Now Reading
IKwaZulu-Natal ingase ilahlekelwe wuqweqwe lukasopolitiki
Dark Light

IKwaZulu-Natal ingase ilahlekelwe wuqweqwe lukasopolitiki

Amadlelandawonye kanye nabantu baKwaZulu-Natal bangase balahlekelwe wumholi onesipiliyoni

 

ESIKHATHINI iKwaZulu-Natal kanye neNingizimu Afrika idinga ubuholi obunamakhono ehlukene kuvela izindaba zokuthi lesi sifundazwe singase silahlekelwe wuqweqwe lomholi.

Yize lolu daba lusakhulunyelwa phansi kepha ziyaqina izinsolo zokuthi kungase kube noguquko esigungwini sokuphatha saKwaZulu-Natal.  Ngokuthola kweBAYEDE sekunezibu eziningana uMhlonishwa uThembinkosi Willies Mchunu ephakamisa ukuthi usethi khumu. Umthombo walale phephandaba uthe yize kungaba khona izizathu ezingalunjaniswa nepolitiki, kepha okuhamba phambili yimpilo engeyihle kuMhlonishwa uMchunu.

“U-Comrade Willies ungomunye wabantu abahlonishwa kakhulu epolitikini yaseNingizimu Afrika, kanti futhi unamava amakhulu ezindabeni zokusebenza kukahulumeni kanye nezinyunyana. Kepha ngeshwa iminyaka kanjalo nesimo sempilo asisihle kahle nokungase kuphoqe ukuthi inkunzi endala ihoxe,” kusho lo mthombo.

UMhlonishwa uMchunu waziwa njengomuntu onomoya ophansi nongavamile ukuphakamisa izwi nosekuze kwachuma igama lokuthi ‘ungumakhuza emoyizela’. Akamusha kwezepolitiki ngoba ngaphambili useke wabamba izikhundla ezimqoka kuhulumeni, ku-ANC kanye nakwi-South African Communist Party (SACP). Ungomunye wabaholi  asebehlale kakhulu esigungwini esiphezulu  se-ANC esibizwa nge Provincial Working Committte nahlale kuso kusuka ngonyaka ka-1994.  Uphinde futhi wahlala ekomidini elifanayo kwi South African Civic Organisation (SANCO).

Ubambe iqhaza ekufukuleni ukwesekwa kwamaKhomanisi ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal. Kepha isikhundla agqama kakhulu kuso kuhulumeni kwaba yileso sokuba sehhovisi likaSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal. Lapha waqala kuleli hovisi njengesekela likaSomlomo  nagcina esenguSomlomo.

Nakwezentuthuko yomphakathi ubambe elikhulu iqhaza, ikakhulukazi ekuthuthukisweni kwendawo enomlando eThekwini, uMkhumbane lapho ayengusihlalo we-Cato Manor Development Association Board of Directors, usihlalo webhodi lase -Chief Albert Luthuli Hospital kanye nomsunguli kanye nosihlalo wesikhwama Isiphephelo Trust.

Ukushiya kukaMchunu esigungwini sokuphatha kuhulumeni waKwaZulu-Natal kunganomthelela omkhulu, hhayi kuphela ekusebenzeni kukahulumeni, kepha nakumfelandawonye KwaZulu-Natal. Ngokomthombo wethu, uMchunu ubamba iqhaza elikhulu ekuqinisekiseni ukuthi kunokusebenzisana phakathi kwamalungu e-ANC kanye ne-SACP. “Empeleni sebembalwa abantu abangaba yinomfi ehlanganisa amadlelandawonye lapha KwaZulu-Natal. Yize bekhona abantu abanjengo-Comrade James Nxumalo, isipiliyoni sikaMchunu simqoka kakhulu.”

See Also

Amanye amalungu e-SACP  esikhulume nawo akhale ngokuthi ukuhamba kuka Mchunu kungasho ukulahlekelwa ngamandla ezikhundleni ezimqoka kuhulumeni nakwi ANC. La malungu athe ukuhamba kwakhe manje “kungaba wukugembula” ngoba njengoba bengazi ukuthi kuzohamba kanjani odabeni lukaMhlonishwa James Nxumalo nesikhundla sokuba nguSihlalo weTheku.

UMchunu okwamanje uphethe izikhundla ezimbili ezimqoka kuhulumeni, okuyileso sokuba uMphathiswa kwezokuThutha kanye nesokuPhepha koMphakathi okuyinto abanye ababuka imkhandla kakhulu.

Okunye yikuthi phezu kwalokho uma uNdunankulu engekho kuvame ukuba kube nguye uMchunu obambayo.

Scroll To Top