Zisadla iqatha bume izinduna KwaZulu-Natal


Phezu komqondo ophusile ukungahleleki kuHulumeni nakubo uBukhosi kungase kumoshe
Isinyathelo sokuholelwa kwezinduna zaMakhosi sathokozelwa ngabaningi ngesikhathi simenyezelwa nguHulumeni waKwaZulu-Natal. Iningi lokhu lakubona njengesenzangakhona kwazise kwabe bungekho ubulungiswa njengoba phezu komsebenzi wazo omqoka njengohlaka loBukhosi izinduna zabe zingatholi lutho.
Emuva kweminyaka kungqongqozwa ngalolu daba, uMnyango Wezokubusa Nokubambisana Nezindaba ZoMdabu uze waqala ukuvuleka ngonyaka wezi-2013 lapho uMengameli wezwe uZuma abophezela uHulumeni ekutheni uzobhekana nesikhalo salolu hlaka loBukhosi. Kuthathe iminyaka emithathu ukuthi kubonakale okwenzekayo kulandela isibophezelo sikaMengameli. Ngonyaka owedlule (2016) luqalile uhlelo ngokuthola kwelaboHlanga izinduna ziqale ukuthola imali eyi-R1000, kwenyukela e-R1300 njengamanje kuvele ukuthi sezibuya nezi-R8000 ngenyanga.
Ikhuluma nelaboHlanga induna uMnu uShadrack Mhlongo, ongaphansi koMkhandlu wasOsuthu, owengamele isigodi sakwaKhamisile ukujabulele kakhulu lokhu okwenziwe uHulumeni ezinduneni ngokuzibonelela ngemihlomulo. UMhlongo uthe, “Selokhu kwathi nhlo besisebenzela imiphakathi yethu, ngothando nokuhlonipha aMakhosi ethu, singamehlo emphakathini sisebenza ngaphandle kokubonelelwa ngemihlomulo, ekuqaleni ngingasho ukuthi sasifana namavolontiya, sisiza imiphakathi yethu. Kodwa manje ngoba sekukhona esikutholayo nathi sizinduna kusijabulisa kakhulu lokho. Njengamanje sesifana nezisebenzi, siyagcwalisa amarejista okuthi sikhona emsebenzini, uma ungekho uyabika, uveze nobufakazi bokuthi kade wenzani emphakathini ngalolo suku. Sithokoza kakhulu ngalokho, sesiyakwazi nokufika emakhaya sijabulise nemindeni yethu,” kuphetha uNjomane.
Phezu kobuhle bomcabango wokuholela izinduna kukhona okungugcobho nokungahle nxa kungalungiswa kukhinyabeze lolu hlelo. Ukungabi nohlu olusemthethweni lwezinduna ngenye yezinto okubukeka ingase idale inkinga njengoba kuthe kungamenyezelwa ukuthi sekuzoba nezibonelelo sanda isibalo. EloboHlanga lithole ukuthi kwenzinye izindawo kusukume nabantu abesebeyekile nokwenza umsebenzi ukuze nabo bangasali. Kuvela ukuthi uhlelo lolu luzobonelela izinduna zomhlabathi. Yize izizathu zibekwa kepha iqiniso lithi kungahle kuhambe kuhambe kuqubule ukukhononda kwezinye izinduna ezingezona ezomhlabathi.
Okunye okuvelile wukuthi ngesikhathi uMengameli uZuma enza isibophezelo ngalolu daba lwalungekho uhlelo olusuka eMnyangweni Wezezimali. Lokhu kwenza njengoba kuzwakala lapha KwaZulu-Natal, uMnyango wakwaCogta uzithole usukhongozela nakweminye iminyango ukuze lungafadalali uhlelo. Uma lokhu kuliqiniso kungasho ubudedengu ngasohlangothini lukaMengameli futhi kungasho ukuthi kungenzeka lolu hlelo luhambe eceleni kwemithetho eyengamele ukuphathwa nokusetshenziswa kwezimali.
Udaba lokuphumela obala ngokuthi ngabe induna njengoba isihola nje isiyisisebenzi yini sikaHulumeni nalo lungase ludale utalatiya. Ngokusebenza kukaHulumeni abantu babekwa ngezigaba abahola ngazo (grades). Kanti njengoba bebhaliswe njengabasebenzi nje banamahora abawasebenzayo futhi banelungelo lokuhola nxa besebenza ngale kwamahora abekiwe. Banelungelo futhi lokuthatha ikhefu njengoba kulawula imithetho yezwe elawula izisebenzi. Okunye okuyohamba kudinge ukuvezwa ngamandla aMakhosi nxa kufika ezinduneni. Umbuzo ongavela wukuthi nxa induna ‘iqashwe nguHulumeni’ iNkosi inalo yini ilungelo lokuyilawula nokuyixosha. Ingahamba yini induna iye kwaCCMA iyomangalela iNkosi noma uHulumeni nxa inodaba olungayiphathi kahle? Olunye udaba olungahle luhluphe yilolo lokuthi izinduna zinombono wokuthi njengoba isibopho senziwa ngonyaka wezi-2013 kungancomeka ukuthi nalokhu abakutholayo kungaqali manje kepha kuhlehle kubuyele eminyakeni emithathu eyedlule.
Ukuphawula kweNdlu
ElaboHlanga likhulume neSekelasihlalo WeNdlu Yobuholi BoMdabu KwaZulu-Natal, uNdlunkulu waseMatheni novumile ukuthi zikhona izinduna esezihlomula kulolu hlelo. “Akuzona zonke izinduna ezihlomulayo kulolu hlelo, kepha yizinduna lezi zomhlabathi. Noma kunjalo zikhona ezingakaholi, ngenxa yezinkinga ezikhona okungaba yinkinga nge-akhawunti nokunye. SiyiNdlu sithathe isinqumo sokuthi siqinisekise ukuthi ngabe lezi zinduna zikhona ngempela yini ngaphansi kwalawo Makhosi ezithi zingaphansi kwawo, bese kubhekwa nangokwezigodi azibhekile. Okwamanje azikho izivumelwano (contracts) ezisayinwe yizinduna okuyizo (izimvume) ezizolawula isikhathi esithile sokuhola, lokho kungezinye zezinto ezisabhekwa, ngoba lolu hlelo lokubhalisa kwezinduna lwalwenziwa ngokwezifunda kulungiselelwa konke lokhu.”
UNdlunkulu uqhube ngokuthi, “Udaba lokuthi kuhlehlwe emuva ngokusuka kowezi-2013 kuya kowezi-2016 ngeke kube lula ukuyixazulula okwamanje sisasalelwe umsebenzi omkhulu wokuthi siqale ngokuqinisekisa izinduna ngokwezigodi zazo eziziphethe.”