Ingahle iphinde ingqongqe iMandeni


Kufufusa enye imbedumehlwana yodlame lomphakathi kuMasipala iNdondakusuka eMandeni
UKHUKHULELA ngoqo wombhikisho womphakathi uhlelwa yinhlangano ezibiza nge#SaveMandeniMovement namhlanje (NgoLwesihlanu) ngenhloso yokuxosha iMeya yoMkhandlu uMnu uSiphesihle Zulu osolwa kokunye ngenkohlakalo nokuziqashela abantu bangaphandle.
Ngokusho kwabagqugquzeli balo mbhikisho okunguMnu uMzwandile Mthembu noMnu uNkanyiso Nxumalo bathi bazoqinisekisa ukuthi bamisa yonke into engenayo nephumayo namhlanje kuze kube kuxoshwa, uMnu uSiphesihle Zulu.
Abanye babagqugquzeli balo mbhikisho kubalwa nabaholi bophiko lwetsha ye-African National Congress (ANC) nabo abathi sebecikekile yinkohlakalo kaMnu uZulu okuthiwa uvikelwa ngabaholi abathile be-ANC esifundazweni.
“Mfowethu simfuna ehambile uZulu lapha eMandeni sikhathele uyena njengoba umphakathi ewubambe ngobhongwane ezenzela empahleni kaMasipala futhi eziqashela abantu bangaphandle ezikhundleni eziphezulu nakweziphansi ukuze badansele isiginci sakhe senkohlakalo. Iningi lalaba bantu abaqashile ngabaseMzimkhulu. Uma ebuzwa ngalokhu uvele athi akabafuni abaseMandeni ngoba abafundile,” kusho uMnu uMthembu.
UMnu uMthembu uqhuba uthi konke sekumi ngomumo ngezinhlelo zombhikisho wabo njengoba kuzobe kukhona nabaholi bezenkolo nabo abazobe beyingxenye yabawuholayo.
“Sikhathele yilo Mnu uZulu osatshiswa okwenyoka eMandeni ngoba enezinkabi okukuqala akawenzeli lutho umphakathi waseMandeni kuphela uzicebisa yena nobhululu bakhe. Ngalo mbikisho asisahlehli kanti siyafunga kuzochitheka uphoko,” kusonga uMnu uMthembu.
Ohlwini lwezikhalo zomphakathi, kokunye usola uMnu uZulu ngokuphoqa uMeneja woMkhandlu, uMnu uLulamile Mapholoba ukuba avuselele ngenkani inkontileka yonogada bakhe abasamisiwe ngenxa yezinsolo ezibucayi. Omunye walabo nogada ubhekene necala lokubulala ngesibhamu sikaMasipala isikhulu sikaSosesheni weMpumalanga Taxi Assosiation, umufi uSipho Ngcamu ngowezi-2012.
Kanti omunye wonogada bakhe uMnu uMlondi Dlamini ubhekene lokuqondiswa izigwegwe ngemuva kokuvela kokuthi ngesikhathi uzakwabo, uMnu uMzwakhe Buthelezi etokele icala lokubulala uMnu uNgcamu ngowezi-2012 yena wayemsayindela ukuthi usemsebenzini ukuze aqhubeke nokuhola.
Leli cala ngokubulawa kukaMufi uNgcamu lahoxiswa kuMnu Buthelezi ngowezi-2012 ngezizathu ezingaqondakali.
Ukuboshwa kamuva kukaMnu uButhelezi kulandela ukuphumela obala kukaMnu uJabulani Biyela owayengunogada kaZulu owahlebela amaphoyisa nezikhulu ezithile zikaMasipala ngowezi-2014 ngokubandakanyeka kukaMnu Buthelezi ekubulaweni kukamufi uNgcamu.
UMnu uBiyela waphinde wabhala isitatmende esifungelwe nalapho wayekhipha khona ingonyuluka ngokubulawa kukaNgcamu kanjalo neqhaza likaMnu Dlamini ekumbozeni uzakwabo uButhelezi emsebenzini.
Esitatimendeni sikaMnu uBiyela uthi icala likaMnu Buthelezi lahoxiswa ngowezi-2012 ngemuva kwezinsolo zokuthi kwabakhona ukugwazelwa kwezikhulu ezithile zenkantolo okubalwa namaphoyisa.
Ngokwesitatimende sikaBiyela sidalula ukuthi omunye wezimantshi zaseHammersdale wagwazelwa ngezi-R10 000 ukulinyathela.
