Osekusele wukulumbanisa uhlelo lwezemfundo neNDP


Yize kunabathile abangaluzwisisi kahle, uhulumeni kanye nabezamabhizinisi sebeluphasisile uhlelo lweNDP
Manje inselelo seyisekutheni kwenziwe imfundo yakuleli ihambisane nalolu hlelo, kubhala abahlaziyi bepolitiki nezomnotho beBAYEDE. Ukhupuma kwemiphumela kamatikuletsheni kusho izinto eziningi kubantu abehlukene. Kubafundi abebebhala izivivinyo zikaMatikuletsheni kusho ukuphela kanjalo nokuqala kwesigaba esithize empilweni. Kokunye kusuke kususa ingcindezi kwazise basuke bengazi (abafundi) ukuthi izothini imiphumela.
Ngakolunye uhlangothi into esuke ibhekwe kakhulu ngemiphumela ngumnotho wezwe. Umnotho wayinoma yiliphi izwe uncike kakhulu ekwenzeni kwabafundi ngoba imiphumela lena ihlonza ukuthi ikusasa laloyo mnotho lizoma kanjani.
Yikho nje kwamanye amazwe uhlelo lwezemfundo lulunjaniswa namakhono asuke edingwa ngumnotho walelo zwe. Isibonelo nje, nxa umnotho wezwe uhlonzwa ngokuthi uzosimamiswa ngezolimo, lokho kuphoqa ukuthi kanjalo nohlelo lwezemfundo kalugxile lapho.
Ngeshwa kule minyaka eyedlule imfundo yakuleli ibingahambisani nalokho okudingwa ngumnotho. Lokhu ubukubona ngohlobo lwezifundo abafundi emazingeni aphansi kanye nasemanyuvesi abalukhethayo. Ngasohlangothini lwabohlanga lokhu kuqale nje kuyimiphumela nezibazi zemfundo yobandlululo lapho abohlanga bebegxila nje emikhakheni ethize efana nobuthishela, ubuphoyisa kanye nobuhlengikazi.
Lokhu kungahleleki kwemfundo kanye nalokho okudinga umnotho kugqama kakhulu nxa usubuka amabhizinisi abamnyama abangena kuwo ngobuningi.
Uma uya komasipala izinkampani zabohlanga zigxila ezicelweni zemisebenzi yokupheka enemali encane. Abezizwe bona bakhulume ngemisebenzi yezigidi efana nokwakha imigwaqo.
Ukwethulwa kohlelo lukahulumeni iNational Development Plan (NDP) njengolusemthethweni ngo-2012 kwaveza isithombe esisobala esithi iNingizimu Afrika isiyazi lapho ifuna ukuya khona kwezomnotho nokusho ukuthi wonke umuntu kumele aye ngalapho. Enkulumweni-ngqangi yakhe ayethule ngoNhlangulana ka-2014, uMengameli wezwe wakubeka ngokusobala ukuthi lolu hlelo olusemthethweni lukahulumeni. Lokhu kwafakazelwa nguloyo onguNgqogqoshe wezezimali, uMhlonishwa uNhlanhla Nene, enkulumnweni yakhe ye mid-term budget ngoMfumfu nayilapho alimisa ngesihloko elokuthi ukwabiwa kwemali kuleli kulandela uhlelo lweNDP.
Uhlangothi lwezamabhizinisi nalo selwamukelile ukuthi iNDP le yiyo okuzosetshenzwa ngayo. Oyinhloko yakwaFirst Rand, nobuye abe yilungu leBhodi kwiBusiness Leadership South Africa (BLSA), uMnu uSizwe Nxasana, wacashunwa ethi mayelana neNDP: “Lona (NDP) akuwona umqulu nje kepha kumele njengebhizinisi sibheke ukuthi yini esingayenza ukulekelela, lokho kumele sikwenze ngokuqinisekisa ukuthi siyiqonda kahle”.
UMnu uNxasana wabeka wathi njengohlaka lweBLSA sebenazo izinhlelo zokuzama ukuxhumana nohulumeni ukuqinisekisa ukuthi kuba nokusebenzisana. “Zikhona izinhlelo kanjalo nocwaningo oluveza ukuthi amabhizinisi angalekelela kanjani ukuze iNDP iphumelele.
Esinweni esejwayelekile uma lezi zinhlaka sezivumelana (yize izinyunyana zona zingalunambithisisi lolu daba) osekusele kubukeka kuwuhlelo lwemfundo yakuleli okumele ilunjaniswe neNDP. Lokhu okusho ukuthi izikhungo zezemfundo kuleli kumele zikhiqizele umnotho.
Uma kungabukwa ngokwemiphumela kusuka ngo-2012 kuzoqapheleka ukuthi usemkhulu umqansa. Lokhu akudalwa nje kuphela yimiphumela kamatikuletsheni kepha nemiphumela yasemanyuvesi kanye nasezikhungweni ezifana namaFET lapho kufundelwa khona amakhono nakhona kukhona inkinga.
Ngokohlelo lweNDP imfundo kanjalo nokuthuthikiswa kwamakhono kuseqhulwini. Phakathi kokunye umqulu we-NDP ukhuluma ngokuthi kumele kube nokwesekelwa kwamakhono adingekayo ezinhlelweni ezifana neNational Infrastructure Plan (Sip), National Education Collaboration Trust (NECT).
Uhlelo lweNECT lumqoka kakhulu ngoba luhlele ukuvuselela izikole ukuba zibe sesimweni esihle sokuba abafundi bafunde futhi baphumelele. Lokhu kubukeka kuyimizamo emihle kepha ikhona ingozi yokuthi iphelele ezeni uma uhlelo lwezemfundo qobo lungayibuki noma lulekelele abafundi nothisha ukuba baqonde ngeNDP kanjalo nendima bona okumele bayidlale kuyo. Amazwe aphumelelayo ayakuqonda ukuthi amaphupho onke angamahle ngasohlangothini lukahulumeni kanye namabhizinisi kepha uma uhlelo lwezemfundo lungahambisani nalokho, lawo maphupho ayize leze.