AbeNguni nobukhosi bonke kumele babe nesicelo esisodwa



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
ONgangezwe Lakhe uthi izingqinamba zesikhathi esikuso zidinga ubuhlakani basendulo
“UMLANDO uyasivezela ukuthi njalo uma uZulu eyobhekana nesitha ehlangene njengaseSandlwana uyanqoba. Kuthi uma eke waya ezimpini enhlakanhlaka kube wukwehlulwa kwakhe.”
Lawa ngamagama ashiwo yiSILO Samabandla emcimbini wokugubha iMpi yaseSandlwana izolo (ngoLwesine). Impi yaseSandlwana imqoka kakhulu, hhayi emlandweni kaZulu noma ama-Afrika kuphela kepha emhlabeni jikelele, ngoba kukuyo le mpi lapho umkhumbi wempi kaZulu waguqisa phansi iziqhwaga zamaNgisi ngaphansi kweNdlovukazi uVictoria mhla ka-22 kuMasingana 1879.
Inkulumo yeNgonyama, obekuzwakala ukuthi iqhuba kuleyo esiyethule ngesonto eledlule eKokstad, ibigxile ebunyeni phakathi kwezizwe zabeNguni. Ngesonto eledlule ISILO sexwayise izizwe zabeNguni ukuthi kukhona okuzishayela izaququ, seluleka ukuthi ikhambi lokunqoba wubunye. “Yebo ngesikhathi kuyiwa eSandlwana kuyobhekwana nabahlaseli zazikhona izinkinga ngaphakathi ezweni kepha ubukhosi kanjalo noZulu wathatha isinqumo sokuba akubhekwane nesitha kuqala okunye kubhekwe kamuva. Lobu wubuhlakani obungasisebenzela ngesikhathi esikuso,” kusho oNgangezwe Lakhe.
ISILO siqhubeke sathi kuningi uZulu wamanje ohluke ngakho, kepha kumele kube khona into eyodwa ewuhlanganisayo njengoba kwaba njalo eSandlwana. “Ngiyazi ukuthi kuningi Zulu enehluka kukho, kusuka kumahlelo enkolo eningena kuwo, ipolitiki nendlela yokuphila kepha kumele
kube nento eyodwa enihlanganisayo, ukuba nguZulu. Uma ngikhuluma nani ngikhuluma nani njengamaZulu, hhayi lokhu okunye enizikhethela ukuba yikho. Iqiniso lithi okuningi enizikhethela khona kuyafika kuphinde kwedlule kepha ukuba ngumZulu kungunaphakade.”
ONgangezwe Lakhe uthe kuyowulekelela uZulu nabeNguni ngalesi sikhathi ukuba bakhethe izimpi zawo ngokucophelela ngoba kukhona abahlela ukuba uZulu wehlukane phakathi kanjalo nabeNguni. Ukuhlukana kukaZulu nabeNguni phakathi, ngokusho kweSILO, kuyosho ukunqoba kulabo abanephupho lokubona abeNguni beyinhlakanhlaka.
“Umklomelo walabo abangasifiseli okuhle wukubona siyinhlakanhlaka. Senginabo ubufakazi bokuthi enye yemigoga odabeni lokufuna kwethu umhlaba wukudala impi phakathi kwesizwe, bahlukanise iNdlunkulu namakhosi ezizwe ngokuthi bawathembise izinto ezithile ukuze bangaseki isicelo esihlangene. Okwesibili, wukuqhatha izizwe zabeNguni ngokufaka umoya wokuthi ukufuna kwethu umhlaba njengoZulu kusho ukuqonela ezinye izizwe zabeNguni lapha eNingizimu Afrika, okuyinto engamalumbo nje.”
ISILO sithe alikho iphutha uma abeNguni bengafaka isicelo esisodwa sokubuyiselwa umhlaba ngoba lokho kungenza izinhloso zalabo abafuna ukuqhatha abeNguni zishabalale. “Kasikho esinye isikhathi esimqoka kubeNguni njengalesi samanje. Uma singahlangananga odabeni lomhlaba kuyobe asiyazi into esiyifunayo nesiyiphilelayo. Ekuqaleni baphumelela labo ababehlose ukusihlukanisa, manje sekuyisikhathi sokuthi sigweme lelo phutha ukuba lingenzeki ngesethu isikhathi.”
ONgangezwe Lakhe uthe kungakuhle nobukhosi bonke nje eNingizimu Afrika ke bubhunge ukuthi konke kungenzeke yini ukuthi kube nesicelo esisodwa. “NjengoZulu sizimisele ukuba yingxenye yalo mkhankaso, kungabi abeNguni kuphela kepha nabo bonke ubukhosi eNingizimu Afrika ake bubhunge ngobuhlakani bokufaka isicelo esisodwa okuyobizwa ngokuthi yisicelo sobukhosi baseNingizimu Afrika.”
Ngonyaka owedlule emcimbini owawuhlelwe yinjinga yakuleli, uMnuz Patrice Motsepe, ISILO samemezela ngokuthi sihlela umhlangano wokubonisana wabo bonke ubukhosi eNingizimu Afrika nesathi lokhu sikwenza ngoba sesifikile isikhathi sokuthi kube nokubonisana okunzulu phakathi kwezizwe ukuze kuvikelwe lokho okungamagugu kanye nokudingida udaba lomhlaba kanye nentuthuko yezindawo zasemakhaya.
Ngesonto eledlule loyo okhulumela indlu yabaThembu, e-Eastern Cape, uMnuz Bhovulengwe Mtirara, ucashunwe ethi njengabaThembu bayeseseka ISILO odabeni lokuba abeNguni babe nesicelo esisodwa. “Isizwe sabeNguni sinye, sahlukaniswa nje yizifikanamthwalo. Siyofaka isicelo ngisho ezindaweni ezisemadolobheni ngoba phela vele izwe lathathwa ebukhosini”.