Ohlwini lwezikhalo zomphakathi waseMandeni usola uMnu uZulu kokunye wagqugquzela amanye amalungu omphakathi ekutheni ashise amafemu ukuze kubukeke sengathi alukho uzinzo ngokuphakamiswa kwegama lika Mnu Bheki Magwaza ekutheni abe yikhansela.
“Singumphakathi waseMandeni sicela lokhu okulandelayo ngokukhulu ukushesha: Uphenyo olunzulu ngenkohlakalo nokukhuphulelana kwabasebenzi izimali zamaholo, uphenyo olunzulu ngokusha kwamafemu KwaSithebe, uphenyo ngokuqashwa kwabasebenzi bangaphandle ezikhundleni eziphezulu nezimeneja kanye nabaqondisi. Akuphele ukuthi abantu baseMandeni basayindiswe izinkontileka njalo nje. Abasebenzi abathutha imfucuza abahole ngokufana nabanye abasebenzi. UMeya uZulu akasuke esikhundleni kanye nayo yonke iManagement eholwa nguLulamile Mapholoba behlulekile,” kufundeka uhlu lwezikhalo.
Lo mphakathi othukuthele usonge ngokwenza iMandeni ungabuseki uma kungukuthi uMnyango wakwaCogta awuhlangabezani nezimfuno zawo.
Imizamo yokuthinta iMeya uZulu ayiphumelelanga kodwa omunye wonogada bakhe ongathandanga udalula igama lakhe uthe usabambeke emhlanganweni womkhandlu obubizwe isigubhukane ukuzozama, ukudambisa isimo.
UMnu uBheki Magwaza uvumile ukuthi iziphithiphithi ziqale ngesikhathi yena ephakamiswa ngumphakathi wasesigcemeni sakhe ekutheni abe yikhansela.
“Ngathola amavoti angama-58 kwathi uMnu uNkanyiso Ntombela wathola ali-15, uNks uLungile Mthembu yena wathola ayisi-6 uMnu uKhehla Ngcobo wathola amane. Ngenxa yala mavoti engawathola kwabakhona abasabalalisa ukuthi ngizongenela esobumeya kwaba ukonakala kwezinto.”
UMnu Magwaza uqhuba uthi: “Kuthe sekuyiwa emphakathini ukuba uyosenzisa inhlolokhono ngafike ngadla umhlanganiso. Yilapho-ke kuqale khona udlame lokushiswa kwafemu ukuze kubukeke sengathi kungenxa yokuphakamiswa kwegama lami. Ubuholi be-ANC base bungicela ukuba ngihoxe ukuze kube nozinzo nangempela ngahambisana nesiphakamiso sabo. Kodwa sabe sesicela ukuba kubuye kubanjwe olunye ukhetho. Nakulo futhi ngadla umhlanganiso kodwa ubuholi banquma ukungikhipha bafaka uNks uMthembu.”
UMnu Magwaza uthi ubuholi besifundazwe bugcine buqoke uNks uMthembu njengekhansela yize umphakathi wawufune yena.
“Njengelungu eliyihloniphayo imigomo ka-ANC nonothando lwenhlangano nganquma ukumesekela uNks uMthembu ngaze nganxenxa umphakathi ukuba nawo umemukele yize wawungafuni,” kuphetha uMnu uMagwaza.
NgoLwesithathu abenhlangano yosomabhiziznisi abancane iBusiness Forum yaseMandeni ivale uMasipala waseMandeni ngokuthatha bonke okhiye yaphinde yaxosha nezikhulu zomkhandlu ngoba bethi ababaniki amathenda. Okhulumela iBusiness Forum uMnu uSizwe Dube ukuqinisekisile ukuthi bawuvalile umasipala.
UMnu uDube uthi bona bahambisana nemeya uZulu. “Empeleni lo mbhikisho weBusiness Forum ulandela umhlangano ubungayizolo lapho uMnu uZulu ebatshele khona ukuthi umuntu oyinkinga ekutholeni umsebenzi nguMnu uMapholoba ngakho ababone ukuthi benzani ngaye ngoba yena akasamdingi kwaMasipala,” kusho umthombo.
Naye uMnu uDube ukuqinisekisile ukuthi babenawo umhlangano noMnu uZulu osukwini olwandulela olombhikisho wabo. UMnu uMapholoba ongathandanga ukwanda ngamazwi kulolu daba utshele iBAYEDE ukuthi ushayelwa ukulwisana nenkohlakalo.
