile nkampani okumele ikhokhele uMnu Dranias.
Eminye imicimbi wayikhokhela angakayitholi imali yomsebenzi wayo uMnuz Dranias iDurban Day yango-2011 (R135 522.30) ne-Getting to Zero Campaign and Metro FM Heatwave ka-2011 (R326 000.00). Ubala nomcimbi we-Media Launch (R106 000.00) nama-CD ayenikezwa abantu nge-World Aids Day ka-2011 (R38 943.51) nekhonsathi yalolu suku (R245 000).