“Izolo lamalungu eBusiness Forum ahlasele umuzi wami acishe abulala unogada wami. Kodwa icala sengilivulile emaphoyiseni,” kusho uMnu uMapholoba osekubhaceni.
UMnu uDube uziqhelalanisile nokuhlaselwa komuzi kaMnu uMapholoba ethi kungenzeka ukuthi kwenziwe yisixuku esithile sabantu nabo ebebesisembhikishweni wabo. “Thina ngeke sibe yingxenye yemashi ehlelelwe ukuxosha uMeya uZulu ngoba lokhu kunenhlese yezepolitiki ephembelelwa ngabaholi abathile asebekhishiwe ezikhundleni kanye nalabo ebebengamakhansela. Thina sizoqhubeka nokwesekela uZulu ngoba ungowokuqala osivulele amathuba,” kuphetha uMnu uDube.
UMnu uZulu uphinde asolwe ngokuxhaphaza izimoto zoMkhandlu ukwenza imisebenzi yakhe yangasese. Kuzokhumbuleka ukuthi ngasekuqaleni kwalo nyaka kusuke olunye uthuli lweziChwe eMandeni ngesikhathi ingxenye yomphakathi eyayihambisana noMnu uZulu ivuka umbejazana ngoba ithi ayimfuni uMnu uMagwaza ukuba abuyele njengekhansela.
Kulowo mbhikisho kushiswe inqwaba yamafemu, izakhiwo zikaHululemeni kwaphinde kwacekelwa phansi ngomlilo izimoto zomphakathi ngesikhathi kunombango wesikhundla sobumeya phakathi kuka Mnu uZulu nalowo owayeyimeya yoMkhandlu, uMnu uMagwaza owayesefuna ukushaya ibuya ngemuva kokuqokelwa kwesobukhansela.
Kulolo dlame kwathinteka abasebenzi abangaphezulu kwezi-20 000 abasala bengesenamsebenzi ngemuva kokushiswa kwamafemu.
IBAYEDE futhi inayo ikhophi yomphumela wabacwaningi bezibhamu oluqinisekisa ukuthi ngempela yisibhamu sakwaMasipala sohlobo lwe-9mm iParabellum Taurus esinenombolo ethi TWB 35760 esabulala umufi uNgcamu. UMnu uBiyela, ukholelwa ukuthi waxoshelwa ukuthi wampimpa uButhelezi noDlamini abangobhululu abakhulu bemeya uZulu.
Leli cala lokubulawa kukaMufi uNgcamu elingu nombolo Cas 142/04/2012 liyothethwa enkantolo enkulu yamacala eMgungundlovu ngoZibandlela.
“Ngokuka Constable uDuma uthi umphumela wocwaningo lwesibhamu kanye nolwamagobolondo atholakala endaweni yesigameko ayahambisana nesibhamu somsebenzi esasisentshenziswa nguMnu uButhelezi,” kufundeka incwadi kaMapholoba.
UMnu Biyela uphinde adalule nokuthi esinye isizathu ashayelwa sona ukuthi wenqaba ukuthatha umyalelo wemeya uZulu ekutheni aqambe amanga athi nguye owashayela imoto yomkhandlu eyalinyazwa nguMnu uDlamini owayeshayise imoto yoMkhandlu kade eyobeka intombi yeMeya eStanger. USihlalo wesifunda IkwaDukuza ku-ANC, uMnu uRicardo Mthembu umvikele uMnu uZulu ezinsolweni abekwa zona wathi umsulwa.
“Siyazi ukuthi kunabantu abahlele lo mbhikisho wakusasa ngenhloso yokuxosha uMnu Zulu ngoba beqhuba izinhloso zabo ezithile. Siyazi ukuthi kunabathile ngisho ngaphakathi enhlanganweni abalwisana noZulu ngenxa yezinhliziyo ezibuhlungu zokuthi ababuyiselwanga ebukhanseleni. Ngakho thina njengobuholi be-ANC siyameseka uZulu ngoba kuningi umkhandlu waseMandeni okuzuzile ngoZulu,” kusho uMnu Mthembu.
UMnu uMthembu ube esecela amalungu omphakathi ukuba angavunyelwa ukudukiswa ngabantu abanezinhloso zabo ezithile.
“Izolo besinomhlangano ophuthumayo we-ANC eMandeni ukuyobhunga ngalesi simo sibe sesinxusa amalungu ethu ukuba angazibandakanyi nalo mbhikisho ohleliwe,” kuphetha uMnu uMthembu.